Now Reading
Izakhiwo zendabuko zixoxa indaba ejulile
Dark Light

Izakhiwo zendabuko zixoxa indaba ejulile

Isakhiwo sendlu yomdabu, yesintu, sixoxa indaba kanti futhi sinikeza incazelo mayelana nenjula yosikompilo laboHlanga, okuyinto engavamisile ukuxoxwa ngayo. Namhlanje kule ngosi sizozama ukuhlaziya incazelo kanye nomqondo oqukethwe yisakhiwo sendlu yaboHlanga. Izinhlangano, abantu, izikhungo zongqondonkulu nezincwadi ziyatholakala ezwenikazi i-Afrika naseNtshonalanga.

Ngikusho lokhu ngoba emgodleni wethu siqukethe ubunjalo bomsuka wenkolo yase-Afrika. Labo abake bahambele emazweni amaningi ase-Afrika baye babone ukuthi isakhiwo sezindlu zaboHlanga ziyefana kuyo yonke i-Afrika, ziyindilinga, zinophahla oluyindilinga, zikhomba phezulu ezulwini. Ngaphakathi zinezilili ezimbili, esikayihlo kwesokudla kube esikanyoko kwesokunxele. Kuba khona iziko eliyindilinga, insika engena phansi emhlabathini yenyuke iyobamba uphahla esicongweni. Bese kubakhona umsamo (isigodlo) lapho kuhlala futhi kuthethelwe khona amadlozi.

Ngaphandle komuzi yisibaya sezinkomo esiyindilinga, siyindawo ehlonishwayo kakhulu, yilapho kuhleli khona umnotho nesithunzi kwamakhehla asahamba emhlabeni.
Akumangalisi-ke ukuthi isonto lokuqala ngqa emhlabeni laboHlanga, labonakala ezweni laseTopiya, nalo lakhiwe laba yindilinga. Kusho ukuthini ukwakhiwa kwezakhiwo ngokwase-Afrika? Thina bantwana bakaNobantu sasigcina usikompilo lwethu ngendlela ebaluleke kakhulu. Yonke into yayihambisana nosikompilo, okuyilo elingumkhombandlela wethu. Okuyilo eliyisisekelo sempilo yethu. Lokhu kwakusho ukuthi ngisho izindlu esihlala kuzo uqobo, kudingeke ukuba zanelise usikompilo lwethu.

Isakhiwo somuzi nje wonke sisho lokhu: indilinga imele ubumbano, imele umfelandawonye; uphahla luyindilinga bese lukhomba phezulu; insika imbelwa phansi ikhombe phezulu bese ibamba uphahla, isho ukuxhumana phakathi kwezulu nomhlaba. Ngemva kwensika kuba umsamo. Ngakhoke lesi sakhiwo siqukethe yonke into endlini eyodwa. Kwesikayihlo yilapho kuphethwe khona izidalwa nemimoya yasekhaya. Kwesikanyoko yilapho kuphethwe khona umkhiqizo wayo yonke into yempilo yala ekhaya, ngoba yilapho kukhona inzalabantu yomuzi, yilapho kukhiqizwa khona izingane zamantombazane okuyizo eziletha izinkomo, yilapho kukhiqizwa khona abafana okuyibo abathatha umbuso wasekhaya nxa abadala sebephindele lapho bavela khona. Yilapho kuphekwa khona ukudla kwawo wonke umuzi. Yingakho nje kuyaye kuthiwe indoda ayiphelele uma ingenaye unkosikazi.

Esikayihlo sona siphethe imimoya; siphethe izidalwa zasekhaya; yiso esixhumana nezidalwa zasekhaya. Kodwa futhi yiso esilawula impilo yonke yasekhaya, njengoba phela sazi ukuthi impilo yomuzi ilawulwa umsamo. Lolu sikompilo, nxa ulubhekisisa lukhomba ukuthi, okokuqala, thina ndlu kaNobantu sikwazi ukuhlanganisa imimoya kanye nakho konke esinakho.

Ukukhomba phezulu kwesakhiwo kusho izinto ezimbili: okokuqala kusho ukuthi sikhonza Bon’abakhulu abahleli eduze kukaMvelinqangi. Inkolelo yanoma ubani emhlabeni ithi uMdali useZulwini ngoba iZulu liphezulu. Okwesibili, kugcizelela lokho okwashiwo uHermes Trismegistus, umqambi wendlela yosikompilo laboHlanga ngokulawulwa nguRa (uMvelinqangi) ukuthi okungaphezulu kuyafana futhi kuyalingana nokungaphansi.

Iziko lisho lapho kuqhamuka khona amandla empilo, ngoba phela yilapho sithola khona umlilo, yilapho kuphekwa khona ukudla okusipha amandla wokuba senze imisebenzi eyabekwa uMvelinqangi yasemhlabeni. Kanti futhi yilapho kushiyelwana khona ngolwazi phakathi kwabazali nezingane. Yilapho sithola khona umlotha. Yindawo le yokwakha uxolo emndenini kanti futhi yindawo lapho kwakhiwa khona amasu ajulile okuphatha umuzi. Kafushane yilapho sithola khona amandla engqondo namandla omzimba.

See Also

Ekugcineni, kuba khona uthango oluyindilinga olubiyele umuzi wonke, kuze kuzoba yintuba yokungena ekhaya. Intuba kumbe isango iba yinye njengoba phela imele isango lokungena ezulwini. Uthango lusho isibhakabhaka okungukuthi umuzi wonke lo ungumhlaba nesibhakabhaka walaba bantu bakuleli khaya. Buka isakhiwo samaphiramidi aseKemet (izindlu ezingamangcwaba zabo abakhulu baseKemet)! Buka isakhiwo sephiramidi yaseGiza! Buka isakhiwo seliba leNgonyama yamaZulu, iNgonyama uShaka, kwaDukuza! Konke lokhu kusho udengezi losikompilo lwama-Afrika esincinda kulo.

Ngakho-ke isakhiwo sendlu yomdabu sixoxa indaba kanti futhi sichaza usikompilo laboHlanga. Yingakho kuyaye kuthiwe noma ngabe wakhe esilungwini kodwa yiba nayo indlu yesintu.

– UMnu Mfuniselwa Bhengu ungumbhali wezincwadi ezimbili: ‘AmaZulu: Ancient Egyptian Origin’ kanye ne ‘AmaZulu: Bona’bakhulu BaseKemet’. Lezincwadi zitholakala kwaAdams Booksellers edolobheni laseThekwini. Olunye ulwazi ungaluthola ngokuthintana nombhali ku-email: mjbhengu@iafrica.com

Scroll To Top