Sibungaza uHenry Cele: Ingqalabutho yamagugu kwezobuciko


Kule nyanga yamagugu esizwe sibungaza uMnumzane uHenry Cele owaziwa njengengqalabutho negugu lesizwe kwezokulingisa nowalingisa ngobuchule indawo yeSilo uShaka Zulu emdlalweni owuchungchunge wakwaSABC owaziwa ngoShaka Zulu.
UMNU uCele owazalelwa eThekwini zi-2 kuMasingana 1949, wazinza KwaMashu nalapho ayenomuzi wakhe khona esigcemeni sakwa “C” eshade nonkosikazi wakhe uTozi Duma kanti babenezingane ezine. Wayenodadewabo naye obedume kakhulu kwezokulingisa uRuth Cele obaziwa kakhulu ngoMaMgobhozi.
UMnu uHenry Cele wake wabonakala futhi kumafilimu amaningi okubalwa kuwo iThe Ghost and the Darkness, iHold My Hand, i-I’m Dying, iThe Last Samurai, iRage to Kill, iBlind Justice, iMercenary Fighters, kanye nemidlalo yethelevishini. Ubeteketiswa ngokuthi uBlack Cat noNkawu. ElikaNkawu walithola ngenxa yekhono lakhe elikhulu lokuvimba kwasani nokunwebeka njengenkawu esengunozinti webhola ku-Amazulu FC kanti elikaBlack Cat kwakungenxa yebala lakhe elimnyama. Yize aqala khona ebholeni kodwa ezokulingisa yizona ezagcina sezimgojele ngenxa yekhono lakhe elikhulu kanye nokuhlonipha umsebenzi wakhe ngokusezingeni. Akazange akuyele esikoleni ukulingisa kodwa ufunde kakhulu ngokusebenza nabaqondisi abaningi bomhlaba. Wayekukhonze kakhulu ukulingisa futhi esho nokusho ukuthi yena akazimisele ngokuqondisa. Umdlalo wokugcina alingisa kuwo eqondiswa u-Edmund Mhlongo kwakuyiBayede Shaka – The Spear Is Born ngowezi-2006. (Lo mdlalo uzobuyiswa futhi ngowezi-2016 ukubungaza i-Zulu 200 nokukhumbula u-Cele). UMnu Cele yadlula emhlabeni ingeneme ngenxa yokuthi wayekhala ngokuxhashazwa abakhiqizi abaningi abanye ababemkweleta nokungamniki ukuhlonipheka yize ayebenzele umsebenzi omuhle kumafilimu aduma umhlaba wonke. Nodadewabo waze wagcizelela ukuthi uCele wayezibona enganakiwe kwelakubo.
Ubebungazwa kakhlu phesheya lapho ayendlalelwa khona okhaphethi ababomvu ehlaliswa nasemahhotela aphezulu uma emenyelwe imicimbi khona. Kodwa lokhu kubungazwa akakaze akuthole kuleli nokuyinto eyayimphatha kabi njalo uma kukhulunywa ngayo. Nokho abakwaSABC bakwazi ukumnika umklomelo wePlum Award ngenxa yokulingisa kwakhe kwezinga eliphezulu kanye nenhlonipho ayenayo ngomsebenzi wakhe nokungazithwali. UCele washiya elikhulu igebe kwezokulingisa nanamhlanje akekho ofika ezingeni lakhe uma sekuziwa kwezokulingisa indawo yeLembe. Noma ngubani uma kukhulunywa ngeLembe uvele acabange uMnu uHenry Cele.
Ngenxa yokuthanda kwakhe ibhola wayehlala njalo ngokujimisa abafana bebhola KwaMashu futhi ebeluleka ngendlela okumele badlale futhi baziphathe ngayo. Lokhu wayekwenza ngaphandle kwenkokhelo kodwa ethi kungunikela emphakathini akhulela kuwo. Umngane wakhe omkhulu bekunguMnu uRoland “Mkhize”Mqwebu ababenayo efilimini iShaka Zulu nowaduma kakhulu emdlalweni wethelevishini eMzini weziNsizwa (naye osedlulile emhlabeni).
UMnu uHenry Cele wadlula emhlabeni zi-2 kuLwezi 2007 ngenxa yokugula okuphathelene nesifuba emva kokulaliswa amasonto amabili esibhedlela.
Njengoba sibungaza le nyanga yamagugu esizwe nje kubalulekile ukuba singawakhohlwa amagugu ethu abeka induku ebandla endimeni yezobuciko. Lokhu kubalulekile ngoba izingqalabutho ezinjengoHenry Cele zikwenze konke lokhu phansi kwesimo esinzima sobandlululo kodwa zatshengisa ukuthi akukho okungavimba umu-Afrika ngokwekhono lakhe. Izinsizwa ezifana noCele zitshengisile ukuthi zingalingisa ezingeni lomhlaba nezinye izingqwayingqwayi. Kumele lokhu kube isifundo entsheni yakithi efisa ukungena emkhakheni wezobuciko, ingene kuwo ngokuwuhlonipha ukuze nayo iwuphakamise njengegugu elikhulu lesizwe sama-Afrika. Asiwuncome futhi nombono wabaholi ababona ubumqoka bokuthi le nyanga kaMandulo ibungazwe njengeyamagugu esizwe. Kusekuningi okumele kwenziwe ukuqhakambisa amagugu ethu ukuze angabukeki esele ngemuva kwawabezizwe. Asethembe ukuthi ngelinye ilanga uma kungenwa esikhumulweni samabhanoyi esiqanjwe ngeLembe iKing Shaka Airport International siyokuzwa kukhala umculo wesintu hhayi owe-orchestra yase-Italy. Asethembe futhi ngokuhamba kwesikhathi emahhotela ethu siyobona ezindlini zakhona kugqanyiswe izithombe nemidwebo eqhakambisa isifundazwe sethu nokuyokwandisa amathuba emisebenzi yamaciko ethu. Kuyaye kujabulise eSibaya Casino ukubona kukuningi ukuqhakanjiswa kwamagugu esiNguni.
Sikwethulela isigqoko mfo kaNdosi ngokusishiyela ulwazi lwezobuciko oluyigugu nesiphakamisa ngalo isizwe sethu.
- UMnu u-Edmund Mhlongo ungumqondisi wezobuciko nomsunguli we-Ekhaya Multi-Arts Centre owenza iziqu zobuDokotela kwezokuPhathwa kwamaBhizinisi eParis School of Business.