Now Reading
UThembi Nyandeni uvuse igama leNkosazana uMkabayi
Dark Light

UThembi Nyandeni uvuse igama leNkosazana uMkabayi

KWAZULU iNkosazane uMkabayi kaJama yaziwa kakhulu ngokubamba kwayo iqhaza elikhulu ekuqinisekeni ukuthi umbuso waseNdlunkulu uyavuka. Lokhu wakwenza ngemuva kokuba isizwe simfulathele yena nodadewabo ayeyiwele naye uMmama. Phela KwaZulu amawele ayebukwa njengento eyisishwabulo sabaphansi. Yingakho kwakunomkhuba wokwendingisa elinye laewo.

Umlando uyasibekela ukuthi iNgonyama uJama yaphikisana nesizwe kulokhu  yanquma ukuwakhunga omabili amawele yize uMkabayi kwakumele agingiswe igabade. Ukukhula kukaMkabayi engathandwa, enyamambana esizweni kwamenza wanaka kakhulu izinto eziqondene nendlu yakwabo. Nguye owafunela uyise uJama uNdlunkulu uMthaniya nowazibula ngeNkosana uSenzangakhona, uyise encoma ukuthi “nenze kahle bantabami”. Akagcinanga lapho uMkabayi ngoba wavikela umfowabo kwaze kwaba uyakhula uthatha ubukhosi – kukhona nesikhathi lapho aqhoqhobala khona isikhundla sobukhosi kwaze kwaba uSenzangakhona ubamdala wase edlulisa isihlalo kuye ngoba esabela ukuthi uma kwakungase kubambe omunye wayengase agoloze nesihlalo sikaSenzangakhona. Nguye futhi uMkabayi owamukela ngezandla ezimhlophe iLembe selithathe ngodli ubukhosi esho nokusho ukuthi uZulu usethole iNkosi eyiqhawe njengaye! Nguye futhi uMkabayi owaba setulweni lokuhlangana ngokusocongwa kweLembe ekhohliswe abaNtwana uDingane, uMhlangana kanye nenceku uMbopha kaSithayi! Yingakho uma kubizwa igama leNkosazane uMkabayi kuye kube nokuphakamisa amehlo nalowo osuke eqanjwe ngalo abhekwe ngamehlo abanzi.

Kumathelevishini ethu akekho ongamazi uMkabayi we-Isibaya odlalwa uNks uThembi Nyandeni nokuthi uma kuvele isiqephu esinayo kushukume yonke into. UThembi Nyandeni umlingisi owaziwa kakhulu njengoSelina Khumba kwiZone 14 kaSABC1 (kusukela ngowe-2005).  Lapha kwi-Isibaya unguMkabayi Zungu, ongagayelwa mphako kanti nasesibhanyini uyazibambela kuginqinge amadoda. Lapha kwiSibaya ungumfowabo kaMpiyakhe Zungu. Ungumholi ohlonishwa ngokwesatshwa abesilisa nabesifazane kwiSibaya.

Useke waklonyeliswa ngendondo ye-Outstanding Lead Actress kumaRoyalty Soapie Awards ngoMarch 2014 ngenxa yokulingisa kahle uMkabayi – waphinda waklonyeliswa futhi nakuma South African Film and Television Awards (Best Actress in a TV Soap).  UThembi Nyandeni usesebenze cishe kuyona yonke imikhakha yale mboni yezobuciko. Njengomlingisi weshashalazi nethelevishini usesebenzile futhi njengechoreographer, umculi, umbhali kanye nomcwaningi wemidlalo efundisayo yabantwana.

