UBolsonaro ubeka imibandela ngokwamukela imiphumela



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseBrazil, uJair Bolsonaro, uthe ngoMsombuluko uzowuhlonipha umphumela wokhetho noma ngabe uthini, inqobo nje uma ukuvota “kukhululekile futhi kusobala.” Engxoxweni neseteshi sethelwvishini esinababukeli abaningi kuleli lizwe iTV Globo’s Jornal Nacional, wakusho ngaphandle kwamathandabuzo ukuthi kwakunokukhwabanisa okhethweni oludlule.
UBolsonaro akazange akhulume ngohlelo lokuvota lwe-elekthronikhi aseluhlasele engaphezi izinyanga, ethi luvulekele ukukhohliswa. Kodwa owayengukaputeni webutho uthe ibutho kumele libe lendima ekunqumeni ukuvota obala.
Ukuvota kwemibono kukhombisa ukuthi uBolsonaro elandela ngemuva embangini wesokunxele, owayenguMengameli uLuiz Inacio Lula da Silva, owabusa kusukela ngowe-2003 kuya ngowe-2010 lapho umnotho waseBrazil wadlondlobala.
Uthe uthole izwe elisesimweni esibi sezomnotho esihlanganiswe ubhubhane lokhuvethe kwase kuba yimpi yase-Ukraine futhi ukwazile ukudlula.Phakathi kwezinto azizuzile, ubalule ukwenyuka kwenkokhelo yezenhlalakahle yanyanga zonke zemindeni ehola kancane. Uthe kuzohlomula abantu baseBrazil abayizigidi ezingama-20, okuwumnikelo okhombisa ukuthi amavoti athuthukile amanani akhe emasontweni asanda kwedlula futhi wanciphisa amathuba kaLula.
U-Bolsonaro uyichithile imibiko yokuthi ukugawulwa kwamahlathi e-Amazon kudlulele ewashini lakhe ngoba uchithe izinqubomgomo zokuphoqelela. Esikhundleni salokho, wabeka icala lokuthi inhlangano kahulumeni yokuvikela imvelo i-Ibama yenze ukuhlukumeza ngokucekela phansi imishini emikhulu evame ukushaqwa emahlathini emvula kubavukuzi begolide abangekho emthethweni.
Wengeze ngokuthi i-Amazon yaseBrazil ilingana neNtshonalanga Yurophu futhi izwe lagcina ama-66% ezindawo zalo eziluhlaza. “IBrazil ayikufanele ukuhlaselwa ngale ndlela. Sizozama ukuthuthukisa (isithombe seBrazil phesheya),” kusho yena. Ukukhathazeka ngokwehluleka kwakhe ukunqanda ukugawulwa kwamahlathi kuholele ekuphikisaneni kwe-European Union ekuqinisekiseni isivumelwano sohwebo lwamahhala nenhlangano yaseNingizimu Melika iMercosur.
Uphethe ngokuthi izinkinga zokuhlinzekwa okudalwe yimpi yase-Ukraine manje sezenze i-EU ifune ukusheshisa ukuphothulwa kwesivumelwano sokuhweba.