Now Reading
Basabambe udwadwa ngezindlu oSuthu kwaNongoma
Dark Light

Basabambe udwadwa ngezindlu oSuthu kwaNongoma

Phezu kwezethembiso zoMnyango kanye noMasipala umphakathi usalinde ukwakhelwa izindlu zomxhaso

INDAWO yasoSuthu kwaNongoma idume ngokuba yindawo lapho imikhosi kaZulu enjengoMkhosi woMhlanga kanye nowoSwela ibanjelwa khona. Njengazo zonke izindawo kwaZulu-Natal le ndawo iyilambele intuthuko yengqalasizinda okufana nemigwaqo kanye nezindlu. Nokho lokho akwenzeki ikakhulukazi uma kufikwa ekwakhiweni kwezindlu zomxhaso.

Ekuqaleni konyaka iBAYEDE ibike ngenkombankombane ekhona phakathi koMnyango Wezezindlu oholwa nguMhlonishwa uRav Pillay, uMkhandlu wakwaNongoma oholwa yiMeya uMnu uMavundla kanye nezinkampani ezazinikwe ithenda yokwakha izindlu. Oshicilelweni lwamhla lulu-1 kuMbasa ngaphansi kwesihloko esithi “Iyagudlana intengo yamaqili kuMasipala wakwaNongoma”  leli phephandaba labika ngohlelo lwezindlu iSiyazama Rural Housing Project okwakuhloswe ngalo ukuhlomulisa umphakathi ontulayo wasoSuthu. Ngokwamadokodo lolu hlelo olwaqala ngonyaka we-2001 kwakubhekeke ukuba luphothulwe ngowezi-2012.  Odabeni lokuqala izinkampani ezazithinteka okwakuyiFEDECO Homes kanye neMagxabhashe Construction zakhomba ngomunwe uMasipala wakwaNongoma nezikhulu ezithize ukuthi yizo ezibambezela intuthuko ngoba bezizifunela ivenge kuzo.

Ukundonda kwalolu hlelo kwaqinisekiswa ngabaholi bomphakathi okuhlanganisa nezinhlaka zoBukhosi. Ekhuluma naleli phephandaba uDkt  uDumisani Khumalo onguSihlalo Wesakhiwo SoBukhosi sasoSuthu (OSuthu Tribal Authority)  wakuqinisekisa ukuthi nembala lapho zonke izingxenye zezwe leNgonyama zithakasela ukwakhelwa izindlu, ezinyaweni zaso iSILO, oSuthu  akunyakazi. “Awu akukho okuqaliwe. Silindile phela kwazise sazi ukuthi uHulumeni unomlando wokuthatha kancane. Impela asikaboni ngisho lokhu okuthiwa yislap okuyingqalazinda nxa kuzokwakhiwa,” kusho uDkt  Khumalo.

Emuva kokuphuma kombiko wokuqala loyo onguMphathi kaMasipala wakwaNongoma uMnu uBonga Ntanzi wazifikela mathupha emahhovisi eBAYEDE ‘ezochaza ngobuqiniso’ balokho okwakwenzeka oSuthu. UFakazi kananazanga ekutheni lokhu okuzekwa yizinkampani yi “ntimbothi” nje: “Sinqamule inkontileka yabo  (esho izinkampani lezi ezithintekayo) ngoba behlulwa ngumsebenzi. Futhi lokhu sikwenze ngemuva kwemizamo eminingi sibanikeza amathuba okuba basheshise ukuphothula lolu hlelo lokwakhela umphakathi wasoSuthu izindlu.  Njengoba kwasekuphele iminyaka eyisithupha  lo msebenzi unganyakazi,’’ kusho uMnu uNtanzi.

Ngaleso sikhathi uMnu uNtanzi waliphimisa elokuthi  lezi kwabe kuyizinsolo mbumbulu lapho inhloso kwakuyikho  ukudicilela phansi isithunzi sikaMasipala wakwaNongoma. Waphinde wakuchitha ukuthi uhlelo lokwakhiwa kwezindlu selubhuntshile wathi konke kuhamba kahle nokuthi luzophothulwa maduzane.

