Now Reading
Indaba esingagcinanga ngokuyixoxelwa kepha esiyibone ngamehlo
Dark Light

Indaba esingagcinanga ngokuyixoxelwa kepha esiyibone ngamehlo

Kuningi esikufunde ngabeza phambi kwethu nobekusixoxelwa ngabantu abathile emlandweni. Lokhu kuqala kuyizinganekwane okunye bese kuze kukhuphukela ezingeni lokuba ngumlando oqoshiweyo. Ngokuxoxelwa siyazi ngaMakhosi nangamaqhawe aphilayo enza izimanga. Nokho ngenhlanhla yethu thina sizukulwane sanamuhla sibone okukhulu. Lokhu ngeke sithi saxoxelwa ngumuntu ngoba sikubonile sakufakaza. Simbonile uMntwana wakwaPhindangene ephila phakathi kwethu. Kuleminyaka engama -95 yomusa ayiphilileyo uqale wabonwa ngomkhulu bethu, wabonwa ngabazali bethu kwase kuthi nathi sambona bukhoma.

Kithi kukhona abezwa ngoMntwana bekhula ngesikhathi bakhelwa isithombe salesi sigomagoma sikaZulu neNingizimu Afrika ngabadala. Njengasemsakazweni uma umuntu ungakaze umbone kepha uzwa ngaye wakha isithombe esithile ngaye. OkoMntwana bekubuye kwehluke ngoba bewuthi lapho wakhelwa isithombe lapha ekhaya bese kuba khona nabezindaba nezimbangi zakhe kwezepolitiki abebakha esabo. UShenge njengoba abaningi bebembiza kanjalo ubengeyona ingelosi. Naye futhi ekuphileni kwakhe akaze athi uyingelosi. Esingavumelana ngakho wukuthi ubengumholi ombalabala. Kukhona abangathi uma bebuzwa ngaye basho lokho abakubona njengamabatha. Bese kuba khona labo abaze bahlengezele izinyembezi manxa bekhomba izinto eziphathekayo ezifike ngaye ezimpilweni zabo. Kulaba kukhona abangatusa uShenge ngemfundo yabo, ulwazi lwabo lwamasiko nomlando wesizwe. Bakhona abangamchoma uphaphe legwalagwala ngolwazi kanjalo nohambo lwabo kwipolitiki nakwezamabhizinisi. Khona lapho kukhona abangametha elokuba ‘ngumkhombi wezindlela’ ezahlukene nombeki waMakhosi.

Idolobha lasOndini ukube lingumuntu liyakhuluma ngabe lixoxa alenzela kona. Ukulisusa lapho liyihlathi elenza indawo yokuhweba nokusebenza. Akhona namanye amalokishi kanjalo nezimboni okwama ngenxa yakhe uShenge. AMakhosi ezizwe, amadala namancane ngeminyaka wona angambiza ngomvikeli wawo ngoba kuze kwaba uyathula ede eshabasheka ukuba uBukhosi bungabi ludibi lwabanye.

Lapha ePhalamende eKapa bayamazi uShenge hayi nje kuphela ngamancoko kepha nangobuchule bakhe ekubhuleni imililo lapho amalungu amaqembu esephakanyelwa umoya emuva kwempikiswano. Bayamaz ukuthi ubengumumese ongasiki nganxanye, ubesola lapho kumele asole khona kungakhathalekile ukuthi lokho ukusho kubani. Khona lapho ubencoma lapho kwenziwe khona kahle.

See Also

Esizweni sakwaButhelezi uMntwana ube yikho konke. Kanjalo nakuye isizwe lesi besingumndeni nenqaba. Uzalelwe wakhulela kuso, lapho kukuhle nayilapho zimnetha isizwe besikhona, simi naye. Besihuba naye, sikhuleka naye sibuye silile naye lapho kunomshophi. Nembala siyadela isizwe sakwaButhelezi esabona uShenge evunule njengoba ubengaliyeki ithuba lokuhuba naso ngezikhathi zenjabulo nasemibuthanweni yesizwe. Kubantu baseMahlabathi lapha kobantu uMntwana akaze azenyeze ngabo. Akaze abashiye. Uzalelwe kubo, wakhula kubo. Uganwe phambi kwabo wakhulisa umndeni wakhe phakathi kwabo. Kuthe noma kufika usuku lokubizwa, wedlule kwabakwabo eseMahlabathini kwaPhindangene. INdlunkulu kaZulu encane naleyo endala imbonile eshabasheka lapho eludondolo nesihlangu seZilo neSihlalo. Namuhla iNdlunkulu kaZulu neSihlalo kuhlonishwa amagumbi amane omhlaba ngenxa yeqhaza likaShenge.

Akulona ihaba ukusho ukuthi umlando kaZulu, oweSihlalo noweZilo ungeke uphelele ngaphandle kokubalula uMntwana. Bonke abangofakazi bempilo nemizamo yakhe yeminyaka bayoxoxela izizukulwane ngesimanga somholi ophile phakathi kwethu , umholi esakhula sixoxelwa ngaye saze sambona ngamehlo uShenge.

Scroll To Top