Bezingenabuhixihixi izinto zikaMasekela
Uma ufundisisa kahle ukukhula nokungena emculweni kwesigayigayi somculo wejazz noMbhaqanga uHugh Ramapolo Masekela uyabona ukuthi uyilolu hlobo lwabantu abazalwa bembethe.
Uma ufundisisa kahle ukukhula nokungena emculweni kwesigayigayi somculo wejazz noMbhaqanga uHugh Ramapolo Masekela uyabona ukuthi uyilolu hlobo lwabantu abazalwa bembethe. Kuwo lo mlando wakhe, okuqaphelekayo ukuthi ubeyisebenzisa ngendlela efanele le nhlanhla futhi azi ukuthi ufunani empilweni.
Leli sonto izakhamuzi zakuleli ziliqale ngezindaba ezimbi zokwedlula emhlabeni kwalesi sigayigayi ebesineminyaka yobudala engama-78. Sigcine sigojelwe yisifo somdlavuza esiphile nawo kusukela ngowezi-2008.
Ngemuva kokubuka ingqayi iYoung Man with a Horn, okuyiyona eyafaka uthando lokushaya itrumpet kuMasekela, inhlanhla yokuqala yakhe kwaba wukusondelana nabantu ababehlonishwa ababefana noMbhishobhi uTrevor Huddleston owayeyisishoshovu esasilwisana nohulumeni wobandlululo.
Ineminyaka eli-14 yobudala le nsizwa ezalelwe KwaGuqa, eWitbank, eMpumalanga inyelwe inyoni esandleni inikezwa nguHuddleston, itrumpet eyayisetshenziswa yinkakha yejazz yaseMelika, uLous Amstrong wodumo lwamanoni afana ne-All of Me, iWest End Blues namanye.
Inhlanhla yaleli ciko elizalwa nguThomas noPauline Masekela iqhubekile njengoba umbhishobhi enze isiqiniseko sokuthi umlisa owayaziwa ngoMalume uSauda owayengumnikazi weMunicipal Brass Band wayifundisa ukusuka nokuhlala ukushaywa kwetrumpet.
Ngemuva kwezibhelu zeShapville Massacre eyenzeke ngowe-1960 kubulawa aboHlanga abangama-69, uMasekela obeteketiswa ngoFather of Jazz (ubaba wejazz) ufulathele elakuleli elibhekise eLondon, esizwa wuye uHuddleston owayelekelelwa ngabangani bakhe uYehudi Menuhin wase-USA owayeshaya iviolin, noJohn Dankworth wase-England owayedlala isaxophone.
Laba baphinde balima indima enkulu ekumfakeni esikoleni somculo iGuildhall School of Music and Drama khona e-England.
Ngasekuqaleni kweminyaka yama-60s ufudukele e-USA lapho efike wengeza khona ulwazi lwakhe kwezomculo eManhattan School of Music. Ngowe-1964 uMasekela ongeke umthinte nasekudlaleni ifugelhorn, itrombone kumbe icornet, ushadelwe umufi uMarriam Makeba naye owayengumculi owabamba iqhaza ekulwisaneni nobandlululo.
Behlukanise ngowe-1969. Ngemuva kokuba uMasekela eqedile eManhattan School of Music uphenduke isilomo eMelika ngenxa yamanoni anjenge-Up, Up and Away yangowe-1967. Ukuzimisela kwaleli ciko kwelikwenzayo kulivulele amathuba okucula kuMonterey Pop Festival okwakungaculi noma ngubani kuyo.
Ngowe-1974 lihambisana nomngani walo uStewart Levine bahlela ikhonsathi yomculo eyanandisa empini iRumble in the Jungle eyayiphakathi kukaMuhammad “ The Greatest” Ali noGeorge “Big George” Foreman eyayilwelwa eKinshasa, eZaire.
Unyaka we-1968 iwona uMasekela abukise ngawo njengoba inoni alikhipha iGrazing in the Grass lalala indawo yokuqala kusukela mhla zingama-20 kuya zingama-27 kuNtulikazi ku-USA Billboard Hot 100 Number One Singles.
