Now Reading
Izikhondlakhondla zamazwe zisaqhubeka nokuyikaka iRussia
Dark Light

Izikhondlakhondla zamazwe zisaqhubeka nokuyikaka iRussia

I-United States, iBrithani kanye neFrance bahlela ukukhuphula izinsolo zokudluliselwa kwezikhali zase-Iran eRussia emhlanganweni ovaliwe we-UN Security Council ngoLwesithathu, ngokusho kosomaqhinga, ngemuva kokuthi uKyiv esole iMoscow ngokusebenzisa amadrones asuka e-Iran lapho ihlasele khona izakhamuzi.

Ngokwehlukana, i-Ukraine imeme ochwepheshe be-UN ukuthi bahlole lokho ethi amadrones avela e-Iranian asetshenziswa yiRussia ukuhlasela izakhamuzi zase-Ukraine lesi senzo singukwephula i-UN Security Council Resolution 2231 egunyaze isivumelwano senuzi sase-Iran sangowezi-2015, ngokusho kwencwadi ebonwe ngabakwaReuters.

Bekhuluma ngombandela wokungadalulwa amagama abo, osomaqhinga bathi laba bobathathu (USA, France neBritain) – abakholelwa ukuthi ukudluliselwa okunjalo kwephula isinqumo – batshele ozakwabo boMkhandlu ukuthi bazocela isikhulu se-UN ukuthi sitshele amalungu ngalolu daba ngoLwesithathu.

IRussia yadubula inqwaba yama“kamikazedrones, noma izimoto zasemoyeni ezinganamuntu (UAVs), ngoMsombuluko, zashaya ingqalasizinda yezamandla futhi zabulala abantu abahlanu enhlokodolobha iKyiv. I-Ukraine ithe lawa bekungamadrones enziwe e-Iran eShahed-136 – lezi yizikhali ezizulazulayo ezihamba zibheke lapho ziqonde khona ngaphambi kokuwa ngesivinini futhi ziqhume.

See Also

IKyiv inqume ngoLwesibili ukunqamula ubudlelwano ne-Iran ngenxa yalezi zinsolo. ITehran uyakuphika ukuhlinzeka ngamadrones iMoscow, kanti iWashington ithi ukuphika kwe-Iran kungamanga.

IKremlin ngoLwesibili iphikile ukuthi amasosha ayo asebenzise ama-drones ase-Iran ukuhlasela i-Ukraine.

Scroll To Top