Now Reading
AbeKZNA bafisa linyuke izinga lemijaho kukhonye nabasubathi besifundazwe
Dark Light

AbeKZNA bafisa linyuke izinga lemijaho kukhonye nabasubathi besifundazwe

UMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uMandla Mngomezulu ufuna kusabalale ubumbano, kubasubathi, abaqeqeshi nasemaqenjini. UMngomezulu ophinde abe isikhulu sekilabhu efike kwezwakala iXcel Running Club uveze lokhu engxoxweni  ekhethekile nelaboHlanga.

  Sabelo Maphumulo (SM): Sibingelele Dlakadla (AbaMngomezulu).

  Mandla Mngomezulu (MM): Ngibingele MfokaMaphumulo.

  (SM): Awusilandise lapha ngezinhlelo eninazo niyi-KZNA.

  (MM): Sinezinhlelo ezinhle kakhulu kulonyaka ngoba sifuna ukuqinisa izinhlaka zethu kwizifunda. Siphinde futhi siqinisekise ukuthi imijaho esezindaweni ezisemakhaya ziyaluthola uxhaso ukuze ezemidlalo zithuthuke. Sizoba nama Championships amaligi  eTrack & Field kanye naweCross Country khona ezindaweni zasemakhaya ukugqugquzela intsha emakhaya nanokuthi singalokhu senza imincintiswano emadolobheni. Okunye, maduze sizomemezela iqembu elizomela isifundazwe kowe-Athletics South Africa (ASA) Marathon Championships azokube ehlangane neDurban International Marathon ngomhla zili-12 kuMbasa.

  (SM): Ikuphi enikufisa kuzuzwe abasubathi baKwaZulu-Natal nonyaka?

  (MM): Ukuthi benze kahle kuma Championships akhona kulonyaka bakwazi futhi nokuyomela izwe kumaWorld Championships.

  (SM): Unyaka odlule kube ngonjani kwezokusubatha, KwaZulu-Natal?

  (MM): Ube unyaka omuhle kakhulu ngoba abasubathi bakwazile ukubeka isifundazwe kwibalazwe. Abasubathi abanjengo Mbulelo Mathanga uwine indondo yegolide ku-10000m ASA Championships eKapa waphinda wawina igolide futhi kwiCross Country ASA Championships eRustenburg.

UZakithi Nene uye wamela iNingizimu Afrika kumaWorld Championships waphinde wayingxenye yeDiamond League.

UJanet Mbhele yena uwine indondo yegolide ku-ASA Marathon Championships ngoNhlaba.  Abasubathi abathathu kulesifundazwe baye komela iSA ku 100km Championships eGermany.  Okunye uMduduzi Khumalo uqokwe njengomqeqeshi ovelele kuma KZN Sports Awards. Nokunye okuhle okuningi kwenzakalile, lokho kusijabulise kakhulu.

  (SM): Khona iComrades Marathon engumjaho omkhulu, nokukhonya kuyo abasubathi baseNorth West ngokubambisana kahle. Ubona kuyini engenziwa abasubathi baseKZN ukuze kukhonye bona kulo mqhudelwano kakhulukazi kwabesilisa?

  (MM): Sibheke lukhulu kubasubathi makukhulunywa ngeComrades Marathon ngoba umjaho okhona la kwisifundazwe sethu. Abasubathi, abaqeqeshi, namaqembu uma bengasebenzisana siyiKZNA siyakholelwa ekutheni singahleze siyiwina iComrades. Kuliqiniso ukuthi sinabasubathi bezinga eliphezulu abaningi, ngeke ngibabale kodwa iqiniso linjalo konke kulele ekubambisaneni.

  (SM): Ngabe kunjani ukubambisana lapha esifundazweni kwezokusubatha?

See Also

  (MM): Ukubambisana kwezokusubatha kukhona ngoba maningi amaqembu ajima ndawonye kodwa ke kuyadinga ukuthi sigqugquzele abaqeqeshi nabaphathi bamaqembu ikakhulukazi laba bama-Elite Athletes ukuthi basebenzisane ekuthenini kutholakale imiphumela kwimijaho enjengayo iComrades Marathon, ama-Olympics nakwiWorld Championships.

  (SM): ICapital City Marathon, ingeminye yemiqhudelwano emikhulu ezoba khona ekuqaleni konyaka,  kusho ukuthini kuwena njengoba lo mqhudelwano usufinyelele ngaphansi kweWorld Athletics?

  (MM): Nakuba ikhona eminye  imijaho ekhona ngaphambi kweCapital City Marathon ngicabanga ukuthi lomjaho ukhula kahle kwazise usuyingxenye yeWorld Athletics. Lokhu kusho lukhulu kithi njengoba kwandisa imijaho eqhakambiswa nayiWorld Athletics imbala.

Kuzokhumbuleka ukuthi iDurban ABSA Series, iDurban International Marathon, iCapital City Marathon neComrades Marathon imjaho emkhulu emhlabeni eyenzeka lapha kwisifundazwe sethu.

  (SM): Ngiyabonga ngesikhathi sakho.

  (MM): Kubonga mina kwelaboHlanga.

Scroll To Top