Now Reading
Amavukelambuso ayaqhubeka nokubhedla impi e-Uganda
Dark Light

Amavukelambuso ayaqhubeka nokubhedla impi e-Uganda

Kubulawe owesilisa wase-Uganda kanye nezivakashi ezimbili zakwamanye amazwe ngesikhathi kuhlasela abasolwa ngokuba ngamavukelambuso angaphansi kwe-Allied Democratic Forces (ADF) esiqiwini, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

“Sibhalise ukuhlasela kwamaphekula okuwubugwala kwezivakashi ezimbili zakwamanye amazwe kanye nowase-Uganda eQueen Elizabeth National Park. Laba abathathu bashonile, kwashiswa nemoto abebehamba ngayo,” kusho okhulumela amaphoyisa uFred Enanga enkundleni yokuxhumana u-X, phambilini obuwaziwa ngo-Twitter.

U-Enanga uthe bebelandela abasolwa ngokuba ngamalungu e-ADF, kanti amaphoyisa ase-Uganda afake ku-akhawunti yawo yenkundla yokuxhumana isithombe semoto edonsa ngamasondo amane eshayo.

I-ADF yaqala njengokuvukela umbuso e-Uganda kodwa izinze eDemocratic Republic of Congo kusukela ngasekupheleni kwawo-1990. Yathembisa ukwethembeka ku-Islamic State maphakathi no-2019 futhi isolwa ngokubulala izinkulungwane zezakhamizi eminyakeni eyishumi edlule.

Amaphoyisa awazange ayinikeze indawo eqondile yokuhlasela. Umngcele osentshonalanga waleli paki ugu lweLake Edward, oluhlukanisa i-Uganda neCongo.

UBashir Hangi, okhulumela i-Uganda Wildlife Authority, uthe ukuhlasela kwenzeke ngoLwesibili ebusuku. Isikhulu sezilwane zasendle sithe esitatimendeni isivakashi esisodwa sidabuka eNingizimu Afrika kanti esinye sidabuka e-United Kingdom. Phambilini amavukelambuso e-ADF ahlasele endaweni nangaphesheya komngcele waseCongo, lapho anezisekelo khona.

See Also

I-Uganda ne-Congo baqale umkhankaso ohlanganyelwe wokula ne-ADF ngoZibandlela wezi-2021 emzamweni wokuqeda ngeqembu lamavukelambuso empumalanga yeCongo. I-Uganda ithe isiphumelele ukubulala amasosha angaphezu kwama-560 yacekela phansi nezinkambu zabo. Ngesonto eledlule, amasosha e-ADF abulale okungenani indoda eyodwa kwathi omunye alimala ngesikhathi eqamelisa iloli entshonalanga ye-Uganda.

NgoMandulo, uMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni wathi ukuhlasela kwezomoya kwabulala umkhuzi omkhulu we-ADF, uMeddie Nkalubo, osolwa ngokuba ungqondongqondo ekuqhunyisweni kwamabhomu eKampala ngo-2021 kwashona abantu abayisikhombisa.

UMuseveni uthe ukuhlasela okungapheli kwe-ADF, okuhlanganisa nokuhlasela ngezomoya ngosuku olwedlule, kuphoqe amasosha e-ADF ukuthi aphinde angene e-Uganda lapho okungenzeka andise ukuhlasela.

Scroll To Top