Now Reading
Owezi-2016 unyaka owokhetho e-Afrika
Dark Light

Owezi-2016 unyaka owokhetho e-Afrika

Izinkomba zikhomba ukuthi izwekazi liyebuza, lisuka kokudala liya kokusha okungasho uzinzo nokukhula komnonotho

 

ENYE yezinto ebekwa njengobufakazi bokuthi nembala izwekazi i-Afrika liyaguquka wudaba lokubanjwa kokhetho nayilapho izakhamuzi zithola khona ithuba lokukhetha uhulumeni kanjalo nababusi ezibathandayo. Lokhu kuke kwaba yinto engaziwa kuleli zwekazi ngenxa yababusi abebenede bangene nje ezikhundleni bese begoloza ukuphuma. Ngenxa yalesi simo iningi lezakhamuzi zase-Afrika zaba neshwa lokuthi kuthathe isikhathi ukuba zivote okwesibili noma okwesithathu emuva kokuvotela uhulumeni owabe uholwa yiqembu lenkululeko.

Nokho lokhu kubukeka sekuyindulo ngoba amazwe amaningi aseyaba nokhetho emuva kweminyaka ethize uhulumeni ukhethiwe. Yize kuke kube nezigqinamba njengoba kuhlale kwenzeka okhethweni kwamanye amazwe, ukubanjwa kokhetho emazweni ase-Afrika kubukeka kubamba iqhaza elimqoka ekusondezeni izakhamuzi kanye nababusi nohulumeni.

Kanti okunye okuba yimiphumela yokhetho emazweni ase-Afrika kuba wukucintisana kwangaphakathi emaqenjini ezepolitiki. Lapha kuvela  izinto eziningi, ezinhle nezimbi.  Okuhle wukubona kwanda amaqembu aphikisayo nakwaziyo ukudlisela elibusayo ogageni. Kanti khona lapho emazweni lawa kwanda abaholi abasha (ngeminyaka kanye nangamava) nabaletha umfutho kanye nemibono emisha. Kanti ngakolunye uhlangothi kukhona okubi okuvelayo lapho sibona ukuncintisana sekwenza kube nezimpi zomkhaya. Lokhu kwenzeka kakhulu emazweni lapho abaholi bakhona besazibona besengangenela ukhetho abanye baze bagile imikhuba ngokuba baguqule umthethosisekelo ukuba uvune bona. Ngaleso sikhathi benza njalo amalungu omphakathi nezinhlangano zawo bavuka umbhejazana. Lokhu kubonakele ezweni laseBurundi lapho ibidudulana phakathi kwalabo abaseka loyo onguMengameli wezwe uMnu uPierre Nkurunziza kanye nabalandeli bamaqembu aphikisayo.

Ibonakele futhi intuthu e-Uganda ngesikhathi sokhetho lapho abalandeli baloyo obecele inselele konguMengameli wezwe uMnu uYoweri Museveni. Abalandeli bakaMnu uKizza Besigye ohola iForum for Democratic Change  bagcwala imigwaqo bekhala ngokuthi kube nomkhonyovu.

See Also

Yize kunjalo kukhona ukuvumelana ekuthini i-Afrika iyebuza kulokhu eyabe iyikho. Sekukhona ukwamukela kubaholi nakuzo zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi ukhetho lumqoka ekuzweni imizwa yabantu ngohulumeni kanye nokuphathwa kwezwe.  Lokhu sekube nemithelela emihle kwamanye amazwe ngoba  kukhonge abatshalizimali.

Amazwe okulindeleke ukuthi abambe ukhetho nonyaka yilawa alandelayo; iZambia, iNiger, iBenin, iGhana, iRepublic of Congo (kuLwezi), i-Uganda (kuNhlolanja), iChad (kuMbasa), iCongo-Brazzaville (kuNtulikazi), iGabon (kuNcwaba), i-Equatorial Guinea (kuLwezi), iNingizimu Afrika kanye neDjibouti. Amazwe angavezi izikhathi zokuvota abengakazigaguli.

Scroll To Top