SelukuMvikeli Womphakathi olukaDirks ngoRamaphosa
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMvikeli Womphakathi u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane ukuqinisekisile ukuthi uthole incwadi evela kwilungu lePhalamende limnxusa ukuba alandelele udaba oluthinta uMengameli uCyril Ramaphosa. UMkhwebane uthi incwadi imnxusa ukuba aqinisekise ukuthi uRamaphosa uyachaza ngenkulumo eqoshiwe lapho ezwakala khona echaza ukuthi kwasetshenziswa imali yomphakathi ezinhlelweni zokuqokwa kwakhe njengoMengameli we-ANC ngowezi-2017 eNasrec.
Khonamanjalo umhlaziyi wezepolitiki, uDkt Ralph Mathekga, usichaze njengesingajwayelekile isinyathelo seLungu lePhalamende le-ANC, uMnu uMervyn Dirk sokubhalela iStanding Committee on Public Accounts (Scopa) incwadi ngoMengameli uRamaphosa.
Ngesikhathi sokuloba lapha izolo bekubhekeke ukuba uRamaphosa athunyelelwe incwadi esemthethweni evela kuScopa emnxusa ukuba anikeze impendulo ebhalwe phansi mayelana nezinsolo ezibekwe uDirks ngaye. Zimayelana nokuputshuka okuqoshiwe komhlangano we-ANC NEC lapho uRamaphosa kuthiwa uvumile ukuthi uyazi ngezimali zombuso ezasetshenziswa kwezombusazwe.
Igama eliphakathi kwalezi zinsolo yi-State Security Agency.
UMathekga ubesevele eseshilo ukuthi uMvikeli woMphakathi uzongenela nakanjani. “Kumanje iScopa sihlezi phezu kwale nto futhi i-ANC iyamqondisa izigwegwe lowo owaphakamisa lolu daba kwikhokhasi yayo.
Ngeke ngimangale uma uMvikeli woMphakathi ethi ake ngizibambele mathupha kulokhu. Sinezinkomba zokuthi u-Dirk usebhalele neKhomishana Yokugwamandwa kwamandla Ombuso. Cishe manje isiphumile esandleni se-ANC ngoba amanye amaqembu angase abe nentshisekelo. Angicabangi ukuthi kuzovele kunyamalale ngoba uDirk akayedwana,” kwengeza uMathekga.
Khonamanjalo, iLungu le-ANC leScopa lithi akukafiki isikhathi ukubiza uRamaphosa ukuba avele phambi kweScopa, ukuze anikeze imininingwane ngezinsolo uDirks azibeke ngaye.
UBheki Hadebe utshele iScopa ukuthi uyavumelana nomeluleki wezomthetho wePhalamende ukuthi amasamanisi kumele kube yindlela yokugcina uma abantu benqaba ukubambisana nekomiti.
UHadebe uthi iScopa kufanele sicele uMengameli ukuthi aphendule ngokubhala njengoba sekwenziwe kwabanye abake bavela phambi kwaso. Asikwazi kulesi simo ukucabanga ngokuphoqa noma ukuyala uMengameli ukuthi avele phambi kweScopa sengathi wenqabile ukusebenzisana neScopa. Mina Bheki Hadebe njengoSotswebhu, ngakho-ke ngithi ikomiti kumele liqale libhalele uMengameli limazise ngalezi zinsolo bese licela uMengameli wezwe ukuthi anikeze ikomiti impendulo ebhalwe phansi. Uma lokho sekwenziwe, vumela iScopa isikhathi esanele sokucubungula impendulo ezobhalwa phansi. Ngokusekelwe ezimpendulweni ezibhalwe phansi, sizobe sesicacisa ngembangela elandelayo,” kuchaza uHadebe.
NgoLwesibili, uSihlalo weSCOPA uMkhuleko Hlengwa ukugcizelele ukuthi impendulo kaRamaphosa izobeka isisekelo sophenyo lwekomiti ngalezi zinsolo.
“Asibhalele uMengameli acele futhi aveze amaqiniso noma incazelo ngalolu daba. Sinelungelo njengekomiti lokummema futhi ngesikhathi esifanayo sazise abanye abathintekayo ngaleyo ncazelo. Impendulo ebhaliwe, isitatimende noma i-afidavithi evela kuMongameli mayelana nalokhu izosithola kamuva [ngoLwesine].”
“Ngakho nika uMengameli izinsuku eziyisikhombisa kuya kweziyishumi ukuthi aphendule kulokho. Impendulo yakhe izobeka isisekelo esimweni nesimo sophenyo lwethu ngalolu daba,” kusho uHlengwa.
Khonamanjalo, iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape isichithile nezindleko isicelo mayelana nokumiswa kwakhe (Mervyn Dirks) kwakhe emsebenzini. UDirks ufake isicelo sokuthi kumiswe uSotswebhu we-ANC uPemmy Majodina ukuthi amumise njengelungu leStanding Committee on Public Accounts (Scopa). Umehluleli u-Andre Le Grange uthole ukuthi uDirks uhlulekile ukuveza ubufakazi bokuthi udaba luyaphuthuma.
Uthe uDirks ukhululekile ukubamba iqhaza emhlanganweni njengelungu lePhalamende ngoba akakamiswa njengelungu lePhalamende. UDirks umiswe njengosotswebhu weScopa ngesonto eledlule ngenxa yokwenqaba kwakhe ukuhoxisa incwadi ayibhalela iScopa, ekupheleni konyaka odlule, eyicela ukuthi iphenye uMengameli Ramaphosa.