Now Reading
Bathi akabuye ekuphatheni owase-Austria
Dark Light

Bathi akabuye ekuphatheni owase-Austria

UMengameli wase-Austria u-Alexander Van der Bellen uthole ihlandla lesibili leminyaka eyisithupha eHhovisi ngokuwina amavoti angaphezu kwama-50% okhethweni lwangesonto eledlule. Ngesikhathi kubalwa amavoti kulolu khetho obelubhekwe kakhulu izingqapheli zamazwe kutholakale ukuthi umengameli ukwaze ukuhlanganisa amavoti angama-55.4% Imbangi yakhe enkulu uWalter Rosenkranz we-Freedom Party uzithole elandela kude ngamavoti angama-18.4%.

Scroll To Top