Kuzokhetha ukhethi kwezemidlalo ngempelasonto



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kunamagama ajwayele ukushiwo abantu bethi “Impelasonto enkulu”, okufana njengalena esiya kuyona lapho kusuke kulindeleke ukuthi kube nesiphithiphi kuyo yonke indawo. Le mpelasonto inkulu kakhulu kwezemidlalo njengoba kuzobe kunemidlalo ehlabahlosile.
Umdlalo wokuqala ozokuba kusasa obandakanya iReal Madrid neFC Barcelona, ebusuku kube umdlalo wamanqamu eNdebe YoMhlaba phakathi kweNew Zealand neNingizimu Afrika kuphinde kube owomkhaya baseManchester wona ozokuba ngeSonto.
Barcelona vs Real Madrid
Uma la maqembu etholene phezulu ungaze ufunge ukuthi kusuke kutholene omkhaya, kwazise zisuke zihadulisana ngendlela eyisimanga. Naku lo mdlalo kulindeleke esifanayo, njengoba womabili la maqembu eyiqale kahle isizini.
IReal Madrid emva kwemidlalo eli-10 iyona ehlezi phezulu kulogi ngamaphuzu angama-25, iFC Barcelona yona isendaweni ngamaphuzu angama-24 nayo isidlale imidlalo eli-10. Emidlalweni emihlanu la maqembu etholana phazulu, iFC Barcelona inqobe imidlalo emine kwathi iReal Madrid yanqoba owodwa.
Kubadlali ababhekiwe beFC Barcelona u-iIkay Gundogan, uJoao Felix noFerran Torres. Ngakwi Real Madrid khona kuzobhekwa uJude Bellingham ongalibheki ipali kusukela iqalile isizini, uVinicius Jnr noRodrigo. Lo mdlalo uzobanjelwa e-Estadiu Olimpic Lluis Companys, okuyinkundla yeFC Barcelona uzoqala ngele-15:15 ntambama.
New Zealand vs South Africa
Kulo mdlalo kuzongena amaqembu amabili enkundleni ehamba engaphethe lutho esandleni, kodwa emva komdlalo elilodwa lizophuma selingompetha boMhlaba. Lo mdlalo uzobanjelwa enkundleni iStade de France, emumatha abantu abayizinkulungwane ezingama-81 338.
Umdlalo wokugcina lamaqembu etholene phezulu kunqobe Amabhokobhoko kowobungani ukuzilungiselela yona iNdebe YoMhlaba. Amabhokobhoko anqoba ngamaphuzu angama-35 kwayisikhombisa.
Man United vs Man City
Omkhaya baseManchester bazovala Impelasonto ngomdlalo osezingeni eliphezulu, ngozobe ugabe nangamagoli, uzobanjelwa e-Old Trafford Stadium, ngele-17:30 okuyinkundla yeMan United. La maqembu ngesizini edlule ahlulane kuyona yomubili, okuhle kuyona yomubili le midlalo amagoli ayangena. IMan United emva kwemidlalo eyi-9 isendaweni yesi-8 ngamaphuzu ali-15. IMan City yona isendaweni yesibili ngamaphuzu angama-21.