Esikhathini esiyizinyanga ezili-9 kwaba nalo mbiko, iBAYEDE ibuyele kwaNongoma ukuyothola ukuthi ngabe izinto sezihambe kangakanani.

Imibuzo iqalwe yahlonywa kuwo uMkhandlu lapho intatheli ithinte uMnu uNtanzi  nokho yehluleka njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe kodwa osehhovisi lakhe ongazidalulanga uthe useholidini lomhlabakhefu. ube eseyalela ukuba kukhulunywe noMnu uBongani Dlamini okuvele ukuthi ubambe njengeMeneja yoMkhandlu.

Ebuzwa uMnu UDlamini ukuthi sekubambeni, uvele washona ezintangeni: “Hheyi mfowethu angithandi ukukuqambela amanga nami angazi. Kodwa ke ngisazoke ngibuze kwabanye ozakwethu esinabo emkhandlwini, ngizobuya kuwe nezimpendulo lingakashoni elakusasa (uLwesithathu),” kusho uMnu uDlamini.

IBAYEDE isuke lapho yaqonda kubaholi bomphakathi ababekade bephawuile ngalolu daba ekuqaleni. Umholi womphakathi uMnu uMzikayise Masondo nowayengusihlalo walolu hlelo  lwezindlu ugxeke izikhulu zikaMasipala ethi zibhuntshise ukuphothulwa kokwakhiwa kwezindlu ngenxa yenkohlakalo nombango wamathenda.

“Yibo abanqamula inkontileka kaMagxabhashe ngoba benqabe ukugwazela izikhulu ezithile zikaMasipala. Phela lezi zikhulu yizo ezifuna le thenda inikezwe inkampani yomuntu  ozovuma ukuba agwazelwe. Kumanje abakwazi ukuqasha enye inkampani ngoba besaba ukuthi iMagxabhashe izobayisa enkantolo,’’ kusho uMnu uMasondo.

Uqhubeke  waveza nokuthi uMasipala usuke wazama ukuqasha izinkampani ezimbili ngemuva kokumisa iFedeco Homes neMagxabhashe Construction.

See Also

“Nazo lezi zinkampani ziwushiye phansi umsebenzi ngoba kungekho okubhalwe phansi ukuqinisekisa ngomsebenzi wazo. Enye yalezi zinkampani yiSims Construction nayo egcine ihoxile. Baphinde baqasha iSiqu  Construction ukuba iqedele lo msebenzi nayo futhi iwulaxaze phansi lo msebenzi ngenxa yezinkinga ezidalwa yilezi zikhulu zomkhandlu,’’ kuqhuba uMnu uMasondo.

Ozula’Azayithole babuyelile kuloyo onguSihlalo woMkhandlu wasoSuthu uDkt uDumisani Khumalo naye ubabaze le mikhuba egilwa kumphakathi wasoSuthu.

“Mfowethu selokhu salinda lezi zindlu ngowezi-2012 kodwa lutho ukuphela njengoba kwezinye izindawo kwagcina kumbiwe iziza kwashiywa kanjalo. Manje sesize saphelelwa yithemba lokuthi ziyoke zakhiwe. Kuyacaca ukuthi nakulokhu umphakathi waKwaNongoma, oSuthu usazoba noKhisumuzi omnyama ulindile.’’

Okhulumela uMnyango WezokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu uMbulelo Baloyi ukuqinisekisile ukuthi lo mphakathi wasoSuthu usazolinda eminye iminyaka ngaphambi kokuthola izindlu zawo.

“Inkinga imayelana nokunqanyulwa kwenkontileka yenkampani iMagxabhashe eyayiqashwe nguMasipala ukwenza lo msebenzi. Manje uMasipala usabhalele uMnyango incwadi ufuna kuqashwe enye i-Implementing Agent okuzodala ukuba luphinde lubambezeleke ukuqaliswa lolu hlelo lwezindlu,’’ kusho uMnu uBaloyi.

Scroll To Top