Now Reading
Iya ngokuqina imibhikisho eSudan engezizathu ezahlukene
Dark Light

Iya ngokuqina imibhikisho eSudan engezizathu ezahlukene

Amasosha adubule ngesisi esikhalisa unyembezi ukuzama ukuhlakaza izinkulungwane zabantu abebebhikishela ukubuswa ngamasosha enhlokodolobha yaseSudan, iKhartoum, ngeSonto bengahambisani nokuvalwa kokubhikisha.

Izinkumbi zabantu zingene endaweni engamakhilomitha amabili ukusuka esigodlweni sikaMengameli osebeni lomfula iBlue Nile ngaphambi kokuthi abezokuphepha bavimbe indlela yabo, kusho intatheli yeReuters. “Siphuma siyobhikisha ukuze izingane zethu ziphile ngaphansi kombuso wentando yeningi ngomuso. Ngeke sivumele ukuthi ikusasa lezingane zethu lithathwe,” kusho umbhikishi uMohamed Abdelrahman, isisebenzi sikaHulumeni esineminyaka engama-51 ubudala.

Asikho isitatimende esisheshayo esivela kubaphathi bezempi abebezama ukunqanda uchungechunge lwemibhikisho kulo lonke elaseSudan selokhu bathatha izintambo zombuso ngoMfumfu zingama-25.

Amasosha ahlomile nezimoto zamasosha zitshalwe kulo lonke idolobha okokuqala emasontweni adlule.

Ukuketulwa kombuso ngoMfumfu kwamisa uhlelo lokwabelana ngamandla phakathi kwamasosha kanye nezakhamuzi okwaxoxwa ngowezi-2019 ngemuva kokuketulwa kwalowo owayenguMengameli u-Omar al-Bashir ngesikhathi sokuvukela umbuso.

NgoMgqibelo, iziphathimandla zesifundazwe iKhartoum zikhiphe isinqumo sokuvimbela udwendwe kanye nemibuthano yabantu abaningi enkabeni yeKhartoum, zinxusa abantu ukuthi esikhundleni salokho bahlangane ezigcawini nasezindaweni zasendaweni.

Zibalelwa kuma-78 izakhamizi ezishonile kwathi ezingaphezu kwezi-2 000 zalimala ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho, ikakhulukazi ngokuqhunyiswa kwezibhamu nesisi esikhalisa unyembezi, ngokusho kweCentral Committee of Sudanese Doctors, ehambisana nenhlangano ebhikishayo. Abaholi bezempi bathi imibhikisho enokuthula ivumelekile.

IPhini leNhloko yoMkhandlu Omkhulu oholwa ngamasosha eSudan lithe ngoMgqibelo isithunywa se-UN kumele sisebenze “njengomgqugquzeli hhayi umlamuleli”, okukhombisa umugqa obonakala uqinile emizamweni yamazwe ngamazwe yokuxazulula inkinga yezepolitiki.
Ithimba leZizwe Ezihlangene eliholwa yisithunywa esikhethekile uVolker Perthes liqale izingxoxo kule nyanga ukusiza ukuxazulula inkinga eyalandela ukuketulwa umbuso ngonyaka odlule.

See Also

Phambilini, uMkhandlu Obusayo ulwamukele lolu hlelo lwe-UN, futhi uPerthes uthe amasosha awaphikisani nokuba khona kwakhe.
“Inhloko ye-United Nations’ Integrated Transition Mission in Sudan (UNITAMS) kufanele ibe ngumgqugquzeli hhayi umxazululi,” kusho iPhini leNhloko yoMkhandlu, uMohamed Hamdan Dagalo, esitatimendeni.

UMkhandlu ubungagwemi umphakathi wamazwe omhlaba kodwa “uyakwenqaba ukugxambukela ezindabeni zasekhaya,” esho.

Isitatimende sikaDagalo asizange sichaze ukuthi yini ebangele ukuthi aphawule. UPerthes noMkhandlu abatholakalanga ukuze baphawule.

Ikomidi leSovereign Council eliphenya ngokushona kwababhikishi lithe seliqoqe ubufakazi embhikishweni owawumelene nokuketulwa umbuso owawungoMasingana zili-17 lapho kwabulawa khona abantu abayisikhombisa.

Scroll To Top