Ukhetho lwezindawo lungase luvuse indulo


Sekukhona ukwesaba ukuthi ukulwa kangaphakathi emaqenjini kungase kwande njengoba kuza ukhetho futhi kulimale nabantu
UMLANDO weNingizimu Afrika uqoshwe ngezingazi zezizukulwane ezahlukahlukene. Kusuka ezimpini zokuvikela umhlaba kwabafika nemithwalo kuya ezimpini lapho umkhonto ugwaza ekhaya, kubhekene aboHlanga ezinhlanganweni zezepolitiki. Kuhlawumbiselwa ukuthi babalelwa ezinkulunganweni ezingama-20 abantu ababulawa odlameni olwabe luphakathi kwe-African National Congress (ANC) kanye ne-Inkatha Freedom Party (IFP). Lesi kwaba yisiwombe esaba buhlungu emlandweni womzabalazo ngoba umkhonto wabe usugwaza ekhaya, abacindezelwa bebhokodana bodwa.
Yize sekwaphela iminyaka engaphezu kwamashumi amabili lokhu kwenzeka kweminye imiphakathi nemindeni kusenesilonda ngoba lolu dlame lwadla amakhosana namakhosazana emizi, kwasala izintandane. Kungalesi sizathu sekukhona ukukhathazeka ukuthi kungenzeka yini ukuthi isifundazwe sakwaZulu-Natal nezinye izifundazwe kuleli seziphindela kuloyo mlando obuhlungu. Nokho kukhona umahluko kulokhu okwenzeka manje. Kuqala kwabe kubhekene amaqembu amabili kulokhu kubhekene abalandeli bamaqembu. Umbango ungaphakathi kanti kawuhlangene nenqubomgomo ethize kepha kubukeka kubangwa amaphalishi. Lesi simo sibukeka sizodlanga njengoba kusondele ukhetho loHulumeni Bezindawo nayilapho kulindeleke ukuthi wonke umuntu afune ukuba sohlwini. Ukudubulana okwenzeke eNtshanga ngesonto eledlule kumataniswa nokulwa kwangaphakathi ku-ANC nalabo edlelana nabo.
Okwamanje i-ANC ibukeka isathwele kanzima ngoba lo mbango wangaphakathi uyaqonga nakwezinye izifunda lapho kugcina abantu bebambane ngezihluthu nempahla okubalwa namahhovisi ale nhlangano icekelwa phansi yibo abazibiza ngamalungu eqembu. Okubukeka kulukhuni kakhulu wukuthi abantu okulindeleke ukuba babe ngabalamuli manxa amalungu enokungaboni ngaso linye okungabaholi nabo kabasekho msulwa emibangweni ekhona nokwenza kube lukhuni kubo ukuba babhule imililo. EsiFundeni iKwaZulu-Natal uhlangothi olungeneme ngemiphumela lapho kwaqokwa khona uMnu uSihle Zikalala owasusa uMnu uSenzo Mchunu kwesokuba nguSihlalo kalufihlanga ukuthi manxa izikhalo zalo zinganakwa bazogovuza abantu badunge nezihlelo ze-ANC zemikhankaso yokhetho oluzayo.
Yize umsindo usakhonjwa ku-ANC namanye amaqembu ubukeka ezoba senkingeni ngoba nakuwo kukhona asebethi sesifikile isikhathi sabo “kawaphume” amakhansela amadala. Amaqembu afana neNational Freedom Party (NFP) kanye ne-IFP uma engenazo izinhlelo ezibhekene nokuhlanganiswa kohlu lwamagama angase azithole esenkingeni. Lokhu kungadalwa wukuthi kukhona abangase basebenzise la maqembu ukufeza izinhloso zabo lapho umuntu ezothi nxa engekho ohlwini leqembu thizeni bese eyozama inhlanhla kwelinye. Lokhu nje kukodwa kungadala umsindo ngoba uma abantu bengase babe nomuzwa wokuthi la malungu amasha avela kuNFP eya ku-IFP noma esuka ku-IFP eya kuNFP angase avele ohliwni, labo abakeda bekade belindile bangasusa umsindo ngoba behumusha lokho njengokwenzelela.
Kungayiphutha ukucabanga ukuthi lokhu kubanga ukuba sohlwini kwenzeka ezinhlanganweni ezineningi laboHlanga ngoba nasemaqenjini afana neDemocratic Alliance (DA) kanye neMinority Front (MF) usuqalile umsindo yize ungaqhakanjiswa kwabezindaba. Umbuzo ngothi ngabe amalungu ezinhlangano nabaholi bangaba yini budedengu bavumele izidingo zabo zibuyisele leli lizwe esikhathini esedlule, ukuthi ngabe umkhonto ungaphinda yini ugwaze ekhaya.