Kusolwa uhulumeni nobuvila ngabasubathi besifazane
IZAGILA ziqhuma ekhanda likahulumeni waseNingizimu Afrika ngokungenzi kahle kwabasubathi besifazane bakuleli.
Nakuba sisekhona isikhalo ngokungenzi kahle kwabasubathi bakuleli ikakhulukazi abamnyama emiqhudelwaneni yangaphakathi nakweyomhlaba kumabanga amade kodwa ngasohlangothi lwabesilisa isikhalo kasimandla kangako. Mhlawumbe lesi sililo kasikho kangako nje, kungenxa yabasubathi abampisholo abafana no-Willie Mtolo no-Handrick Ramaala abanqobe i-New York City Marathon ngowama-1992 nangowezi-2004, Lusapho Epril ophume isibili kulo mjaho ngowezi-2013, Hezekiel Sepeng owazakhela udumo ngokubuya nezindondo zesiliva emidlalweni yama-Olympic ngowama-1996 e-Atlanta nakuma-Commowealth Games ngowama-1994.
Abanye ngoBongumusa Mthembu, Ludwick Mamabolo, Claud Moshiywa, Fusi Nhlapho abanqobe i-Comrades ukukha phezulu nje.
Nokho-ke nakhona kulobu bulili ngeke sazishaya izifuba kangako njengoba amazwe afana noKenya eseyinqobe amahlandla ali-13 i-New York City Marathon bese kuthi i-Ethiopia yayinqoba amahlandla amabili.
Sikhuluma kuyimanje nje, kwabesifazane umpetha wu-Mary Keitany kanti kulobu bulili leli lizwe seliwunqobe kayisi-8 lo mqhudelwano. I-Ethopia yona isinqobe amahlandla amabili. Lawa mazwe womabili kawazibekile phansi emjahweni yabesifazane njengoba nakweminye ehlonishwayo efana neBoston Marathon, iKenya isinqobe amahlandla ali-11.
Kuyimanje ngu-Rita Jeptoo umpetha wangonyaka odlule noka-2013. I-Ethiopia isanqobe kathathu. Nakwi-Berlin Marathon abesifazane baseKenya bavutha bengabaselwe njengoba sebeke bayithatha yize kusekanye nje vo.
Ngaphandle kwale mijaho yase-Europe okufike kukhathaze futhi kucasule kakhulu wukuzenzela kwabesifazane nasemijahweni efana neComrades Marathon esiphenduke eyamawele akwa-Nurgalieva, o-Elena no-Olesya base-Russia. Nakhona nyakenye akabanga bikho umgijimi wesifazane omnyama okungenani ophume kwabayishumi bokuqala. Elakuleli lisindele oZola Budd Pieterse ophume indawo yesi-7, Martinique Potgieter noJulanie Basson okungabasubathi bebala elimhlophe.
KwiSoweto Marathon kukhalwa esifanayo njengoba kuyimanje nje inkunzi ekhonyayo kunguMesereti Mengistu wase-Ethiopia bese olele emva kwakhe kuba ngu-Isabella Japchumba waseKenya. Kwi-Old Mutual Two Oceans Marathon sisindele amawele akwaPhalula, uLebohang odle umhlanganiso ebangeni lama-21.1km, noDiana olale isibili. Ebangeni lama-42.2 nakhona kusize intokazi yomlungu u-Caroline Wostman odle umhlanganiso noTanith Maxwell olale isithathu.
USimon Dlamini onguSihlalo woGu Athletics Club, eThekwini ukhwele wazehlela kuhulumeni ethi, abekho nje abasubathi besifazane bebala elimpisholo kungenxa yakhe. Usola uhulumeni ngokungabi nandaba nalo mdlalo. Uveze ukuthi eKenya bahamba phambili nje, yingoba ezokugijima khona zilawulwa wumbutho wezokuvikela, owamaphoyisa nowamajele. Yonke le mibutho ilawulwa wuhulumeni. Uthi uma izingane zingena kwezokugijima zifaniswa nabantu abazosebenzela izwe. Naphezulu kwalokhu kukhona amakilabhu afana neMfae eseNyahururu neKiptenden eseKerich asezingeni eliphezulu. Uthi ngaphansi kombutho wezokuvikela, owamaphoyisa nowezamajele izingane ziqala ukuqeqeshwa kusukela eminyakeni eyisi-9. Uphinde waveza nokuthi imfihlo ye-Ethiopia ilele kumakolishi ezemidlalo. Uthi imfihlo yalawa mazwe ngalezi zinhlelo wukwazi ukulandela abasubathi abenza kahle nokugcina imigqigqo yabo.
