Umnyango nabezindaba bacobelelane ngolwazi ukuze baqondane kangcono ekusebenzeleni abantu



IMinyango emibili yezokwakha esifundazweni weZokuhlaliswa KwaBabantu neMisebenzi Yomphakathi ikubheke ngamehlo abomvu ubudlelwano obuhle nokusebenzisana nabezindaba.
Usho kanje uNgqongqoshe WezokuHlaliswa KwaBantu neMisebenzi Yomphakathi uDkt Ntuthuko Mahlaba, okhulume esidlweni sasekuseni nabezindaba nokucobelelana ulwazi ngasekuqaleni kwenyanga.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabahleli bezindaba, abahleli, izimenenja zomphakathi nezintatheli ezimnkantshubomvu zemithombo yezindaba ezimele nezemiphakathi nezamaphephandaba nezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje.
Inhloso yalokhu kuhlangana ukuze kwaziwane nezintatheli bekuyithuba lokuhlangana nongqongqoshe nokuthi zizwe ngezinsuku zakhe eziyikhulu zokuqala selokhu athatha amatomu kule minyango ekuqaleni kuka-Agasti
UMahlaba utshele izintatheli ebezikhona ukuthi umnyango wakhe uhlale uvuliwe nokuthi ziqhubeke neqhaza lazo lokuba yiso ekugadeni uhulumeni noma iminyango ukuthi yenze okufanele.
“Kanjalo futhi, nathi silindele izintatheli ezihloniphekile ukuthi zisishayele ihlombe uma senze kahle. Wubudlelwano bokudingana lobu. Thina esikuhulumeni sithatha izintatheli njengabalingani bethu kwintuthuko nasembhidlangweni wokuphucula izimpilo zabantu bakithi,” kusho uMahlaba.
Kulo mhlangano bekukhona iNhloko YoMnyango WezokuHlaliswa KwaBantu uMnu Mdu Zungu neNhloko YoMnyango ebambile eMnyangweni WemiSebenzi Yomphakathi uMnu Siboniso Majola namalungu amakomiti aphethe ale minyango yomibili.
Emukela izintatheli futhi ecacisa ngenhloso yalo mhlangano wokucobelelana ngolwazi, uZungu uthe akuyona inhloso noma ukuqondana kwezinto ukuthi le minyango yomibili ivame ukuthathwa njengesizinda sezokwakha kuHulumeni.
“Le minyango yomibili isekhaleni lomzabalazo kahulumeni wokuthuthukisa ingqalasizinda ngokuthi noma yini ethinta ukwakha emkhakheni kahulumeni itholakala kule minyango emibili yokwakha,” kusho uZungu.
“Sihlangana namhlanje ekuseni ngenkathi kunezinhlelo zokuvuselela isifundazwe sethu esihle ngemva komonakalo wezikhukhula zango-Ephreli noMeyi ezikhahlameze izifunda namadolobha amaningi, imithombo yenu yezindaba eyabhala kabanzi ngazo ukuze zibonwe wumhlaba wonke ezinyangeni ezinhlanu ezidlule.”
Wengeze ngokuthi ngale komunyu obangwe wokushona kwabantu abaningi nomonakalo omkhulu ezakhiweni nakwingqalasizinda emqoka, izikhukhula zango-Ephreli noMeyi zilethe izinhlungu ezinkulu emiphefumulweni yabantu abaningi.
“Ngeshwa, sobabili siyiminyango WezokuHlaliswa Kwabantu noweMiSebenzi Yomphakathi sikhuthazekile ukuthi sibe sekhaleni walomsebenzi omkhulu wokuvuselela izakhiwo. Umnyango ongumlingani wethu WemiSebenzi Yomphakathi ujutshwe ukuthi uthole umhlaba nezakhiwo okufanele kuhlaliswe abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula ngenkathi thina mnyango WokuHlaliswa KwaBantu simatasa nokwakha izakhiwo zesikhashana nezikanomphelo zabantu abalahlekelwe yimizi.”
UZungu uthe wethemba ukuthi lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi uzosiza ngokunika ulwazi izikhulu zezindaba, abahleli nezimenenja zeziteshi ngokuthi le minyango yomibili ibiyenzani buthule ukuphucula lesi simo esibuhlungu ngemva kwezikhukhula zango-Ephreli noMeyi.
“Cishe lokhu kuzokwenza umsebenzi omkhulu endleleni enibika ngayo ezinye zezinselelo uhulumeni abhekana nazo ngenkathi uzama ukusiza imiphakathi eminingi ukuvuselela impilo yabantu.”