IGambia noMthethosivivinywa ozoqeda umkhuba wokuthwengula ingasese lowesifazane



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMthethosivivinywa ofuna ukuqeda umthetho waseGambia wokuvimbela ukuthwengulwa kwengasese labesifazane wethulwe ePhalamende laleli lizwe eliseNtshonalanga Afrika izolo futhi uzodingidwa abashayimthetho ekupheleni kwale nyanga.
OwayenguMengameli uYahya Jammeh wawuvala lo mkhuba ngowezi-2015 futhi wethula izinhlawulo eziqinile nezigwebo zasejele kwabenzi balo mkhuba.
Kodwa-ke, abantu abaningi baseGambia basakholelwa ukuthi ukuthwengula ingasese lowesifazane kuyisidingo senkolo i-Islam. UMthethosivivinywa, owethulwa ngummeli u-Almameh Gibba, uthi ukuvinjelwa kwamanje kwephula amalungelo ezakhamuzi ukwenza isiko nenkolo yazo.
UMthethosivivinywa uhlukanise imibono yomphakathi. Abamelene nokuthengulwa kwengasese lowesifazane bakhomba emiphumeleni eyingozi engokomzimba nangokwengqondo yalo mkhuba emantombazaneni nakwabesifazane futhi bathi ukususwa kokuvinjelwa kungaba isinyathelo esikhulu sokuzibuyisela emuva.
Lo mkhuba awunazo izinzuzo zezempilo futhi ungaholela ezinkingeni ezinkulu zezempilo, ngokusho kweWorld Health Organization. Ukufundwa kwesibili kwalo Mthethosivivinywa kuhlelelwe umhla zili-18 kuNdasa.