Now Reading
Owayengumengameli ungeniswe esibhedlela
Dark Light

Owayengumengameli ungeniswe esibhedlela

Owayengumholi eSudan  oboshiwe u-Omar al-Bashir ungeniswe esibhedlela, kusho ummeli wakhe ngeSonto. U-Hashim Abu-Bakr akacacisanga ukuthi uBashir ubelashwa ngasiphi isimo. Khonamanjalo, umholi wezempi eSudan uGeneral Abdel Fattah al-Burhan ukuqinisekisile ngeSonto ukuthi izingxoxo ngohlaka olusha lwezepolitiki kuleliya lizwe ziyabanjwa, kodwa waxwayisa iqembu elalibusa lelizwe ngaphambilini  ngamazwi ahlabayo ukuthi lingagxambukeli kwezempi noma kwezepolitiki.

Scroll To Top