Amabhokobhoko,iCarling Cup, ubumnandi bubuzwa kwelikabhanana



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lena impelasonto enkulu kubantu baseThekwini, njengoba kulindeleke ukuthi izitaladi zigcwale phama kakhulukazi kusasa ngoMgqibelo.Usuku luzovulwa Amabhokobhoko njengoba ezobe ehambele izindawo eziseduzane naleli dolobha. Abantu bazothola ithuba lokubona iNdebe iWebb Ellis. Elakuleli lihambela phezulu njengoba ngeledlule linqobe iNdebe YoMhlaba lihlula iNew Zealand kowamanqamu ngamaphuzu ali-12 kwali-11. Bekungokwesine elakuleli liqukula iNdebe YoMhlaba.Nangonyaka wezi-2019 kwenzeka esifanayo abadlali bakuleli behambela izindawo zaseThekwini, emva kokunqoba yona iNdebe YoMhlaba eyabe iseJapan. Lokhu kuhambela kwezindawo Amabhokobhoko akuqale eGoli alandela eKapa kusasa ngeSonto azobe ese e-Eastern Cape. Kuleli atheleke ngoLwesibili lapho amukelwe izinkulungwane zabantu.IMoses Mabhida Stadium, kulindeleke ukuthi igcwale phama kwazise izobe isingethe imidlalo emibili ezobe ishubile.Kumdlalo wokuqala kuzotholana phezulu iRichards Bay FC ne-Orlando Pirates. Lo mdlalo weLast 8 uzoqala ngehora lesi-3 ntambama. IRichards Bay FC ephikwa izinto kuligi, ifike lapha emva kokuhlula iSwallows FC ngamabili kwelilodwa. Ezimnyama zehlula iCapeTown Spurs ngamabili eqandeni. Umdlalo wesibili ophakathi komkhaya baKwaZulu-Natal AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows uzoqala libumbene elesi-7 kusihlwa. AmaZulu FC ehlule iKaizer Chiefs ngelilodwa eqandeni, kwathi iLamontville Golden Arrows yehlulaiCape Town City ngamathathu kwelilodwa.Lo mucimbi waminyaka yonke uzobe ubhekwe ngabomvu. Iwona ozovala usuku lakusasa uzobe ubanjelwe e-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) kusukela ngehora lesi-8 kusihlwa. Imikomelo ebhekiwe oweSport Personality of the Year, okubanga kuwona uZakithi Nene (Athletics), uGrant Williams (Rugby), uNonkululeko “Lefty” Mlaba (Cricket), uMatthew Sates (Swimming) noSamkelisiwe Mbatha (Wheelchair Basketball). Eminye oweSportwoman of the Year, Mary-Lee Zulu (Rugby), uNonkululeko (Cricket) noThandolwethu Mathiba (Boxing), kube oweSportman of the Year uDavid Miller (Cricket) uHenri Schoeman (Triathlon) noSate (Swimming). Ozonqoba kule minxa emibili uzogoduka nonyanyavu lwemoto yakwa-VW nexhaswe inkampani yakaJoma kaSipho Mngomezulu. NgeSonto enkundleni iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu kuzokhunjulwa umsunguli we-Inkatha Freedom Party (IFP) nobenguNdunankulu wakaZulu iNkosi Mangosuthu Buthelezi.