Iminyaka engama-31 yokuzigqaja nokubuyisa indulo


Unyaka wezi-2015 uqopha iminyaka engamashumi amathathu nanye ISILO savuselela uMkhosi woMhlanga namuhla osudume umhlaba wonke ngobuhle, isigqi kanjalo nemiyalezo eyakhayo
AKULONA ihaba ukuthi cishe KwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika kawukho umkhosi wesintu ohanjelwa ngabantu ngobuningi abaqhamuka kuwo wonke amagumbi amane omhlaba njengoMkhosi woMhlanga.
Lo mkhosi omkhulukazi kawugcini nje ngokuletha izimpendulo ezinkingeni esibhekene nazo njengeSizwe kepha ubamba iqhaza elimqoka ekusixhumaniseni nendulo lethu. Awukwazi ukuxoxa umlando kanjalo nokubaluleka koMkhosi woMhlanga ungathintanga umlando waseNkabazwe lapho uZulu nabeNguni badabuka khona. Bukhona ubufakazi obuveza ngokusobala ukuthi lo mkhosi ungeminye yemidala kakhulu kubeNguni nowaqala amaZulu esazinze eNkabazwe yeZwekazi i-Afrika. Uke washabalala lo mkhosi okwesikhashana ngenkathi uMbuso wakwaZulu unqotshwa ngamaNgisi kodwa waphinde wavuselelwa ngonyaka we-1984 yiSILO esibusayo.
Umhlanga oxhumene nalo mkhosi ngokomlando wuqalo oluthathwa njengomuthi wokuqala ukumila eNingizimu yezwe laseKhemethi [amaGriki alibiza nge-Egypt] e-Ethopia. Ngenxa yokuthathwa kwalo njengomuthi wokuqala, kukholelwa ukuthi uqalo wuhlanga lwezwe olwaluhlanganisa iNingizimu neNyakatho yezwe laseKhemethi [Kmt]. Ngolimi lokuqala lwase-Afrika, iMedu Netcher [Mdw Ntr], isiZulu esiyingxenye yalo, lolo qalo yiswt noma uHlanga Lwezwe. Ukubiza kwethu iNgonyama ngalelo gama kususelwa lapho. Uqalo lwalumile ngase-Ethopia okwakuyiNingizimu yeKhemethi [Kmt] okulapho kwaqala khona impucuko yomhlaba jikelele eduze komfula iHapi [Nile]; singabala: ukubhala, imethamethiki, ifiziksi, inkolo nokunye, kwagcina kuyisisekelo sempucuko yanamuhla.
Umhlanga okhiwa yizintombi ezingamatshitshi emfuleni umele uqalo, iswt. Ungukubuthwa kwamatshitshi ngokobuntanga kwazise izintombi zigcina zinikezwe igama lebutho lazo ekupheleni komkhosi. Ukwethulwa komhlanga eNgonyameni kuwuphawu lokugcizelela ukuthathwa kwayo njengoHlanga Lwezwe, nophawu lokuzigqaja ngobuZulu namasiko abesifazane abangabavikeli bawo.
Lo mhlanga usikhumbuza ngemvelaphi nokubumbeka kukaZulu njengesizwe eNkabazwe ye-Afrika. UMkhosi woMhlanga akuwona owokubukisa kwamatshitshi ngomzimba kodwa ungumthandazo wokuthi abesifazane abayizimbali zesizwe bahlale benezimilo eziyisibonelo kuZulu, beqotho njalo. Lokhu kuyokwenza amaZulu ahlale enemindeni ehlonishwayo emhlabeni. Ukuze amaZulu ahlale ebumbene iNgonyama yawo eyiswt kudingeka inakekele ukugcinwa kwawo wonke amasiko esizwe njengoba kuyiyona ewuHlanga lweZwe neZulu eliPhezulu.
Umhlanga uphinde usikhumbuze ngokubaluleka kwabantu besifazane okuthi nxa bekhule beziphethe kahle bengenazimilo ezintekenteke, bagcine bakhe imizi abagane kuyo badale nobuhlobo lapho kade bungekho khona. Ngakho-ke uMkhosi woMhlanga uyisisekelo sendlela ende ephikelele ekugcagceni, emendweni nasebufazini. Umphumela womgcagco wukwakha imindeni nesizwe esiphilile, esizihloniphayo nesihlonishwayo. Umhlanga ungumlando osixhumanisa nempucuko yokuqala e-Afrika okuyindulo lethu. Umhlanga owethulwa esigodlweni saseNyokeni ngokomlando unalowo myalezo. Uma sewethuliwe eNgonyameni ebusayo yizintombi ezingamatshitshi, ubekwa inqwaba esigodlweni kugcine kwakhiwe ngawo izindlu namaguma akoMkhulu.
Nakulo nyaka izintombi zikaZulu, ngokwethula umhlanga koNgangezwe Lakhe, ziqopha etsheni ukuthi uZulu kanjalo namasiko akhe ngeke ashabalale ngesazo isikhathi. Izintombi zifakaza ukuthi zona qobo lwazo zikhula ziluphawu lokuzigqaja kukaZulu.