Asingazibi ngamagama atomota ukuntshontsha sibe seba

LAPHO engisebenza khona bekupendwa kulezi zinsuku. Bese ngibejwayele abanye abapendayo. Sekufi ka enye insizwa ingibuza ukuthi ngiyawudinga yini upende. Ngilandule. Bengazi ukuthi iwuntshontshile lo pende ebiwubabaza ukuthi ngizobe ngiwucoshe phansi uma ngivuma ukudayiselwa wona.
IsiZulu siyahloniphisa uma kukhulunywa ngokuntshontsha okunje, sithi ukushaya induku. Abaningi bathi kuyilungelo labo ukushaya induku lapho besebenza khona. Isizathu ngesokuthi imvamisa kuholwa amakinati bese kudingeka ukuba oqashiwe ashaye induku ukuze ahlomule ngokuthile. Miningi-ke imizi eyondliwa ngemali etholwa kanje. Kokunye kwaziwe ukuthi kwasibanibani kudayiswa izinto ezithile azintshontsha lapho esebenza khona.
Kuvamile nokuthi umuntu akubuze ukuthi usebenza kuphi. Umphendule. Abuze ukuthi ikhona yini into ongamntshontshela yona lapho usebenza khona. Enye insizwa yake yangitshela emehlweni ukuthi kumele ngifune umsebenzi “osile” ngoba akukho nto entshontshekayo lapho engangisebenza khona.
Cishe kawukho umsebenzi okungashaywa khona induku. Lokhu ukubona uma uvakashe emzini othile bese ulaliswa emashidini abhalwe igama lehhotela okusebenza kulo ilungu lomndeni owuvakashele. Kokunye ungene emzini ubingelelwe yintokazi edlubhe igown yasesibhedlela esebenza kuso. Komunye umuzi ufi ce ideski lesikole okufundisa kulo owakhona.
Abanye bayebethi basuke bengahlosile, kuba yishwa impahla ithatheke ngephutha. Lokhu kuvame ukwenzeka ku-anti osizayo. Sekuzothi uma epakisha ezovakashela kubo kuthatheke ngephutha izimpahla zomqashi noma zengane yomqashi. Uma kwenzeka niya kubo ngelinye ilanga nifi ce uyise edlubhe ibhantshi lakho elathatheka ngephutha. Uma unesibindi umkhumulise. Kokunye ugcine ufele ngaphakathi.
IsiZulu siyakuhloniphisa ukuntshontsha kukamakhenikha; sithi akantshontshi, uyacwiya. Uyacasula umakhenikha ocwiyayo. Ngenkathi ekukhandela imoto usuke ebhekisisa ukuthi yiyiphi insimbi entsha angayicwiya. Imoto yakho ifi ka kuye inensimbi entsha, ayikhiphe afake endala ngoba azi kahle ukuthi kawazi lutho ngezinsimbi zezimoto. Uma usuyilandile imoto ubonge unconcoze kanti awazi ukuthi kukhona osekucwiyiwe. Uma uneshwa imoto yakho igcine isiyisikhowe acwiya kuso. Kube nguye okusukelayo athi ubode uvela akuhlolele ukuthi konke kusahamba kahle yini, usafuna ukucwiya.
IsiZulu siphinde sihloniphise sithi ukuntshontsha ngukuthatha ngozwane. Nisuke nivelelwe uma ninomuntu onje emndenini. Sekuzothi uma kufi ke yena kuhluthulelwe onke amakamelo. Uma ningakamazi ukuthi uthatha ngozwane niye nibabaze ukukhuthala kwakhe eguduza amakamelo ewashanela. Nisababaza lokho athi akulethwe yonke iwashingi. Awashe konke; aze awashele ngisho umfana olusa izinkomo. Mhla ehamba nimphathise umphako, nimphelezele nibalisa ngokuthi uhambe kusemnandi ukuhlala naye. Bese nidumala uma kutholakala ukuthi kunezimpahla noma imali okunyamalala emveni kokuhamba kwakhe.
Abanye bathatha ngozwane ngisho bengasathandi. Lokhu kuthiwa ngukwedlula. Osedlulile ubonakala ngokuntshontsha ngisho into angayidingi. Uzwe kuthiwe ubanjwe esiphula izimbali emzini othile ezintshontsha. Uma kubuzisiswa ukuthi ubezozenzani, abike imbiba nebuzi. Kucace ukuthi sekwaba ngukwedlula. Uyahlupha ngempela umuntu osuke edlule ngoba untshontsha into angiyidingi, kokunye angeke ayidayisele muntu. Wena ontshontshelwe usale uhayiza ngoba le nto entshontshiwe uyidinga kakhulu. Phela umuntu osedlule ngokuntshontsha uke afi ce amazinyo okufakelwa, awantshontshe. Bese umangala ukuthi uzowenzani ngoba yena uhleka ngothotho futhi ngeke awadayisele muntu.
Indaba yokuthatheka ngephutha kwezinto ivame uma kunomcimbi ekhaya. Ukhiye walapho okubekwe khona utshwala noma ukudla kusuke kufanele uphathiswe okwezikhali zamaNtungwa. Nanxa uqaphiwe ukhiye, kuyanyamalala ukudla notshwala. Kokunye kuthathwa yilabo ebebepheka. Bapheke babuye nganeno benzela ukukuthatha okunye bayoziphekela emakubo. Kokunye kuthathwe ebebephaka; baphake bagoqe isandla. Uma eseya ekhaya obepheka noma obephaka ubone eselokhu elandelwa ngamaconsi esitshulu asiphake wasishutheka esikhwameni noma kucwazi.
Ngeke siphike ukuthi kuyenzeka ngempela ukuba uthathe into ungaqondile. Bese kuhumusheka kabi kuthiwe untshontshile. Kokunye ubone usukude ukuthi kukhona ohambe nakho ungaqondile. Kube kude ukuphindela emuva ukubuyisele. Uma umuntu esefi ka kwakho abone leyo nto bese efafaza amanga ethi uyisela.
Abaningi-ke bazithethelela ngokuthi lokhu abakuntshontshile “bekuhleli kabi” base bebona kukuhle ukuba bakuqoqe bayokuhlalisa kahle emakubo noma bakudayisele umuntu okudingayo. Umuntu adlule ngakwakho abone ipayipi lokuchelela enilikhohlwe egcekeni bese eliqoqa ngoba nakhu lihleli kabi. Okumangalisayo ngukuthi abakubizi bakutshele ukuthi nansi impahla yakho ihleli kabi, izoze ibe sengozini yokuthatheka ngephutha.
– UDkt uNakanjani G. Sibiya ungumbhali wezincwadi zesiZulu