Kumiswe isikhulu kwaPrasa ngezinsolo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMqondisi wakwa-Accountability Now, u-Adv uPaul Hoffman, uthe iSikhulu Esiphezulu sePassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) uZolani Matthews umisiwe emsebenzini ngoba ukuzimisela kwakhe ukulwa nenkohlakalo kwenze abantu abaningi abasezikhundleni eziphezulu ezinkampanini zikaHulumeni bangakhululeki.
USihlalo weBhodi lakwaPrasa, uLeonard Ramatlakane, uthe ngemuva komhlangano weBhodi ngoLwesine ngesonto eledlule bacubungule “indaba ebucayi yokwephulwa kwezokuphepha kanye nezinye izibopho zenkontileka” ehambisana nenkontileka yokuqashwa kukaMatthews.
IBhodi linqume ukuthi uMatthews amiswe emsebenzini kuze kuphenywe ngalolu daba okusolakala ukuthi luhlanganisa nokuba kwakhe nezakhamuzi ezimbili okuhlanganisa nowase-UK. URamatlakane uthe i-Acting Prasa Group CEO izoqokwa maduze. U-Advocate Hoffman uthi izizathu zokumiswa kukaMatthews azisho lutho.
UHoffman uthi, “UZola Matthews uvunguza inkohlakalo eqhubekayo kwaPrasa futhi ngenxa yalokho uhoxisiwe ngokumiswa kwakhe. Kuyamangaza ukuthi ujoyine iPrasa ngoNhlolanja nonyaka, manje sesikuLwezi. Ngisola ukuthi lokhu abakubuka lapha kuyizaba nje.”
Iphrojekthi yezokuphepha NgoNdasa, uNgqongqoshe Wezokuthutha uFikile Mbalula wethule uhlelo lwezokuphepha okuhloswe ngalo ukudala ubudlelwano phakathi kwePrasa nemiphakathi yasendaweni ehlala eduze kojantshi besitimela ePitoli. Lolu hlelo lubizwa ngePeople’s Responsibility to Protect. Amalungu omphakathi athole ukuqeqeshwa okuyisisekelo kwezokuphepha nokuphepha okuhlobene nojantshi ukuze aqaphe futhi agade ingqalasizinda yezitimela.
INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ikwamukele ukumiswa kwesikhulu esiphezulu sePRASA Group uZolani Matthews. IBhodi lakwaPrasa lihlangane ngoLwesine lanquma ukuthi uMatthews amiswe emsebenzini kuze kube uphenyo ngezinsolo zokwephulwa kwezokuphepha, kanye nezinye izibopho zenkontileka ehambisana nenkontileka yakhe yokuqashwa.
USihlalo weBhodi lakwaPrasa, uLeonard Ramatlakane, uthe babheka “indaba ebucayi yokwephulwa kwezokuphepha kanye nezinye izibopho zenkontileka” ehambisana nenkontileka yokuqashwa kukaMatthews. Lokhu kuhlanganisa nezinsolo zokuthi wehluleka ngamabomu ukudalula ukuthi unobuzwe baseBritain.
Okhulumela iNumsa, uPhakamile MaHlubi Majola, uthi bebehlezi bebona sengathi uyindoda engafanele ngalo msebenzi. Uthi, “NjengeNumsa besihlale sibona ukuthi uMnu uMatthews akayena umuntu ofanele lo msebenzi, wenqabile ukusebenzisana nathi ukuze kutholakale isisombululo kule nkinga ebhekene ne-Autopax. Ngenxa yokukhungatheka, amalungu ethu aya emahhovisi akwaPrasa eyocosha.
UMnu Matthews, waphendula ngokukhulu ukudelela. Ukuziphatha kwakhe bekushaqisa futhi kuphoxa kule nhlangano. Wenqaba ukwamukela imemorandamu ngoba kwakushisa futhi engafuni ukuma elangeni ngakho wenqaba ukuphendula nokufaka izikhalo zabasebenzi.”