Ngalo nyaka wayebanga namaciko anjengoMarvin Gaye ngengoma ethi, I Heard it Through the Grapevine, uDiana Ross ehambisana neThe Supremes ngengoma ethi, Love Child.
Ngemuva kwale mpumelelo izingoma zakhe eziningi ebezilwisana ngayo yonke indlela nobandlululo uphenduke inyama, esebenzisana nezingqungqulu ezinjengeThe Byrds, iLady Friend, uPaul Simon, iKalahari ukubala ezimbalwa.
Uphinde wasebenza nakuSarafina wakuleli kaMbongeni Ngema. Ucelwe uSimon ngowe-1980 ukumaketha icwecwe lakhe elithi Graceland. Ube eselanda uMakeba, iLadysmith Black Mambazo esebenze naye uSimon enonini iDiamond on the Soles of her Shoes, umufi uRay Phiri neqembu iKalahari.
Ngowe-1985 usungule isikole eBotswana, iBotswana International School of Music (BISM). Ngemuva kweSoweto Uprising, leli ciko lihambisana noMakeba bakhiphe inoni iSoweto Blues. Ngaphambi kokuthi libuyele kuleli ngowe-1990, liphinde ngowe-1986 lihamba lodwa lakhipha elinye iBring Him Home elaliphoqa ukuthi kukhululwe uNelson Mandela.
Ngowezi-2003 uMasekela ufakwe kudocumentary i-Amandla! A Revolution in Four-Part Harmany. Ngonyaka olandelile ukhiphe incwadi ekhuluma ngempilo yakhe iStill Grazing. Kuqopheke umlando ngowezi-2006 uMichael A. Gomez ongusolwazi wezifundo zeMiddle Eastern and Islamic, eNew York University emchaza njengobaba wejazz.
Leli ciko lingelinye elibe nenhlanhla ekuqokelweni eminxeni yamaGrammy Awards amahlandla amathathu ngenxa yenoni iGrazin in the Grass, iSarafina! The Music of Libaration nangenxa yecwecwe iJabulani.
Ezinye izindondo azinqobile kubalwa ukuhlonishwa yiRhodes University, i-Order of Ikhahlamba, iGhana Music Awards, iChannel O Music Video Awards, iBBC Radio Jazz Awards, ukufakwa emunxeni weBroadway’s 1998 Tony Awards for Best Score, iMTV Africa Music Awards (MAMAs): Legend Awards. Zofa izinsizwa ayosala amagama.
UMadala kuNene ongenye yezinkakha zejazz kuleli wazise iBAYEDE ukuthi elakuleli lilahlekelwe ngokushona kukaMasekela. Uveze ukuthi bese kuphele iminyaka engaphezulu kwama-50 bazana naleli ciko. Uthi bebexhumana noma lisesekudingisweni. UMadala uthi uzomkhumbula uMasekela ngokulwa nobandlululo nokuba nomusa. “Ngowezi-2016 ngilungiselela ukukhipha icwecwe i-1959 wangenzela umhlola ngimcela ukuthi angifuthele icilongo engomeni ethi, Umfo kaZibhebhu. Nakuba imeneja yakhe yayishaya ngonyawo phansi ukuthi angikhokhise kodwa wenqaba ethi uzongifuthela mahhala. Engathi angalala ngokuthula,” kubeka uMadala.
UMduduzi Magwaza wodumo lokuba yingxenye yeMango Groove nosekuMkhumbane Jazz Ensemble uveze ukuthi selokhu aqala eminyakeni engama-20 eyedlule akakaze ambone eya omunye umuntu. Uthi ubewazisa amasiko futhi ehlale egqugquzela abaculi bejazz ukuthi bazigqaje kwabakwenzayo. “Sekungaqhakambiswa nje osopolitiki ngokulwela inkululelo. Empeleni oMandela nabanye bahlakulelwe ngabantu abafana noMasekela noMakeba abebehlala bekuqhakambisa emazweni omhlaba ukuthi kukhona iNingizimu Afrika,” kuqhuba uMagwaza.