UDlamini owazakhela udumo eseyilunga le bhodi le Atheltics South Africa (ASA) uthi kulezi zinkambi abantu besifazane bayanakekelwa kakhulu ngoba kuyaziwa ukuthi babuthaka uma beqhathaniswa nabesilisa. UDlamini uthi kuleli kwenzeka okwehlukile.
Ukhale ngokuthi akekho ozihluphayo ekulandeleni ukuthi izingane ezibe kwabayishumi bokuqala emijahweni yama-South African Local Government Association (SALGA) ziphelela kuphi. Uthi uma kwenzeke inhlanhla yangakhulelwa phakathi nonyaka leyo yentombazane abaqeqeshi baleso sifunda bayoze bayibone emidlalweni elandelayo ngonyaka olandelayo.
Uqhubeke nokuveza ukuthi isizathu esenza kuleli kube nenqwaba yebasubathi bebala elimhlophe abagqamayo wukuthi baluthola ngazo zonke izindlela uxhaso kubazali babo.
“Ngowama-1996 ngahambisana namawele akwaPhalula (uDiana noLebohang) ukuya emidlalweni eyayise-Poland. Lezi zingane zazigadwe ngunkosikazi womlungu ngokulawulwa yi-ASA kanye nabazali balezo zingane.
Yingakho lezi zingane zisagijima namanje ngoba selokhu zaqashelwa zincane indlela ezigijima ngayo. Nakwabanye abasubathi abamnyama besifazane abathanda ukugqama abafana noPaseka Makhanya uyathola ukuthi beyilandelwa indlela abebegijima ngayo bekhula,”kubeka uDlamini.
Lesi sikhulu sithi kuyihlazo ukuthi elakuleli emincintiswaneni yasemazweni omhlaba lisagqanyiswe yizalukazi ezifana noZola Budd ezaphula irekhodi lo mhlaba ebangeni lezi-5000 metres eminyakeni engama-30 eyadlula kanye no-Caster Semenya ngendondo yakhe yegolide kuma-World Championships abese-Berlin, eGermany ngowezi-2009.
UMtolo uthe usekhulume kwaze koma amathe ecela ukuthi axhaswe wuhulumeni wakulesi sifundazwe ukuze athuthukise ezokugijima. Uthi okubuhlungu wukuthi leli lizwe lihlulwa nangamazwe afana noLesotho, Zimbabwe, Kenya ne-Ethiopia phezu kokuba engathathi entweni.
“Namanje ngisalindile, uhulumeni awungilekelele ukuze ngidlulise lolu lwazi enginalo esizukulwaneni esisha. Bheka nje ngosizo lukahulumeni iKenya seyikhiqize izintokazi zabasubathi abafana no-Alice Chelangat, Caroline Kilel, Catherine Ndereba nabanye. Makasike iphethi uhulumeni wakuleli,” esho kanje uMtolo One-Academy e-Underburg.
Le nkakha ibe seyikhwela idilika kubasubathi besifazane ibasola ngobuvila. Uthi bafuna ukuqhamuka sebevuna izithelo kodwa bengasebenzanga. Mayelana nokuthi i-ASA isayinde isivumelwano sokuthi abasubathi bakuleli bazokhempela eKenya, uMtolo uthe lokhu kuyigxathu elihle nokho okubalulekile wukuthi kucoshelwe ulwazi oluzosatshaliswa kuleli.
ULina Chaka ongumpetha kwabesifazane kwi-Harry Gwala District Marathon naye usanda kucashunwa ekhala ngobuvila kubasubathi besifazane bakuleli. Uthe enye into ebabulalayo wukuthanda imali.
Uthi kumele bayeke ukusebenza kodwa bagxile ekuziqeqesheni ukuze bakwazi ukubuyisa isithunzi sabo.