Now Reading
Ubanjwe ngesidlozana uZille esikhungweni
Dark Light

Ubanjwe ngesidlozana uZille esikhungweni

Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) lukuqinisekisile ukuthi luyaphenya ngesikhalo sokushaya esibekwe iphoyisa, esithinta uSihlalo woMkhandlu weDemocratic Alliance (DA) uHelen Zille.

Kusolwa ukuthi uZille ubanjwe ngesidlozana yiphoyisa esiteshini sokuvota eGqeberha ngesikhathi egqugquzela abavoti ukuthi babekezele. Wasolwa ngokukhankasa wacishe waboshwa. Okhulumela i-IPID uGrace Langa uthi kuvulwe necala lokweba ephoyiseni.
“Sabeka umphenyi, owazama ukuxhumana noNkk uZille kodwa wangaphumelela.

Kulesi sigameko, kuphinde kwabikwa ukuthi oyedwa kulesi sigameko ubethatha ividiyo ngeselula yakhe. Iselula kuyavela ukuthi ibuyisiwe ngemuva kwesikhathi kwathi isisulu savula icala lokweba elibhekiswe ephoyiseni. I-IPID izoqoqa amadokodo aqondene nala macala. Uphenyo lwethu luzoqhubeka nophenyo kusukela kusasa ekuseni,” kusho lolu phiko ngoMsombuluko.

See Also

Phambilini iDA esitatimendeni ithe “wamashiswa okwexoxo” ephuma emagcekeni ngesikhathi ingalo yakhe isontwa futhi esatshiswa ngokufakwa ngemuva evenini yamaphoyisa. IDA yathi uZille wayesesikhungweni sokuvota eFernwood Primary School lapho kuthiwa ugqugquzele abavoti abebekulo layini omude ukuthi babekezele. Kusolakala ukuthi usolwa ngokunxenxa amanye ama-agent wabe eseyalelwa yiphoyisa ukuthi ahambe.

Scroll To Top