Ngowe-1992 uThembi Nyandeni wasungula inkampani yeshashalazi eyaziwa ngeBaobab, nayisebenzisa ekusungulweni kwe musical ye-UMOJA. UMOJA waklonyeliswa ngendondo ephezulu yeFirst National Bank VITA AWARD for Best Musical Production and for Best Review ngonyaka wezi-2001. Nasemphakhathini wakhe usebenza kanzima ekhuthaza intsha ukuba ibe nothando lwemisebenzi yezobuciko. Kwenziwa UMOJA nguye owenza wonke amacostume akhangayo aleproduction ngawo ayekhuthaza ukuzigqaja ngemizimba yabo kwabesimame abasebasha base-Afrika. Kanti ukwenza UMOJA wayebambisene nomngane wakhe akhula naye uTodd Twala,

UThembi Nyandeni useke wadlala kwifilimu yeTsotsi (2005), A Reasonable Man (1999) neThe Redemption: Kickboxer 5 (1995).

See Also

Kungumlando ukuthi ngeminyaka yama-1950, uHulumeni wobandlululo wenza imithetho emibi yamapasi kanye neyeGroup Areas Act. Lo mthetho wawunikeza igunya ukuba akhethele abeNgabadi lapho bezohlala khona. Ngenxa yalokhu baningi abasuswa ezindaweni zabo bayohlala lapho bengathandi khona – besuswa ngaphandle kokunxeshezelwa. Ngowe-1968 yena nomndeni wakhe bavuswa umsindo kagandaganda omkhulu ubhidliza umuzi wakubo eGeorge Goch baphoqwa ukuyohlala eSoweto ezindlini ezincane ezingenagesi namanzi. UThembi Nyandeni ukhule ngaphansi kwalezi zimo nezimenze waba nempokophelo yokusebenzisa ezobuciko ukuxoxa izindaba ezingeNingizimu Afrika. Wafunda eVukayibambe Higher Primary School khona eSoweto.
Ngezikhathi zakhe abeNgabadi babengavunyelwe ukudlala ngaphambi kwezibukeli zabelungu. Kodwa ngokuqhubeka kweminyaka ngowe-1970 kwaba nokuxegiswa kwalokhu nabalingisi boMdabu sebekwazi ukuzithola bedlalela izibukeli ezixube izinhlanga. Ingalesi sikhathi lapho uNyandeni ezithole esedlala kwi-IPI NTOMBI Musical eyayiqondiswe umlungu uBertha Egnos ngonyaka we-1976.  Ngowe-1978 uzithole esedlala eLondon’s West End Theatre kwiMEROPA. Uchithe isikhathi esiningi ehamba amazwe ne-IPI NTOMBI beseBroadway (NY), USA, Europe nasemazweni ako Scandinavia, ise Australia nase New Zealand. Lonke lolu lwazi nesipiliyoni lwamphendlela indlela ukuba akwazi ukuqala UMOJA.  Uke futhi waba kwiPals of Africa lapho ayedlala futhi ecula khona noTodd Twala behambela amazwe angomakhelwane beNingizimu Afrika – becula besebenzisa umculo weJULUKA.

Sekungumlando namhlanje ukuthi uNyandeni wangena wangabheka emuva kwezokulingisa kwithelevishini. Useneminyaka engaphezu kwamashumi amane (40) ekule mboni yezobuciko – lapha sikhuluma ngoThembi “Mkabayi” Nyandeni ongasaconsi kubathandi nababukeli bethelevishini.  Okwenze kwabalula ukudlala kwiSibaya ukuthi ukhule emndenini webhizinisi lamatekisi ngoba uyise ukhulise zonke izingane zakwabo eziyisishiyagolombili (8) ngemali yamatekisi nokwenze kwabalula kuyena ukudlala le ndawo kaMkabayi Zungu. Umsebenzi wakhe kwiSibaya wenzeka kalula ngenxa yokuthi nomuntu adlala naye ongumfowabo, uSiyabonga Twala (Mpiyakhe) naye unolwazi olunzulu ekulingiseni kwishashalazi!

Akuthanda kakhulu nge ISIBAYA ukuthi asiseyona iTELENOVELA (eba nesikhashana) manje sesiyisoapie – yona enempilo ende – nokwenza abalingisi abaqashwe kuyo babe nomsebenzi abangathembela kuwo!

Scroll To Top