Umlenze wesibili wokuphakanyiswa kweSILO nawo ube yimpumelelo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ngosuku olwabe lwandulela umsebenzi omkhulu owabe uzokwenziwa nguMengameli wezwe kwabe kunokukhathazeka ekuthini kungenzeka imvelo (isimo sezulu) senze kube nzima ukusondela kwabanye ababemagange ukuza. Nokho kwathi kufika usuku lomsebenzi okunguMgqibelo wamhla zingama-29 laphenya izulu.
ElaboHlanga lakanisa kuzo zonke izindawo lapho kwakulindeleke khona ukuba abantu bangene kuzo edolobheni iTheku. Ngehora lesihlanu ekuseni eNorth Beach base beqalile ukuba ngamaqoqwana behlabelela. Kanjalo nasezindaweni ezahlukene lapho uhulumeni ayexhase khona ngamabhasi namatekisi kwase kukhona umnyakazo. Abanye bazithathela isinqumo lapho besuka ngakhona sokuthi kabalindi hulumeni kepha bayaziqoqa bona ukuze babe yiqoqo eliya enkundleni, lapha babehamba ngezimoto zabo, abanye bagibela izithuthi zomphakathi.
Kwezinye izindawo izithuthi ezazihlelwe uhulumeni zagcina sezihamba zigenqeza abantu bazihlelela ezabo bebona kuhamba isikhathi zingafiki ngoba bengafuni ukuphuthwa yilo msebenzi ongaka.
Obekubonakala endleleni eya eMabhida nakhona enkundleni kwabe kuyisizwe esimbalabala. Lapha izinsizwa nezintombi, omama nobaba babehlobile kukuhle. Akukho okwakungakhangi kusuka kwimvunulo yezizwe, imivumo namahubo, ukugiya kwabantu enkundleni, bonke ababebesho ngazwi linye ukuthi nembala oseSihlalweni ‘UyiNkosi yoHlanga’.
Kuzihambeli kwakukhona uBukhosi base-Afrika, ikhona iNgwenyama uMswati, uBukhosi bakwaNgungunyama kanye nalobo okuvela eNigeria. Kufika nje lobu Bukhosi akhona aMakhosi ezizwe ezahlukene zaseNingizimu Afrika kuhlanganisa nalawo acela kumakhulu amathathu alapha kweleNdlovukazi uMthaniya. Lapha kwakungekona nje kuphela ukuthi kubungazwa iNkosana kaZulu kepha kwakubungazwa iNkosi yase-Afrika.
USolufefe uMagoba nowabe enomthwalo wokuphatha inkonzo njengokucelwa nguNdunankulu kaZulu ngokujutshwa yiSILO wenza okwedlulele njengoba ayiphatha ngesizotha inkonzo. UMengameli wezwe wethula inkulumo enohlonze okungathi manxa ilandelelwa kube buhle ubudlelwano phakathi kukahulumeni noBukhosi jikelele. INgwenyama uMswati wenza okungangayo njengomalume, izeluleko zakhe zabe zakha kusho khona ukuthi usehlale isikhathi eSihlalweni.
Okwaba kuhle yikuthi lomsebenzi kawugcinanga nje ngokuba ngumgidi kepha wahlomulisa iTheku kwezomnotho njengoba lizivumela lona ukuthi ukutheleka kwezinkumbi ezabe zikhona kwaletha injolozela kwezokuvakasha kwathi nabahwebi bendawo bangasala ngaphandle. Lona bekungumlenze wesithathu obuqopha khona ukuthi nembala iNkosana kaZulu isihleli eSihlalweni kusuka ngesikhathi kufundwa incwadi yamafa.