“UGadaffi” akazisoli ngokushiya iGeneration


Ungumlingisi, umkhangisi wengqephu, aphinde abe ngusozinyama okhokhelwayo. Izinto azenzayo nje zizodwa empilweni zisho lukhulu ngaye. Lapha sikhuluma ngoVuyo Dabula ozakhele igama cishe kuyona yonke imikhakha yempilo abambe iqhaza kuyo.
Le nsizwa eyazalwa zili-11 kuMandulo ngowe-1976 idabuka esifundazweni iNorth West eMafikeng esiyaziwa ngeMahikeng. Noma ebengumuntu owaziwayo kodwa udumo olukhulu uluthole ngesikhathi eselingisa emdlalweni wethelevishini owuchungechunge iGenerations: The Legacy. Uphinde wazakhela igama elingisa indawo kaShandu Magwaza emdlalweni okhonjiswa esiteshini esikhokhelwayo iNetflix iQueen Sono.
Abalandeli bakhe basala beshaqekile ngesikhathi ememezela ukuthi uyawushiya umdlalo iGenerations: The Legacy maphakathi nonyaka odlule. Imizamo yabakhiqizi nabadidiyeli balo mdlalo yokumnxenxa ukuba ahlale yagcina ingaphumelelanga ngoba ethi isinqumo sakhe usesenzile.
Kulo mdlalo wayelingisa indawo yesigebengu uGadaffi. Ememezela ukushiya kwakhe wathi,” Sengiziqalela okungokwami akusekho ukubuyela emuva. Empeleni sekunezinyanga ngashiya kwiGenerations: The Legacy, into ekade niyibuka sonke lesi sikhathi bese kungeqoshiwe mina sengifana nomuntu ongekho.”
Njengosondonzima obuye ashaye amankomane, uke wabonakala eringini ebhekene nomunye umlingisi osezakhele ugazi emdlalweni iMuvhango uGabriel Temudzani. Le mpi yadonsa izinkulungwane zezihlwele ezingabalandeli balaba balingisi.
Njengosaziwayo abaningi uDabula uke wazithola esematheni enekwa nasemaphephandabeni ngezindaba zakhe zangasese zothando. Kukhona lapho ayemataniswa khona nabesifazane abashadile kodwa wakuphika konke lokho.
Ezithethelela wathi,” Ngiyindoda eqotho, ngibeka umsebenzi nesithunzi sami phambili futhi ngibahlonipha kakhulu abantu.”