Ukunqoba kwenze isizwe sahambela phezulu emhlabeni


Amabhokobhoko asenze saziqhenya ekhala emuka nesicoco seNdebe yoMhlaba. Elakuleli lithele othulini iNew Zealand ngo 12-11 kowamanqamu.
AmaBhokobhoko yiwona asephethe izicoco eziningi zeNdebe yoMhlaba ezine azinqobe, (ngo-1995, 2007, 2019 nangowezi-2023). Intatheli yelaboHlanga isibhekela izizathu ezinhlanu ezenze amaBhokobhoko aba ngompetha bomhlaba eFrance.
Akaxhamazeli uma ebhekene nezingqinamba:
AmaBhokobhoko anqobe ngaphansi kwezimo ezinzima esigabeni somkhumulajezi. Kumaquarterfinal abhekane neFrance ebingosokhaya kulo mqhudelwano. Leli zwe liqede esicongweni eqoqweni layo futhi layinqoba
yonke imidlalo yayo yamaqoqo. Nakuma-quarterfinal ahambe phambili imizuzu engamashumi nesikombisa. Yize amaBhokobhoko abelandela emuva kodwa akazange atatazele noma enze amaphutha angenasidingo. Abuye ngemizuzu yokugcina uHandre Pollard wavalela phakathi amaphuzu amathathu anqobele iqembu umdlalo ngemizuzu emithathu yokugcina. Amabhokobhoko agcine
enqoba ngamaphuzu angama-29 kwangama-28. Kubengesifanayo kowandulela amanqamu behlula amaNgisi ngamaphuzu ali-16 kwali-15. Alandele emuva umdlalo uqale aze ahamba phambili ngemizuzu emihlanu yokugcina
Isinqumo sokulanda uHandre Pollard: UHandre Pollard ubengekho esikwatini samaBhokobhoko seNdebe yoMhlaba. Uke walimala isikhathi eside. Ukulimala kukaMalcom Marx yikona okuholele ekutheni afakwe eqenjini. Ubuye kwezwakala. Isikhala sakhe sibonakele amaBhokobhoko ashaywa yi-Ireland kweyamaqoqo. Esigabeni somkhumulajezi yonke imidlalo siyinqotshelwe nguyena. Ungene esuka ebhentshini sibhekene neFrance kumaquarterfinal wafike wavalela amaphuzu amathathu akugcina enze umehluko emdlalweni. Kowandulela amanqamu wenze okufanayo kwathi kowamanqamu washaya wonke amaphuzu esinqobe ngawo kuma-All Blacks
Ungqondongqondo onguRassie Erasmus: Besingayini ngaphandle kukaErasmus? Amaqhinga akhe yiwona asenze sayivikela ngempumelelelo iNdebe yoMhlaba. Isinqumo sokuqala ngabadlali abayisikhombisa baphambili noyedwa wasemuva kowamanqamu yisona esenze saphumelela kowamanqamu. Kuma-quarterfinal ushumayele ivangeli lokuthi iqembu liqinise
kuma-scrum.
Ukuqina kweqembu kusuka kwabaqala umdlalo kuya ebhentshini: Emidlalweni yamaqoqo abadlali abaqala umdlalo yibona abasenzele umsebenzi kwathi esigabeni somkhumajezi ibhentshi kwaba yilona elisilamulelayo.