UHulumeni ucacisa ngababhekene nabo hhayi izakhamuzi zeTigray
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iziphathimandla zase-Ethiopia zibophe izikhulu eziphezulu zaseTigray, okuhlanganisa namalungu okugcina kukaHulumeni esifundeni esihlaselwe yizinxushunxushu, kusho iNhloko yeKhomishini Yamalungelo Abantu eqokwe nguHulumeni ngoLwesihlanu.
UDaniel Bekele, uKhomishana Omkhulu weKhomishini Yamalungelo Abantu yase-Ethiopia, akadalulanga lezi zikhulu futhi wenqabile ukuphawula ngezizathu zokuboshwa kwalaba. “Siyazi ngokuboshwa okungenani kwabayisishiyagalombili,” etshela abeReuters, wengeza ngokuthi ezinye zeziboshwa zithunyelwe esifundeni esingumakhelwane neTigray e-Afar.
UMkhulumeli kaNgqongqoshe Wezobulungiswa e-Ethiopia, uGedion Timothewos, uMkhulumeli Wamaphoyisa uJeylan Abdi kanye noMkhulumeli we-Afarregional u-Ahmed Koloyta abazange baphendule ngokushesha izicelo zokuthi baphawule. Noma yikuphi ukuboshwa okunjalo kungaba okungavamile kakhulu.
Phambilini uHulumeni ubefuna ukubopha abaholi beTigray People’s Liberation Front (TPLF), okuyiqembu elilwa noNdunankulu, uHulumeni ka-Abiy Ahmed. Kodwa abaningi ababoshiwe bebesebenzela uHulumeni, okuhlanganisa nelungu leqembu elibusayo, kusho ummeli osebenzisana neziboshwa nomthombo osondelene nababoshiwe, bobabili bacele ukungadalulwa ngoba besaba ukuphindiselwa.
Kwaqubuka impi phakathi kweTPLF noHulumeni omkhulu ngoLwezi wezi-2020. Amasosha athatha izintambo eziningi zeTigray kungakapheli amasonto amathathu futhi uHulumeni waqoka abaphathi besikhashana, iningi lezikhulu eziboshiwe ezazisebenza kulo.
Kepha amasosha aseTigrayan aphoqa amasosha ukuthi aphume eTigray ekupheleni kukaNhlangulana wezi-2021, eshiya inhlokodolobha yawo ezandleni zeTPLF. Ukulwa manje sekufinyelele esimeni esihle.
Ummeli kanye nomthombo uthe izikhulu ezili-12 zaseTigrayan, isishoshovu kanye nenye indoda baboshwa ochungechungeni lokugasela ngoNdasa ziyisi-7 naziyisi-8. Abakabekwa cala kanti nezizathu zokuboshwa azikacaci, kusho ummeli.
Ababoshiwe abebesebenza ngaphansi kukahulumeni wase-Ethiopia kubalwa u-Abera Nigus, owayeyinhloko yophiko lwezobulungiswa eTigray, ummeli kanye nomthombo.
Abanye bahlanganisa ilungu leqembu elibusayo lika-Abiy, iProsperity Party, umqondisi wezindawo eziyisithupha zeTigray kanye nesekela lomqondisi wemithombo yezindaba yesifunda, ummeli, kanye nomthombo wengeze.
UHulumeni usho kaningi ukuthi ulwa neTPLF hhayi amaTigrayans jikelele. Izinhlangano ezisizayo zithi le ngxabano isisuse izigidi. I-United Nations ithe okungenani izakhamuzi zaseTigray eziyizi-15 000 ziboshiwe noma zaboshwa kulo lonke elase-Ethiopia ngaphansi kwesimo esiphuthumayo esamenyezelwa ngoLwezi saphinde sasuswa ngenyanga edlule. Amaphoyisa ayaphika ukuthi ahlose ukukhomba abantu baseTigray ngenxa yobuzwe babo.