Impelasonto uKhongolose angase azigwaze ngowakhe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umbango wezikhundla wangaphakathi KwaZulu-Natal ungase uthintibeze isithunzi sikaKhongolose kanti kunokukhala ukuthi uMkhonto WeSizwe nawo ususodakeni
BAMBALWA abangangabaza umnikelo wamalungu e-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ekuholeni nasekuqiniseni izinhlaka zaleli qembu. Lo mlando kawuqali manje kepha usuka ekubunjweni kwawo uKhongolose ngonyaka we-1912. Ukwedlula zonke izifundazwe, iKwaZulu-Natal isikhiqize omengameli abaningi bale nhlangano kule minyaka eli-103 yasungulwa. Komengameli asebeke bahola le nhlangano ngoMfundisi uJohn Langalibalele Dube, uMnu uJosiah Gumede, uMnu uPixley Seme, iNkosi u-Albert Luthuli kanye noMhlonishwa uJacob Zuma onguMengameli wezwe.
Ophikweni lwentsha lwale nhlangano iKwaZulu–Natal yakhiqiza uMengameli wokuqala kaVukayibambe, uMuziwakhe Anton Lembede. Kwathi kolwabesifazane wakhiqiza uMhlonishwa uBathabile Dlamini.
Ngaphandle komengameli lesi sifundazwe sikhiqize amalungu aqavile kuKhongolose nakulaba abadlelana nawo, abaholi abafana noMnu uJohny Makhathini, uHarry Gwala, uMoses Mabhida, uSihle Mbongwa, uMhlonishwa uJeff Hadebe, oNkk uNhlumba Bertha Mkhize , uMary Thipe, uFlorance Mkhize, uNkosazana Dlamini Zuma nabanye abaningi. Khona manjalo sikhona isizukulwane esisha esivela kulesi sifundazwe esingenisile ezinhlakeni zikaKhokholose. Phakathi kwalaba baholi ngoMhlonishwa uNathi Mthethwa, uMalusi Gigaba, uZweli Mkhize noBheki Cele.
Ukuncintisana nobutha
Nokho lo mlando omude noqhakazile ungase uthikanyezwe yizimpi zangaphakathi kule nhlangano. Yize kukhona ukuvumelana ekutheni lokhu okwenzekayo kuyingxenye yokuncintisana kwangaphakathi nokwenzeka njalo nxa kunokhetho, iningi libona ubutha obudalekayo kulabo abayizimbangi kanye nabalandeli babo obungase bulimaze ‘ubunye’ bale nhlangano osebube khona iminyaka. Lokhu kuthiwa kudalwe ngumncintiswano okhona phakathi kwaloyo onguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu kanye noNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala. Ngokuthola kweBAYEDE lo mbango usuwehlukanise le nhlangano phakathi nokuyinto esikapakele nakumadlelandawonye okuyiSouth African Communist Party (SACP), iCongress of South African Unions (Cosatu) kanye South African National Civic Organisation (SANCO).
Ukungezwani phakathi koPhiko lwentsha lukaKhongolose nolweSACP mayelana nobuholi kuvele obala ngesikhathi ukungaboni ngaso linye kwabo kuvela kwabezindaba. Ezinyangeni ezedlule uNobhala kaVukayibambe KwaZulu-Natal, uMnu uThanduxolo Sabela wakhwela wadilika kumholi weSACP KwaZulu-Natal, uMnu uThemba Mthembu emsola ngokugxambukela ezindabeni zobuholi be-ANC. UMthembu naye kalalanga endleleni wazibuyisa izinduku lapho esola uVukayimbambe ngokuba ngamavukana angazi lutho. Lokhu kuhlaluka ekutheni uthi kalikho iqhaza elitheni elibanjwa yiSACP kuKhongolose. Awagcinanga lapho aMabomvu ngoba asola ukuthi isono sawo (njengoba ehlaselwa yi-ANCYL) yingoba aphikisana nenkohlakalo le esiyenze amalungu kaVukayibambe aba ngomacaphuna kusale ngenxa yamathenda.
UKhongolose kawusefani
Ukuncintisana kukaMchunu noZikalala kuthiwa sekudale ukungathembani nokuphazamiseka komsebenzi esigabeni sikaHulumeni Wesifundazwe, komasipala nakuSishayamthetho. Umthombo okhulume neBAYEDE osezinhlakeni ze-ANC nakumandlelandawonye ukuqinisekisile ukuthi lo mbango usumoshe kakhulu. “Ngenhlanhla yethu asinawo amaqembu aphikisayo anamandla KwaZulu-Natal ngoba ukube akhona ngabe sisenkingeni ngendlela ukungaboni ngaso linye osekukhinyabenze ngayo indlela yokusebenza kukaKhongolose. Asisahlangani sikhulume njengabalingani, kunalokho sesihlangana nje, futhi nalapho kungabi bikho into ebambekayo.” Umthombo uqhubeke waveza ukukhathazeka ngokuthi lesi simo sesize sakapakela nakumalungu omakadebona bezempi uMkhonto oselokhu kwathi nhlo ithathwa njengabantu abangathathi hlangothi embangweni yepolitiki.“ Uyabona uma usuzwa amalungu oMkhonto WeSizwe esenkwankwaza, ubokwazi ukuthi awusenahlangano. Phela uMkhonto yiwo ongabavikeli besithunzi sikaKhongolose. Bheka nje manje awusenamfutho ngoba nezikhulu zawo sezibhukuda odakeni namanketshana lawa abanga izikhundla.”
Omunye umthombo osebenza kuhulumeni ukhale ngosizi lokugxamalaza: “Ayi kubi ukukhonza amakhosi amabili, nguMchunu ngapha kuHulumeni usidonsa asibhekise le ngemisebenzi kaHulumeni, uthi usaphefumula nangu noZikalala ebiza imihlangano yakhe. Impela u-ANC awusafani, kunzima.” kukhala umthombo. Okunye okwethusayo ngalo mbango yizinga lokunukana nelagqama kakhulu ngesikhathi kuphangalala loyo owayenguSihlalo we-ANC oThungulu uMnu uThulani Mashaba engozini yemoto. Lesi kwaba yisikhathi esinzima kuMchunu kanye nomndeni wakhe ngoba abalingani bakaMashaba babeliphimisa elokuthi nguye osoconge umufi. Naye uMchunu kakufihlanga ukuhlukumezeka kwakhe ngalolu daba. Leli phephandaba laba ngelokuqala ukuveza impi yamalungu e-ANC ezinkundlelni zokuxhumana lapho izinhlangothi zombili zazinyundelana, zisolana kokunye zichaphana ngenhlamba.
IBAYEDE inayo futhi imibiko lapho amalungu kaKhongolose ayecishe abambane ngezandla amanye aphakamiselane izikhali ngenxa yalo mbango wezikhundla. Umhlangano wakule mpelasonto kulindeleke ukuthi ukhethe ubuholi nokunokwesaba ukuthi noma ngabe ngubani onqobayo, isithunzi sikaKhongolose sesivele sithintekile nokunombuzo othi ngabe onqobile uzokwazi yini ukulungisa lokhu lungakafiki ukhetho lohulumeni bezindawo kanye nokhetho lobuholi bukazwelonke lwe-ANC ngonyaka wezi-2019.