Now Reading
Liyethusa izinga lokuhlupheka KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape
Dark Light

Liyethusa izinga lokuhlupheka KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape

SISAQHUBEKA nokunyuka isibalo sabantu abahlwempu eNingizimu Afrika nakuba kunemizamo eminingi eyenziwayo yokulwisana nobubha. Ngokwezibalo zakamuva ezishicilelwe abacwaningi besimo sempilo kuleli, iStatistics South Africa, izifundazwe i-Eastern Cape neKwaZulu-Natal okukhula kuzo ububha kakhulu uma ziqhathaniswa nezinye izifundazwe. Lezi zifundazwe zandelwe isibalo semizi ehlala abantu abahlwempu. Le mizi eNingizimu Africa ibalelwa ezigidini ezi-3.5 njengamanje. I-Eastern Cape inyukelwe isibalo semizi yabantu abahluphekayo ngezinkulungwane ezingama-21 kusukela ngonyaka wezi-2013, nosekubeke lolu hlobo lwemizi kuma-828 371 nonyaka. KwaZulu-Natal khona lesi sibalo sinyuke ngo-4 200 kusukela ngowezi-2013, nosekuyibeke kuma-770 049.

Imizi yabantu abahluphekayo ibonwa uhulumeni njengenezidingo ezifanele ukulethwa minyaka yonke. Abantu abahlala kuyo bathola izinto eziyisidingo mahhala. Nokho nakuba lesi sibalo senyukile, iStats SA ithole ukuthi kunciphile ukusatshalaliswa kwezidingo mahhala ezweni lonke. Kusukela ngawo unyaka wezi-2013, ibalelwa ezigidini ezi-2.5 kuphela imizi yalolu hlobo ebithola amanzi mahhala. Izigidi ezimbili kuphela ebezithola ugesi wamahhala, kanti izigidi ezi-2.1 kuphela ebezithuthelwa indle.

Ingxenye yesizathu salokhu ngukuthi omasipala sebeguqule indlela abahambisa ngayo izinto kubantu. Kunokuthi bahambisele indawo eyodwa emphakathini okwaziwa ukuthi kuhlala abahlwempu kuyo, abantu kumele bakwazi ukuvezela umasipala ukuthi bazidinga mahhala ezinye zezidingo zabo zamihla yonke. Ngalesi sikhathi imizi eyahluleka ukukhombisa umasipala isimo sempilo ukuthi isithuthuke kangakanani nayo isusiwe ohlwini lwabalethelwa izidingo.

Ngokocwaningo olwashicilelwa ngonyaka wezi-2013, olubizwa ngeHidden Hunger in South Africa: The Faces of Hunger and Malnutrition in a Food Secure Nation, umuntu oyedwa kwabane eNingizimu Afrika akakutholi ukudla okwanele ukuthi ahlale enempilo. Umbiko wenhlangano ehlaziya ubuhlwempu kuleli i-Oxfam uveza ukuthi umuntu oyedwa kwababili ohlala kuleli usengozini yendlala nakuba elakuleli likhiqiza ukudla okwanele ukuthi kondleke wonke umuntu.

Lolu cwaningo lubika ukuthi amaholo amancane, ukunyuka kwezindleko, ukuhluleka ukuἀnyelela emithonjeni ekhiqiza ukudla kanye nokuguquka kwesimo sezulu ngezinye zezizathu ezihamba phambili ezidala ukuthi abantu ababalelwa ezigidini ezili-13 balale befa yindlala.

See Also

Kulolu cwaningo kuphinde kwatholwa ukuthi umndeni owodwa kwemine uphila ngamarandi ayisi-6 ngosuku. Ucwaningo lugxile emaqoqweni abantu abavela komasipala abayisishiyagalolunye abaveza ukuthi indlala ikufakazela kangakanani ukungalingani kuleli nokuthi ililimaza kanjani ikusasa nentuthuko. Ngaphezu kwalokhu ucwaningo luphinde luveze ukuthi empeleni abantu izifo ezibabulalayo umnyombo wazo ukungakutholi ukudla okwanele okunomsoco.

Njengoba siya ngokukhula isibalo sabantu abahluphekayo le nhlangano iphakamisa isincomo sokuthi uhulumeni kumele aqinise imizamo yokulethela abantu ezinye zezidingo ezibaluleke kunazo zonke ikakhulukazi njengoba kukhona ukudla kuleli. Bathi kumele futhi kube khona imithetho ebekwayo ukuze lokhu kuqinisekiswe ukuthi kuyenziwa.

Scroll To Top