Ingqalabutho



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
U-Tupac Amaru Shakur, owayaziwa nangokuthi u-“2Pac” no-“Makaveli”, wayengumculi werap waseMelika. Wazalwa zili-16 kuNhlangulana kowe-1971. Ubhekwa kabanzi njengomunye wabaculi abanethonya kakhulu kunabo bonke. U-Shakur uphakathi kwabaculi bomculo abathengiswa kakhulu, njengoba usedayise amarekhodi angaphezu kwezigidi ezingu-75 emhlabeni jikelele ephila namhla engasekho. Umculo omningi kaShakur uphawula kakhulu ngezinkinga zenhlalo zamanje ezikhungethe amadolobha angaphakathi, futhi uthathwa njengophawu lokulwa nokungalingani. Wayiswa eBaltimore School of the Arts, ngemva kokuba elande inkondlo ngomama uWinnie Mandela, wabizelwa esimisweni sokuxoxa ngobuhlakani bakhe obusankondlo. Wagcina ebhalisiwe kanjalo. Waze wachezuka inkondlo ngoMengameli wokuqala wakuleli umnu uNelson Mandela ngenxa yemibono yakhe kanye nokuqonda kwakhe (consciousness). Wayengaqondwa kahle nguhulumeni owawunobandlululo kwaboHlanga eMelika, ngakho-ke wagcina ebayingozi kuhulumeni wangalesosikhathi.