UDa Silva udle umhlanganiso engaqali

by Bayede News
Nov 4, 2022

Umholi waseBrazil uLuiz Inacio Lula da Silva wehlule uMengameli uJair Bolsonaro okhethweni lwangwesonto eledlule, INkantolo Ephakeme Yezokhetho (TSE) imemezele uLula njengomengameli olandelayo, ngamavoti angama-50.9% eqhathaniswa nama-49.1% kaBolsonaro. Umcimbi wokugcotshwa kukaLula oneminyaka engama-77 uhlelelwe lu-1 kuMasingana ngonyaka ozayo.