Now Reading
ULinda Bukhosini – Umzwilili weTheku
Dark Light

ULinda Bukhosini – Umzwilili weTheku

Inkosazana uLinda Bukhosini, ungumphathi wesikhungo esiphezulu sezobuciko kulesi sifundazwe, iPlayhouse Company kanti selokhu aqala ukuba ngumqondisi waso indlela yokuphathwa kwezimali zaso yaqonda thwi nento okwakuyinkinga enkulu yaso phambilini

 

EKHULUMA neNew York Magazine (25 kuNhlolanja 1991) uBukhosini wagcizelela ukuthi yena ungumuntu wabantu ozalelwe eThekwini, wakhulela elokishini laseChesterville – ubaba wakhe wayengumlungu kodwa ngenxa yemithetho emibi yobandlululo ubaba wakhe nomama wakhe baphoqeleka ukuhlala ngokwehlukana nokwenza wakhula phansi kwesandla sikanina kusukela ekuzalweni kwakhe.

Ukhule ewuthanda kakhulu umculo kodwa ngenxa yokuthi wawungafundiswa ngokuyikho ezikoleni zaboHlanga waphoqeleka ukuzitholela umqeqeshi kathisha womlungu nowamsiza kakhulu ekulolongekeni kwezwi lakhe njengelyric soprano. Ikhono lakhe limenze yena nomyeni wakhe uMnu uBongani Tembe baba ngaboHlanga bokuqala ukuba ngaphansi kwenkampani enkulu yomculo we-ophera lapha eNingizimu Afrika. UBukhosini akazange awakhohlwe amazwi kagogo wakhe lapho njalo ayegcizelela khona ukuthi uma ufuna ukuba sezingeni elilodwa nabamhlophe kumele ufunde, ukwazi ukukhuluma ulimi lwabo kodwa ungakhohlwa izimpande zakho nalapho uqhamuka khona nokuthi ungubani! Yena nomyeni wakhe banendodakazi uNondumiso Tembe nolandele ezinyathelweni zabo ngokungena kubonakale embonini yezobuciko. UBukhosini usehambele amazwe amaningi njengomculi okubalwa kuwo iBrazil, i-America, iGermany, iMalaysia namanye. Kanti useke waculela izikhulu eziphezulu emhlabeni okubalwa ababengoMengameli uDokotela uNelson Mandela, noThabo Mbeki, uKofi Anan (owayengunobhala-jikelele we-United Nations odabuka eGhana), uNdlovukazi yamaNgisi kanye noSobaba uDesmond Tutu ukukha phezulu! UBukhosini kanye nomyeni wakhe baqokwa ukuba kube yibo abaculayo nasemngcwabeni kaDokotela uMandela kanti kuyena lokhu kwasho lukhulu njengoba wayeseke waculela uMandela izikhathi ezinhlanu esaphila nokuyinto enkulu kakhulu empilweni yakhe!

UBukhosini ufundele umculo iminyaka eyisishiyagalolunye kanti eyisithupha yayo uyenze eJulliard School, eNew York ngemva kokugixabezwa ngomfundaze. Kuleli wawufunda kanzima umculo ngezikhathi lapho aboHlanga kwakumele babe nezimvume eziyisipesheli ukuze bafunde emanyuvesi. Akafundelanga nje kuphela umculo kodwa wafunda nangebhizinisi eliphathelene nokuphathwa kwawo umculo nezobuciko. Lokhu kumenza abe ngomunye wabesifazane abavelele ekuphatheni izikhungo eziphezulu kuleli  nento ethanda ukuba yindlala. Uma sibheka iNational Film and Video Foundation (NFVF) nayo isiphethwe owesifazane uNkosazane uZama Nkosi kanti udabuka kusona lesi sifundazwe, elokishini eMlazi. Khona futhi lapha eThekwini kunoNkk uStella Khumalo osephethe indawo yezokuvakasha iShaka Marine kanti uke waba seMnyangweni Wezobuciko njengenhloko yawo! IMarket Theatre, eGoli nayo inomphathi wayo ophezulu wesifazane u-Annabell Lebethe.

Njengomqondisi weThe Playhouse Company ufike noguquko oluningi noluthuthukise izinhlelo eziningi zaso okubalwa iSouth African Women’s Arts Festival, iNews Stages Festival, iSchools Programme, Isicathamiya, Ingoma kanye nezinye.

UBukhosini ungumlandeli omkhulu kaPhuzekhemisi kanti uyazifela ngomculo kaMiriam Makeba, wamaMahotella Queens kanye noweLadysmith Black Mambazo. Uzibophezele kakhulu ekuthuthukiseni ezobuciko ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini ngokubambisana namaciko kanye nezikhungo zobuciko ekuqinisekeni ukuthi intuthuko yezobuciko ifinyelela kuzo zonke izindawo.

See Also

Uyazifela ngomdlali weReal Madrid uRonaldo kanye noJomo Sono kuleli. Uyakholelwa ekubambisaneni kanti akahambisani nokudicelela phansi imisebenzi emihle yabantu bakithi abasebenza kanzima ukubeka izwe lethu nemiphakathi yethu phezulu. Uhlale njalo ezivulile izandla zakhe kulabo abafuna ukubeka imibono eyakhayo nengenza ezobuciko zesifundazwe sethu kanye neTheku ziye phezulu.

Abesifazane bethu abanempokophelo wokubeka induku ebandla kwezobuciko kumele bafunde lukhulu kuBukhosini futhi ukubakhona kwakhe kunika ithemba ukuthi baningi abangamaciko besifazane abazokhuthazeka ukuthi baphokophelele ukuba ngabavelele kulemboni. Impela siyashoda ngabaqondisi besifazane abafana noNkosazana Linda Bukhosini, siyashoda ngabakhiqizi besifazane kulesifundazwe… phezu komkhono!

Njengamanje lesi sikhungo (iPlayhouse Company) sivulele izicelo zalabo abanemisebenzi abafisa ukuyenza naso kanti amafomu okufaka lezi zicelo avuliwe kuze kube zingama-31 kuNdasa 2016.

Scroll To Top