Iqembu iDA lifuna uMengameli kube khona akwenzayo ngongqongqoshe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Njengeqembu eliphikisayo ihlala njalo ifaka esikalini ongqongqoshe icindezela nokuthi bakhonjwe indlela
IDemocratic Alliance (DA) isikhiphe lokho ekubiza ngokuthi wukuhlola ukuthi ongqongqoshe benze kanjani uma beqhathaniswa nezivumelwano zokusebenza abazisayina noMengameli ngowezi-2020. Le nhlangano ithi uMengameli uCyril Ramaphosa akakaze aphendule noyedwa ungqongqoshe wakhe ngokwehluleka ukuhlangabezana nalezi zidingo. Leli qembu lithi bathathu ongqongqoshe asebezuze ngaphezu kwamaphesenti angama-50 kulokho abebekuhlosile.
IDA ithi emisebenzini engama-757 ongqongqoshe abebezibophezele ukuyifeza, ingama-241 kuphela efeziwe. Lokhu kumelela amaphuzu okusebenza angama-32% amancane. Ukukhishwa kokuhlolwa kokusebenza kweDA kuyingxenye yamalungiselelo esiphakamiso sokungethenjwa kweKhabhinethi esethulwe yile nhlangano. Kuzodingidwa futhi kuvotelwe ngesonto elizayo.
Umholi weqembu uJohn Steenhuisen uchaze wathi “Lezi zivumelwano zokusebenza zidweba isithombe seKhabhinethi ehluleke kuzo zonke izici zomsebenzi wayo. Akekho noyedwa kulaba ngqongqoshe obengaphasa ukuhlolwa kokusebenza kwezinkampani ezizimele. Lokhu kuphakamisa umbuzo. Yini uMengameli uRamaphosa ayibheka njengamaphuzu amukelekile? Empendulweni yakhe yakamuva enkulumweni ngqangi uzwakalise ukweneliseka kwakhe okuphelele kuKhabhinethi yakhe ethi, ‘Mina, uMengameli phezu kweKhabhinethi yongqongqoshe, ngizibophezele emisebenzini yabo. Ongqongqoshe engibethemba ngokuphelele njengoMengameli’.”
USteenhuisen kanye neDA bakugcizelele ukuthi lokhu kuwukuhlola okuhlosiwe okusekelwe ezinombolweni hhayi ukuchazwa kwazo. Okhulumela leli qembu, uSiviwe Gwarube, uthe basebenzise izivumelwano zokusebenza ezibekwe obala yiHhovisi likaMengameli ukwenza ucwaningo lwabo.
USteenhuisen uthi isizathu esenza iDA ingasifaki isiphakamiso sokungamethembi uMengameli yingoba bayavumelana nokunye ukungenelela kwakhe. Abakholwa nokho ukuthi angakwazi ukukufeza ngeKhabhinethi ekhona. “Uma ukupolitiki kumele ucabange amaqhinga namaqhinga. Ngakho-ke singafaka isiphakamiso sokungamethembi uMengameli. Kodwa wenzani uma iphumelela. Angimethembi uMengameli ukuthi uzoyisa izwe phambili. Yingakho sizoncintisana ngowezi-2024 ekuphatheni namandla aleli zwe ukuze siguqule izinto.”
Kongqongqoshe abangama-28, bathathu kuphela abazuze u-50% wezinto abazihlosile. UNgqongqoshe owenza kahle kakhulu nguNgqongqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele nakuba iDA ithi isivumelwano sakhe sokusebenza sinemigomo ejwayelekile. Uthole ama-56%.
Ongqongqoshe abenze kabi uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu uMmamoloko Kubayi kanye noNgqongqoshe Wezamanzi Nenhlanzeko uSenzo Mchunu, bobabili bathole ama-8%. UNgqongqoshe Wezokuthutha uFikile Mbalula uthole ama-16%. UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMondli Gungubele uthole ama-19%. UNgqongqoshe Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali uKhumbudzo Ntshavheni naye uthole ama-19%. UNgqongqoshe Wezabesifazane, Intsha Nabantu Abaphila Nokukhubazeka uMaite MaNkoane Mashabane uthole ama-21% wezinto abezibekele imigomo. UNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi uThulas Nxesi uNgqongqoshe Wezimbiwa Namandla uGwede Mantashe, uNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda uPatricia de Lille kanye noNgqongqoshe Wezokuvakasha uLindiwe Sisulu bathole ama-24% ngamunye wezinhloso zabo.
IDA ifuna uMengameli uCyril Ramaphosa athathele izinyathelo oNgqongqoshe abangasebenzi kahle. “Ngisazowubona umphumela wanoma yikuphi ukungenelela noma izimemezelo zikaMengameli abenazo, usehlolile futhi wenza lokhu kuhlola. Iphi idokhumenti yakhe enje? Kufanele ngabe wenza umbhalo ofana nalona utholakale minyaka yonke,” kusho uSteenhuisen.