Ngabe udosi lwemigomo yokhuvethe lusantinyela ngokuyikho?
KwakunguMsombuluko zingama-23 kuNdasa wezi-2020 ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela ukuvalwa thaqa kwezwe izinsuku ezingama-21 okwakuzoqala phakathi kwamabili zingama-26 kuNdasa kuze kube zili-16 kuMbasa.
Lesi simemezelo uRamaphosa wasenza elandela ezithendeni izikhondlakhondla zamazwe okuyi-United States of America (USA), i-Italy, isifundazwe uHubei eChina, iGreat Britain wonke ayesememezele ukuvala kokuhlangana kwabantu. Ophathiswe Ezempilo Nokuxhumana Kwabantu eBritain uMatt Hancock watshela iPhalamende zili-16 kuNdasa ukuthi ubhubhane ukhuvethe luyaphoqa ukuthi kuvalwe izwe ukuze kugwenywe ukuhlangana kwabantu. Ngaleso sikhathi emazweni anjengeGuatamalia eSouth America, abantu babefa ubuthaphuthaphu, izidumbu zicoshwa emgwaqeni ziyiziginqane.
Enza lesi simemezelo uRamaphosa wathi. “Lesi yisinqumo esingujuqu okuhloswe ngaso ukuhlenga impilo yezigidi zabantu bakuleli ukuthi bangatheleleki ngaleli gciwane. Nakuba lesi sinyathelo sizoba nomthelela empilweni yabantu nakunhlalakahle yabo, ngisho nasemnothweni wezwe, kodwa uma sibamba siyeka singasithathi isinqumo ngalokhu umphumela kuzoba ukulahleka kwemiphufumulo.”
Ezinyangeni ezimbili ezizayo kuzobe kuhlangana khaxa iminyaka emibili uRamaphosa afaka izwe ngaphansi kweNational State of Disaster. Kusasa ngoMgqibelo zili-15 kuMasingana ngumnqamulajuqu wokuphela kwesikhathi sokuba izwe libe ngaphansi kwemibandela yobhubhane ukhuvethe eminyakeni emibili. Umbuzo omkhulu ngothi uMkhandlu oholwa nguRamaphosa obhekelela ukusabalala kwaleli gciwane iNational Coronavirus Command Council uzovuselela yini noma uzoqeda nya ngemigomo nemibandela yokhuvethe.
Lo Mkhandlu yiwo othatha izinqumo ngokuthi izwe kumele libekwe kusiphi isigaba nokuthi yimiphi imibandela engaqiniswa noma ithanjiswe okanye ihoxiswe. Njengamanje izwe lisesigabeni sokuqala, okuhambisana nemibandela nemigomo yakhona njengokufaka isifonyo uma ungena ezindaweni okuhlanganyela kuzo umphakathi njengezikhumulo zezindiza, izinxanxathela zezitolo nasezindaweni zomsebenzi. Uma kusasa ungahoxiswa lo mthetho kungaba ukukhululeka kwabantu okokuqala emuva kweminyaka emibili.
Ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi abantu bebejabula bejeqeza ngoba zike zaqina izinkulumo zokuthi kungenzeka kuqiniswe imigomo yokhuvethe, njengokuvalwa kotshwala, izindawo zokungcebeleka, kwehliswe kakhulu nesibalo lapho kusuke kuhlanganyele khona abantu. Le ngebhe ibidalwa ukuhlasela kwehlandla lesine i-Omicron. Nakuba zibe khona iziqubu zokuhlasela kwehlandla lesine, kepha alibanga namandla njengamahlandla edlule lapho kwabhubha khona inqwaba yabantu kwaze kwaphela nemibhede ezibhedlela. Kukhona ukukhuluma okuthi uRamaphosa wagagamela ngokuvala thaqa izwe ngoba zazingekho izinhlelo eziphelele zokubhekelela wonke umuntu.
Ukubhebhetheka kokhuvethe kwaqala kuyinhlekelele yezempilo, okwathi ngokuvalwa thaqa kwezwe kwaphenduka inhlekelele yezomnotho. Kungalesi sikhathi sokuvalwa kwezwe lapho kuqhuma khona inkohlakalo yokudliwa kwemali eyayihlinzekelwe ukusiza izinkampani nabasebenzi ababehleli emakhaya. Imali yesibonelelo se-R350 yaqubula omkhulu umsindo kwavumbuka nenqwaba yazisebenzi zikaHulumeni ezafaka izicelo zokuyihola zaphumelela, kwathi izigidi zabangasebenzi zangakwazi ukuyithola. URamaphosa waphinde wagxekwa ngokuhluleka ukulawula ngokugcwele yonke imibandela njengoba wayesolwa ngokuthambisa isandla kwabanye ongqongqoshe ababebonakala bejobelela kweminye imibandela.
Owayegxekwa kakhulu uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele ngokuba mandla ezindaweni zaboHlanga uma kubhekwa ukusetshenziswa kotshwala. Amaphoyisa agxekwa nangokungena imizi yabantu kuthathwe utshwala kokunye buchithwe lapho kokunye umndeni ulungiselela ukwenza umcimbi.

