Now Reading
Umsusa wenzondo: Ukungangenelani kwaboHlanga kwaqala ngama-Hyksos nge-1500 BC
Dark Light

Umsusa wenzondo: Ukungangenelani kwaboHlanga kwaqala ngama-Hyksos nge-1500 BC

Kuvamisile ukuthi njalo uma kunento ethinta aboHlanga ayipheli kungazange kubekhona ukulwa phakathi kwethu. Imindeni eminingi ayingenelani. Abantu abazalwa ndawonye bayazondana. Kubangwa amafa. Kubangwa ukuthi ubani ophumelele kakhulu kunabanye.

Kubangwa ukuthi ubani onezingane eziphumelele ngokwezemfundo. Kuningi esingakubala okuveza ukuthi aboHlanga banomkhuba omubi wakuzondana nokumonelana bagcine bebulalana. Lomkhuba awugcini emndenini kuphela, ukhona kusukela komakhelwane, kuye ngezigodi ngezigodi, izifundazwe, kuze kugcine ngezizwe ngezizwe, awukhethi ndawo, njalo lapha kukhona aboHlanga ukhona.

Endaweni zazemadolobheni ubugebengu busezingeni eliphezulu kakhulu ngangokuba kunezindawo ezaziwayo ukuthi alibhadwa. Amaphara agcwele izwe lonke. Kunamalokishi ongeke uhambe kuwo ngokukhululeka. Konke lokhu kukhombisa ukuthi lomkhuba wenzondo phakathi kwethu  usuphenduke udlame.

Umbuzo uthi, yini umsusa walenzondo engaka. Kulengosi sizophendula lombuzo bese sethula enye yezindlela engasisiza ukuxazula nokuqeda lomkhuba.

Umhlaziyi wepolitiki nepolitiki yezomnotho uMnu uMtaka uthi “awukwazi ukuxazulula inkinga ongakwazi ukuyigagula ngegama”.

Lo musho usifundisa ubuchule bokuxazulula izinkinga ngokubanzi.

Ukuze sikwazi ukuxazulula lenkinga yenzondo, kumele sithole umsusa wayo kuqala. Uma sesiwutholile, sizothola umnyombo. Siyobe sesibheka ukuthi yini umthelela. Ekungcineni sizoqagula ukuthi yini isiphetho.

Lolu hlelo luzosilekelela ekuhlaziyeni lenkinga. Izocaca ithi bha! Emva kwalokho, kuzobalula ukuqhamuka nesisombululo.

Yini inzondo? Singathi inzondo umuzwa ovuka kumuntu uma ecabanga onkanye ebona umuntu noma into angayithandi noma ayesabayo. Ngabe lenzondo idalwa yini? OSolwazi obanjengoBantubonke Biko, bathi lenzondo ephakathi kwethu  idalwa ukuzenyeza nokungazithandi thina uqobo lwethu.

Baqhubeka bathi akusiyo imvelo yethu ukuzenyeza nokungazithandi kodwa umsusa wakho udalwa ukucindezelwa, ukubandlululwa, ukuhlukunyeza nokuthukwa izizwe zasentshonalanga.

See Also

Ukucindezwala kwaboHlanga kudala kakhulu ngangokuba sekuphele iminyaka cishe evile kwizinkulungwane ezintathu (3000). Kwaqala ngamaHyksos ngaboma 1500 BC. Kwalandela amaGreek ngaboma 350 BC, beholwa u-Alexandra the Greek nomkhuziwempi uPtolomey I Soter. Iningi lethu thina boHlanga lafundukela eningizimu ne-Afrika nasentshonalanga yezwekazi i-Afrika emva kokunqotshwa kombuso wethu waseKhemethi.

Umlando wethu omningi wabhujiswa  umbuso wamaGreek. Emva kweminyaka eyevile kweyamakhulu amahlanu sesizinze eningizimu neKhemethi, aboHlanga bakha imibuso emisha esingabala kuyo iGhana, iBenin, iKongo, iMwene iMutapa neMapungube.

Lemibuso yahlaselwa amaArabi ngaboma-1300s AD. Kwalandela amaPutukezi ngaboma-1500 AD.

Iyaqhubeka…

Scroll To Top