UKunene wenze ubulungiswa endaweni abeyilingisa


KULELI sonto ababukeli bethelevishini eNingizimu Afrika babuke ingcwenga yokulingisa obekuvela emdlalweni oluchungechunge, ISIBAYA odlala kuDSTV Mzansi Magic. Yize abaningi bekuthokozele lokhu kepha kwabanye kunokukhala ukuthi lo mdlalo uhanjelwa wugalagala lomlingisi uVusi Kunene.
Iningi liyavumelana ukuthi uKunene wenze ubulungiswa endaweni abeyidlala njengeNkosi yesizwe saseMabomvini endaweni yaseBhubesini. Yize bekungekhona okokuqala kukhona umlingisi odlala indawo yenkosi, okukaMtimande ( abakwaKunene) bekwehlukile. Ukudlala indawo yenkosi esizweni samaZulu kuhlale kuyinto ebucayi ngoba lesi yisizwe esiqaphelayo ukuthi ngabe lokho okungamasiko noma amagama asetshenziswayo kawaphambani yini nalokho okwaziwayo. Kulo mdlalo uKunene ubebhekene nomqansa wokungagcini nje ngokulingisa kepha obekukhulu wukucwaninga ngesikompilo nomlando walokho akulingisayo.
Ekhuluma neBAYEDE ngonyaka owedlule uKunene wakuqinisekisa ukuthi ngaphandle nje kokulandela ucwaningo olusuke lwenziwe ngabadidiyeli bomdlalo naye uzihluphile ukuthola ulwazi kwabanye abantu abangongoti ngesikompilo lamaZulu. “Kimi kwakunganele ukulandela ucwaningo olukho, kepha ngazinika umsebenzi wokuba ngixhumane nabathile ukuze ngibe nolwazi oluthe thuthu. Lokho kwenza ngafinyelela naseSandlwana lapho oNgangezwe Lakhe ayethula inkulumo ngonyaka wezi-2015”.
Ekuhambeleni kwakhe eSandlwama uKunene wenza okungajwayelekile lapho engacinanga nje ngokuba ngusaziwayo kepha wagcina esengene ezinsizweni naye wenza okwenziwayo, wahuba nebutho kwanjeya. Emdlalweni ISIBAYA ukwenze konke kusuka emvunulweni, isigqi kanye nokuphimisa magama ukuqinisekisa ukuthi umbukeli akagcini nje ngokwenanela umdlalo kepha uyavunda nangesiko mpilo likaZulu. Lapha nabadidiyeli balo mndlalo kumele bashayelwe ihlombe. Yebo bekukhona obekungenziwa kangcono kepha okuningi kunike isithombe esiyiso.
Le nsizwa yakoMtimande izalelwe elokishini laseSoweto, eMeadowlands, eGoli zili-12 kuMbasa 1966. Kuthiwa kahle kahle wayezalwe ngosuku olwaziwa ngeFriday the 13th, kwase kuthi ngokubona lokhu unesi nangokukholelwa ukuthi lolu usuku olwebhadi wayeseshintsha usuku wabhala umhlaka 12 April.
UKunene wavunjululwa wukungena kuShell Road to Fame School of the Arts, okwakuyisikole esasiqeqesha labo ababezongenela lo mcintiswano – ilapho-ke ikhono lakhe lokulingisa labonwa khona.
Ngonyaka we-1991 uKunene ungene eWits School of Drama, lapho enze khona iziqu zeDramatic Art nalapho edlale khona imidlalo eminingi yabafundi efaka noThe Hill, nalapho abonwa khona i-agent uMoonyeenn Lee.
Esafunda khona eWits School of Drama waqashelwa ukudlala emdlalweni emithathu yethelevishini okuyiDrumbeats, eyayiqondiswe uJurgen Shaderburg; iThe Line neyayiqondiswe uBrian Tilley weChannel Four; kanye nomdlalo i Rhodes, owawuqondiswe uDavid Drury wenzelwe iBBC. Ephuma eWits uqashelwe ukudlala indawo ephambili kuThe Coloured Museum eyabe iqondiswe u-Itumeleng Motsikoe yenzelwa eMarket Theatre.
Ubuye waqokelwa ukudlala indawo kaMfundisi uMsimango, kuCry the Beloved Country (1995), neyayiqondiswe uDarryl Roodt. Lokhu kwalandelwa ukugidlabezwa ngemiklomelo yeM-Net All Africa Film Award for Best Supporting Actor neZimbabwe-Southern African Film Festival Award for Best Performance ngokudlala ngokusezingeni eliphezulu indawo kaMfu uMsimango. Kanti kweminye yemiklomelo kukhona neGolden Horn Award for Best Actor in a TV Drama Series
Ukudlondlobala kwakhe kumbone eqashwa kuHomelands (1996) iqondiswe uNeal Sundstrom nokwalandelwa ukudlala kuDeafening Silence (1997) eyayiqondiswe u-Ettienne De Villiers, yomibili eyadlalwa kwaSABC Television. Ngowe-1998 udlale kuJustice for All iqondiswe uPeter Goldsmid, nalapho ewine khona i-Avanti Award yoMlingisi Ovelele.
Ubuye waqokelwa kuNTVA Award njengoMlingisi Ovelele ekudlaleni indawo kaDaniel Mofokeng kuHomelands, futhi uqokelwe kulo mkhakha iminyaka emithathu ilandelana (2002-2004) ngokudlala uJack Mabaso kuGenerations.
Ngowe-1996 udlale emafilimini amabili iFools iqondiswe uRamadan Suleman, neKini and Adams (1997) eyayiqondiswe u-Idrissa Ouedraogo weFramework, eZimbabwe. Ngowe-1998 ubonakele ku-A Reasonable Man kaGavin Hood neyalandelwa iKing is Alive, yeDogma neyayiqondiswe uKristian Levring (Namibia) ngowe-1999. Ubuye futhi wabonakala kuFinal Solution (2001) nakuDiamond Hunters. Ubuye wadlala indawo ephambili nakuYizo Yizo 2 eyatshengiswa kuSABC1. Ngowe-2008 uphinde wabonakala edlala indawo kaDoctor Gulubane kuThe No. 1 Ladies’ Detective Agency, ebiqondiswe umufi u-Anthony Minghella. Udlaliswe indawo ephambili uKunene kuSoul City (10) nebidlala kuSABC1 ngowezi-2010. Amanye amafilimu aseke abonakala kuwo uKunene kubalwa iThe First Grader (2010), i-Elelwani (2012), iWaati (1995), Final Solution (2001), iState of Violence (2010).
Emdlalweni ISIBAYA uMtimande wenyuse izinga, waphinde wafundisa okuningi. Ngekhono nabanye abanjengayo lakhe iNingizimu Afrika akumele izenyeze ngabalingisi enabo ikakhulukazi aboHlanga. UMtimande usenze zaziqhenya sonke ngokuthi singabasemakhaya nokuthi siyisizwe esinoBukhosi. Abalandelayo sebenesisekelo abangaqhubeka kuso.