Amathemba kaThumbeza aselele enkantolo ngokungethenjwa kwakhe
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IJudicial Conduct Appeals Committee inqume ukuthi kumele kusungulwe isigcawu esizophenya ngezinsolo zokungaziphathi kahle kukaMengameli waBehluleli eWestern Cape uJohn Hlophe. Izinsolo zePhini likaMengameli waBehluleli esiFundazweni uPatricia Goliath zifaka phakathi ukushaya, ukusebenzisa inhlamba nokusebenzisa kabi amandla.
IKomidi lithe isigcawu kumele siphinde siphenye ngezinsolo zokucwasa ngokwebala, ukudalulwa okungafanele kwemininingwane mayelana necala eliqhubekayo kanye nezinsolo zokuqoshwa okuyimfihlo kwamahluleli uGoliath nengxoxo phakathi kwakhe nomehluleli uHlophe ngowezi-2019.
Umcwaningi weJudges Matter uMbekezeli Benjamin uthi isikhalazo samehluleli uGoliath ngomehluleli uHlophe savela ngoMasingana wezi-2020.
NgoNcwaba, iJudge Matter yathi mancane amathuba okuthi kuphumelele isicelo sikaHlophe enkantolo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uHlophe efake isicelo esiphuthumayo sokubuyekeza ukuze kumiswe uMengameli uCyril Ramaphosa ekummiseni emsebenzini.
UMengameli waBehluleli, uJohn Hlophe usephonse amathemba akhe enkantolo ngemizamo yokuqeda ukumiswa kwakhe.
IJudicial Service Commission (JSC) inqume ukweluleka uRamaphosa ukuthi amise uHlophe emsebenzini njengoba kusalindwe umphumela wokuthweswa kwakhe icala yiPhalamende Likazwelonke. UHlophe utholwe enecala lokungaziphathi kahle, ngezinsolo zokuzama ukuthonya abehluleli ababili eNkantolo yoMthethosisekelo, uBess Nkabinde noChris Jafta odabeni oluthinta uJacob Zuma ngesikhathi esengumengameli we-ANC ngowezi-2008.
Leli qembu lithe udaba phakathi kweJSC noHlophe seludonse isikhathi eside, laphinde lacela izinhlangothi zombili ukuthi ziluphothule ngokushesha lolu daba.