Now Reading
I-EFF nesenzo sobuthamelangozi kuMasipala wase-KZN
Dark Light

I-EFF nesenzo sobuthamelangozi kuMasipala wase-KZN

Kulezi zinsuku abantu bakuleya ndawo, ikakhulukazi intsha, bebebonakala beshaye ujenga emahhovisi e-EFF kuthiwa bazothatha ubulungu balo. Yize zingekho izibalo ezeseka lokhu, lo mkhankaso we-EFF ubukeka uzoshubisa umbango uma sekubhekwe okhethweni lohulumeni bezindawo ngo-2016. Okwamanje iNdumeni iphethwe ngokubambisana phakathi kwe-ANC ne-National Freedom Party.

Ukuvumbuka esikhaleni kwe-EFF kuleya ndawo kususwe ukushiya kukaMnu Chippa Ngobese obeyikhansela le-ANC phambilini. UMnu Ngobese ushiye ngenxa yokungaboni ngaso linye nabaholi abathile be-ANC esifundeni iBhambatha.

Ekhuluma neBAYEDE uMnu Ngobese uthe waphoqeleka ukushiya uKhongolose ngoba ehluleka ukuhlala athule ezenzweni ayezibona njengenkohlakalo emkhandlwini abekuwo. UMnu Ngobese uthi esinye sezizathu esenza wesula emkhandlwini naku-ANC wukuthi wayengahambisanani nokuxoshwa kwezisebenzi ezingu-22 nezikhulu zomkhandlu eziyisithupha ebezisolwa ngokuthi zazisekela iMenenja kaMasipala uMnu Thabani Biyela, naye kumanje osamisiwe emsebenzini.

Ukushiya kukaMnu Ngobese kuholele ekubanjweni kokhetho lokuchibiyela. Kulolo khetho lokuchibiyela uKhongolose wawina wehlula uMnu Ngobese, owayesengene njengozimele, ngamavoti amathathu kuphela.

Isishoshovu se-ANC, uMnu Mkheshi Shezi futhi ongusihlalo wekomiti lomphakathi waseNdumeni, ukuqinisekisile ukuthi bakhathazekile ngendlela i-EFF engenise ngayo emphakathini wakule ndawo. “Abantu abavulele i-EFF intuba yokungenisa emphakathini ngabaholi abathile be-ANC ababulala le nhlangano ngenxa yenkohlakalo.“Kumanje sinovalo lokuthi omasipala abangaphansi koMzinyathi bazongenelwa yi-EFF kulolu khetho oluzayo ngenxa yalaba baholi bethu abasemkhankasweni wokubulala i-ANC,” kusho uMnu Shezi.

Uqhube wathi okufike kwakhulisa kakhulu i-EFF endaweni ukujoyinwa nguMnu Ngobese obeyikhansela le-ANC kanye noNkk Girly Mbatha oyisikhulu esiphezulu emkhandlwini kodwa osamisiwe.Ukuqala kokubonakala kwe-EFF kule ndawo sekufake elikhulu itwetwe nasebuholini be-ANC esifundeni iBhambatha, ikakhulukazi njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya.Omunye wabaholi be-ANC kulesi sifunda, ongathandanga kudalulwe igama lakhe ngenxa yokuthi akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, usole ubuholi besifundazwe ngakubize ngokwehluleka ukulawula abaholi besifunda iBhambatha.

See Also

“Sisengcupheni yokulahlekelwa yile mikhandlu ebesiyiphethe engaphansi koMzinyathi ngenxa yombango wezikhundla nenkohlakalo yamathenda eqhutshwa abaholi abathile besifunda. Futhi sesiyazi ukuthi kunabaholi be-ANC esifundeni iBhambatha abasebenzela i-EFF umshoshaphansi ngokubulala i-ANC,” kusho lo mthombo. Uqhube wathi kunezinkulumo ezikhona ngetulo lokuketula iMeya Thulani Mahaye ukuze esikhundleni sakhe kubuyiselwe uNkk Thandeka Nukani. UNkk Nukani wayesuswe kulesi sikhundla eminyakeni edlule ngoba ebhekene nezinsolo zokuqasha izinkabi ezabulala umholi we-Cosatu ngenxa yombango wamathenda. INkantolo eNkulu yawahoxisa wonke amacala ayebekwe wona.

uMnu Shezi ukhale ngokuthi izinto zimapeketwane eNdumeni. “Uma ubuholi be-ANC kuzwelonke bungangeneleli ngokushesha kuzomele sikhohlwe yilo mkhandlu ngoba uyahamba kanti vele besiwuphethe ngengcacamezela,” usho kanje.Ukhale nangokuthi abantu ababevoteleuMnu Ngobese babonakala bamlandela baya ku-EFF. Unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, uthe abayigqizi qakala imibiko yokuthi kukhona amalungu ayo ezindaweni eziningi komasipala baKwaZulu-Natal aseqome ukujoyina iqembu le-EFF ngenxa yezinkinga okuthiwa zingaphakathi. “Siyezwa ngala mahlebezi okuthi kunamalungu e-ANC ashiya eqenjini ukuyojoyina i-EFF. Engifuna ukukusho ukuthi i-ANC ayinaluvalo ngalokho,” kushouMnu Zikalala. Nokho uMnu Zikalala uthe bazophenya ngendaba yaseNdumeni. “Yebo, kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwethu neqembu le-NFP esibambisene nalo komasipala, kodwa akukho ukushuba kwesimo phakathi kwethu eNdumeni. Ngakho okwamanje la mahlebezi sisawathatha njengento engekho kuze kube sithola ubuqiniso ngawo,” kuphetha uMnu Zikalala.

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Sipho Mbatha obuye abe yilungu lePhalamende kuzwelonke, ukuqinisekisile ukuthi leli qembu linohlelo lokukhulisa ukusekwa ngaphansi komasipala abaphethwe yi-ANC KwaZulu-Natal. “Nakanjani sizoyimangaza i-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2016,” kusho uMnu Mbatha. Uthe bona njengamanje basemkhankasweni wokuqinisa ubulungu baleli qembu emazingeni ezifunda. “Iqhinga esilisebenzisayo ukuba bajoyine i-EFF ukuthi sitshale intsha kakhulu kulezi zindawo zomasipala abaphethwe yi-ANC. Esikuthandayo kubo ukuthi basebasha futhi abakabi nachashaza lepolitiki esiyibona kubaholi abaningi emaqenjini,” kusho uMnu Mbatha.

Scroll To Top