UHulumeni unciphisa iKhabhinethi e-Ivory Coast

by Anathi Mtaka
April 23, 2022

Isithombe: Africa24

Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNdunankulu wase-Ivory Coast uPatrick Achi wethule ukwesula kwakhe kanye noHulumeni wakhe ngoLwesithathu njengoba uMengameli u-Alassane Ouattara ehlela ukunciphisa usayizi weKhabhinethi, kusho u-Ouattara ngoLwesithathu. U-Ouattara uthe uzokwehlisa uHulumeni afinyelele kongqongqoshe ababalelwa ema-30 kusukela kwabangama-41 bamanje, kanti kuzoqokwa abantu abasha kuleli sonto ukuze abuyise ukusebenza okuhlelekile kulelizwe eliwumkhiqizi weCocoa ohamba phambili.