Kuyakhula ukushayisana kuhulumeni neNhlangano Yezizwe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Uhulumeni wesikhashana wezempi waseMali uwuchithile umbiko wehhovisi lamalungelo abantu leNhlangano Yezizwe (i-U.N.) mayelana nezinsolo zokubulawa kwabantu okungenani abangama-500 ngamasosha aseMali kanye nezilwi ezingaziwa zakwamanye amazwe ngesikhathi somkhankaso ngonyaka odlule.
Uhulumeni wezombutho obusayo ubuphendula umbiko okhishwe ngoLwesihlanu ngemuva kophenyo oludonse izinyanga mayelana nalokho izinhlangano ezilwela amalungelo ezikuchaze njengesihluku esibi kunazo zonke odabeni lweminyaka engama-10 phakathi kwamaqembu ezihonga namasosha. Okhulumela uhulumeni, u-Abdoulaye Maiga esitatimendeni uthe, “Uhulumeni wezinguquko uwugxeka kakhulu lo mbiko ochemile osuselwe endabeni engelona iqiniso futhi ongahlangabezani nezindinganiso zamazwe ngamazwe ezimisiwe.”
Umbiko uthe amasosha aseMali kanye nabasebenzi bakwamanye amazwe behla ngezindiza ezinophephela emhlane edolobhaneni laseMoura ngoNdasa zingama-27 ngonyaka odlule bavulela ngenhlamvu kubahlali ababebaleka.
Uthi (umbiko) ekuqoqeni izakhamuzi ezinsukwini ezalandela, amakhulu adutshulwe ajikijelwa emiseleni. UMaiga uthi uphenyo lombuso mayelana nokuphulwa kwamalungelo abantu ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso kusaqhubeka , kodwa uphinde washo amazwi adlule okuthi amaphekula abulawa kunokubulawa kwabantu. “Asikho isakhamuzi saseMoura esilahlekelwe yimpilo ngesikhathi kuqhubeka impi. Phakathi kwabafileyo, kwakukhona kuphela amaphekula futhi bonke ababoshiwe banikelwa ku-gendarmerie, “esho, ngenkathi egcizelela ukuzibophezela kweziphathimandla ekuvikelweni kwamalungelo abantu.
Umbiko weNhlangano Yezizwe (U.N.) wawususelwe ezingxoxweni nezisulu nofakazi ezweni laseNtshonalanga Afrika, kanye nezithombe zesayensi nesathelayithi. Iziphathimandla zaseMali zithi zenqabile izicelo zethimba elithola amaqiniso le-U.N. zokufinyelela idolobhana laseMoura uqobo.
UMaiga wengeza ngokuthi iziphathimandla zivule uphenyo mayelana nethimba lokuthola amaqiniso ngezinsolo zokuthi azizange zifune imvume yokuthatha izithombe zesathelayithi eMoura, okufana “nobuqili obuyimfihlo ngokumelene nokuphepha kwezwe laseMali.”