Now Reading
Umnotho awemukelwa kodwa uyajulukelwa
Dark Light

Umnotho awemukelwa kodwa uyajulukelwa

Kunendoda engikhule ngiyibona iyisigwili. Ibidayisa inyama

 

ABANYE abantu bebefika nje bazimele esitolo belindele isikhathi esithile lapho kuzophuma izithebe zamahhala. Beyithi uma seyizikhipha izithebe imemeze ithi, “Azidle izihlupheki.” Amanye amadoda ayeyikhulekela ayithakazele uma seyiwabiza ngezihlupheki. Kwathi uma ngibona lokhu ngazibuza ukuthi wumuntu onjani owamukela igama elimehlisa isithunzi ngoba nje encenge inyama. Iningi lalaba bantu kwakungabantu abasebenzayo abangezile laphaya ngoba behlupheka. Kwakungamadoda anemizi, ahlonishwayo, anezingane eziwabeka ezingeni eliphezulu. Kunezimo umuntu azingenela kuzo agcine ezehlise yena ezingeni lobuntu okubhekeke ukuba abe yibo.

Kulezi zinsuku bengicabanga nje kwafika leli gama lesiNgisi elithi consumer. Lingelinye lamagama engingathandi ukulijwayela ngoba lenza kube yinto esemthethweni ukuthi kube khona abantu abalindele ukwamukela izinto ezenziwe ngabanye abantu. Lithanda ukwakha isithombe somuntu okhangezayo angazibuzi nokuthi le nto ayikhangezile ivelaphi, kumbe angezenzele yini yena yona. Ngokubuka kwami lenza umuntu obizwa ngeconsumer akwamkele ukuthi uyalifanela igama lokuba yiconsumer. Liyasetshenziswa, kodwa uma ubhekisisa lingamenza umuntu agcine engukhangezile nje, futhi akubone kuyinto esemthethweni ukuthi yena akhangezwe. Uyaye akubone kungumsebenzi wabanye ukucabanga bese bemkhangeza yena. Akujwayelekile ukuthi umuntu oligqokile leli gama agcine sekunguye okhangeza abanye. Lithanda ukuhambisana nokudabukelwa ngoba uyisihlupheki.

Ukusunguleka kwanoma yiluphi uhlobo lwebhizinisi kuncike kakhulu kulesi simo engisibeke ngenhla. Umuntu ocabanga ukusungula ibhizinisi uzakhela emqondweni uhlobo lwabantu abazosebenzisa umkhiqizo wakhe. Uze abale inani labo bese esiguqula leso sibalo sibe yinani lomnotho azowenza. Uma ewuhlela umkhiqizo ubheka uhlobo lwabantu abangenayo le nto ayicabangayo kodwa beyidinga. Lolu hlobo lomuntu luthi uma libuka izidingo nezinkinga abantu ababhekene nazo, bese luqhamuka nesu, kuthi laba abangenalo lelo lisu, bakhokhe imali, engagcina imunothisa njengomxazululi wenkinga.

Phakathi kwabantu abaningi asebake basungula izinto ngifikelwa insizwa eyayizalwa kwaFord, igama layo kunguHenry. Le nsizwa yasibona isidingo sokuhamba ngokushesha, futhi ngaphandle kokusebenzisa amandla amakhulu kodwa ufinyelela ngokushesha endaweni ofuna ukuya kuyo. Yabe seyiqala ukwakha uhlobo lwento ezomthatha umuntu imbeke lapho eya khona ngaphandle kokujuluka. Yakha imoto.

Mhlawumbe uzothi uma ufunda uzwa elemoto ubone sengathi idinga umqondo omkhulu kakhulu ngoba yinkulu. Iyawudinga umqondo ojulile. Kodwa-ke ngingajabula ukuthi kewucabange nangesinkwa lesi esidliwa nsukuzonke. Nomsunguli waso wahlanganisa izithako kwaphuma isinkwa. Zombili lezi zinto engikhuluma ngazo zaqanjwa ngabantu abathile, emva kokujula ngomqondo behlanganisa izinto ukuze kuphume into eyayisemqondweni. Namuhla lezi zinto awuzitholi uma ungenayo imali. Zithi zakhiwa kube kucatshangwa uhlobo oluthile lweconsumer. Ngiyambongela umuntu ongagcini ngokukhangeza okwakhiwe ngabanye, kodwa naye abe nokuthile akusungulile, abantu bakuthenge kuye.

Kunabantu abahlale becabanga ukwenza izinto ezintsha. Ekucabangeni kwabo basuke becabanga ukuthi ngubani umuntu ozosebenzisa into abasuke becabanga ukuyisungula. Abanye baze basungule izinhlangano okuthiwa zizosiza abantu, bacele izimali besebenzisa igama labantu abahluphekayo. Lokhu kunomthelela wokuthi umuntu ocatshangelwayo agcine ehlezi dekle, ngoba nje kunabantu abamcabangelayo.

See Also

Kumbulala ephila umuntu ukwamkela ‘nokugqoka’ izinto azitshelwa ngezindlela eziningi ezehlukene ukuthi uyahlupheka. Angiyiphathi eyokukhunjuzwa ukuthi kunomuntu owakuthakatha kumbe owenza into ethile ukuze wena udicileleke phansi. Lokho kwenza abanye abantu bahlale phansi bazitshele ukuthi izwe liyazi ukuthi bona bathakathwa ngubani.  Lokhu kwenza kube nabantu esibakhomba ngomunwe ukuthi basilethela ukuhlupheka. Size sisho sithi sinje nje yibona. Lokhu kwenza abanye abantu badabukise, balindele ukukhangezwa, bakhamise njengephuphu lenyoni lilindele ukufunzwa ngunina. Le nto uma umuntu eyivumela igcina ingene emqondweni ize ifiphaze iziphiwo umuntu anazo. Iyisifo esibi kakhulu. Isimo sobandlululo sibe nawo umthelela omkhulu kulokhu.

Omunye wababhali bokudabuka e-Afrika uthi: ‘Uma umuntu umenza isihlupheki nesehluleki nomlahlwa, akudingeki uze umfihle ngemuva kwabanye; uziyela yena emuva ngaphandle kokutshelwa; uzikhethela yena ukuthi indawo emfanele akusiyo ephambili, kodwa yilena esemuva.’ Uthi noma esenikwa ithuba lokuzikhethela ezintweni ezibekiwe, akhethe lokhu okungenalusizo olukhulu. Uba nokuzenyeza, aphile impilo yokuba ngumvakwezinye. Noma kungenasidingo sokuba semuva, uzifunela yena indawo azokhululeka kuyo, ezomehlisa abe sezingeni azibona ekulo.  Ngokuqhubeka kwesikhathi lo muntu akabe esadinga ukukhunjuzwa ukuthi ikuphi indawo emfanele, uvele aziyele yena, athokomale endaweni engathokomalisi.

Ngiphetha ngokuthi, le mpi, noma le sisifo siyelapheka. Baningi asebekwazile ukwelapheka kuso. Abanye abasivumelanga ukuthi sibangene lesi sifo. Ngokuzayo ngizothinta ezinye zezindlela zokwelapha lesisifo sobuphansi sokwamukela ukuba yisihlupheki. Njengesizwe kufanele siwaqinise amasosha azolwa nalesi sifo kumuntu ukuze bande abantu abanomqondo wokuya phambili.

  • UMnu uLindani Dhlomo unguMphathi kuSmall Enterprise Development Agency (Seda) KwaZulu-Natal.
Scroll To Top