Ujulile umlando woBukhosi besizwe samaBomvu


UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Imvelaphi yesizwe samaBomvu
Umlando uveza ukuthi isizwe samaBomvu singamaNtungwa-Nguni saqhamuka ngaseNyakatho. Safika sazinza eQhudeni ngalapho kuhlanga khona uThukela noMzinyathi. Kulapho abantu bakwaNgubane bahlangana khona nabantu bakwaNgcamu, ababenesiko lokunqamula ucikicane wesandla sokunxele. Ingxenye kacikicane esalayo ngemumva kokunqunywa kukacikicane, ibizwa ngendiki. AbakwaNgcamu leli siko lokunqamula ucikicane balithatha kuBathwa okuyibona ababenalo mkhuba. AbakwaNgcamu babeyisizwana esincane futhi esasibukeka singazi lutho ngokuphathwa kwezwe. Babelibele ukuvuka ekuseni bayobala izintuthwane ukuthi kudlula ethwele, kudlule engathwele. AmaBomvu athatha lelo thuba abagwaza babaleka bashiya indawo ezandleni zamaBomvu. AbakwaNgubane nabakwaLatha (Dlamini) balithatha isiko lakwaNgcamu lokunqamula ucikicane.
Abantu bakwaNgubane (amaBomvu) bayinzalo yomuntu owayethi nxa esebenza nabalandeli bakhe bagcobe ibomvu. Umlando udalula ukuthi lowo muntu wayehlala egcoba ibomvu kangangokuthi abantu babengakwazi ukubona ukuthi ungubani. Kwagcinwa esebizwa ngokuthi “Ngubani”. Inzalo yakhe yiyo lena ebizwa ngokuthi ngo “Ngubane”, ngokokukhuluma osekukhona kulesi sikhathi samanje. Igama elithi, “Ngubane” alinancazelo kanti elithi “Ngubani” linayo futhi lenza umqondo. Lapha kwaNgubane kunomuntu oyinzalo kaNgubani ogama lakhe linguMbomvu elivela ohlweni lwamagama amakhosi akwaNgubane.