Kuyazwela ngokuntuleka kwegesi okuwumphumela wempi e-Ukraine



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy (osesithombeni) utshele abantu baseYurophu ukuthi balindele ubusika obunzima njengoba ukuhlasela kweRussia kuholela ekunciphiseni kokuthunyelwa kukawoyela negesi ngaphandle kweMoscow. Abaholi baseYurophu bazama ngazo zonke izindlela ukunciphisa umthelela wentengo ephezulu yamandla.
UZelenskyy ukhulume ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokuthi iMoscow ivale ipayipi elikhulu eliphakela igesi yaseRussia ezwenikazi. “IRussia ilungiselela ukuhlasela kakhulu ngezamandla kuwo wonke amazwe asezwenikazi kulobu busika,” lokhu uZelenskyy ukusho enkulumweni yakhe eqoshiwe yansuku zonke.
IMoscow yaqala unswinyo lwaseNtshonalanga olwabekwa ngenxa yokuhlasela kwayo i-Ukraine kanye nezinkinga zobuchwepheshe. Amazwe aseYurophu aseka iKyiv (Inhlokodolobha yaseUkraine) ngokwezombusazwe nakwezempi asole iRussia ngokulwa isebenzisa ukuphakela kwayo izwekazi ngegesi. Abanye abahlaziyi bathi ukushoda kanye nokwanda kwezindleko zokuphila njengoba kusondela ubusika bubeka engcupheni yokunciphisa ukwesekwa okuvela eNtshonalanga kweKyiv njengoba ohulumeni bezama ukubhekana nenani labantu abangeneme.
Ngokwehlukana, inxusa laseMelika eMoscow lathi uJohn Sullivan, oyinxusa selokhu aqokwa owayenguMengameli uDonald Trump ngowezi-2019, usishiyile isikhundla sakhe futhi usezothatha umhlalaphansi.
Ngesonto eledlule iMoscow ithe izogcina ipayipi leNord Stream 1, isiteshi sayo esikhulu segesi esiya eJalimane, sivaliwe futhi amazwe e-G7 amemezele intengo ehleliwe yokuthengiswa kukawoyela waseRussia. IKremlin (Inhlokodolobha yaseRussia) ithe izoyeka ukudayisa uwoyela kunoma yimaphi amazwe asebenzisa lentengo ehleliwe. UNdunankulu waseGermany u-Olaf Scholz uveze ukuthi uhulumeni wakhe ubuhlela ukuthi kumiswe ukulethwa kwegesi ngoZibandlela, ethembisa izindlela zokwehlisa intengo futhi ahlanganise inzuzo yomphakathi nokwehla kwamandla emali. “IRussia ayiseyena umlingani othembekile wamandla,” kusho uScholz esithangamini sabezindaba eBerlin.
Ephendula kulokho kuphawula, owayenguMengameli waseRussia uDmitry Medvedev wasola iJalimane ngokuthi “iyizwe elingenabungane” nesitha seRussia. “Ngamanye amazwi, isimemezele impi ehlanganisiwe ebheke kwiRussia,” kusho uMedvedev. NgeSonto, iFinland neSweden bamemezele izinhlelo zokunikela ngezigidigidi zamaDollar ezinkampanini zikagesi ukuze kugwenywe usongo njengoba leli zwekazi lisabhekene nalenkinga.
Iziphathimandla zaseRussia zithe ngeSonto isimo esizungeze isikhungo senuzi esingaphansi kweRussia iZaporizhzhia eningizimu ye-Ukraine sasinokuthula ngemuva kokuthi abahloli be-UN bethe besimelene nokulahleka kwamandla angaphandle. Intambo yokugcina kagesi yangaphandle eyinhloko esele inqanyuliwe nakuba ulayini obekiwe usaqhubeka nokuhlinzeka ugesi kugridi, kusho i-International Atomic Energy Agency (IAEA) esitatimendeni. Ireactor eyodwa kuphela kweziyisithupha esele isebenza kusho abe-IAEA.
Amasosha aseRussia ashaqa lesi sikhungo ngemuva nje kokuthi uMengameli uVladimir Putin ethumele amasosha akhe emngceleni ngoNhlolanja zingama-24 futhi sesiphenduke isizinda sengxabano. Uhlangothi ngalunye lusole olunye ngokuqhunyiswa kwamabhomu osekuqubule ukwesaba ngenhlekelele yenuzi.