Now Reading
Usunindekile noMnyango kwelamabhasi nemizila
Dark Light

Usunindekile noMnyango kwelamabhasi nemizila

Zingena zilakanyana izikhalo ngenkohlakalo ethinta ubunini bamabhasi kanye nemizila kwaZulu-Natal

 

LOKHU kulandela uchungechunge loshicilelo lweBAYEDE oluveza umlando wokuwakwa kwaBohlanga yizisebenzi zikaHulumeni, osopolitiki kanye nezinkampani zabomdabu waseNdiya. Kuleli sonto umunwe usukhombe eMnyangweni WezokuThutha ngaphansi kukaMhlonishwa uWillies Mchunu. Yize okaMacingane  okwamanje engathinteki siqu kepha umunwe ukhomba izisebenzi zoMnyango wakhe kanye naloyo owabe eyilungu leSishayamthetho sakwaZulu-Natal emele Inkatha Freedom Party (IFP), uMnu uThulasizwe Buthelezi. Udaba lulethwe kuBAYEDE nguMnu uMduduzi Sithole ongumphathi wo-UThungulu Bus Line eMpangeni. UJobe (abakwaSithole) ukhomba umgunyathi othinta abathile boMnyango, usopolitiki kanye noMnu uMohamed Paruk, nathi kwabe kuhlose  ukumcekela phansi. Ngokusho kukaSithole uthi kuyimanje amabhasi akhe angamashumi amane (40) awathenge ngowezi-2014  asephenduke isidleke sokuzalela izinkukhu ngenxa yokuthi izikhulu zoMnyango WezokuThutha zihudula izinyawo ukukhipha inkampani kaMnu uParuk emzileni.

Ukuze ufunde lonke udaba, thenga iphephandaba loHlanga namuhla.

Scroll To Top