Bafuna kudedeleke imali esemazweni abase-Afghanistan



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UHulumeni oholwa yiqembu iTaliban wase-Afghanistan uphokophela ukuthi kukhululwe izigidigidi zamadola ezigciniwe ngamabhange amakhulu njengoba izwe elikhungethwe yisomiso libhekene nenkinga yemali, indlala enkulu kanye nenkinga entsha yokufuduka.
I-Afghanistan ipake izigidigidi zamarandi empahleni phesheya kwezilwandle ne-US Federal Reserve namanye amabhange amaphakathi e-Europe, kodwa leyo mali imisiwe selokhu leli qembu lakhipha uHulumeni oxhaswe ngabaseNtshonalanga ngoNcwaba.
Okhulumela uMnyango Wezezimali uthe uHulumeni uzowahlonipha amalungelo abantu, okuhlanganisa nokufundiswa kwabesifazane, njengoba efuna imali entsha phezu kosizo lobuntu athi lunikeza “usizo oluncane” kuphela.
Ngaphansi kokubusa kweTaliban kusukela ngowe-1996 kuya kowezi-2001, abesifazane babevalelwa kakhulu emisebenzini ekhokhelwayo kanye nemfundo futhi ngokuvamile kwakudingeka bavale ubuso futhi baphelezelwe yisihlobo sabesilisa lapho bephuma ekhaya. “Imali ngeyesizwe sase-Afghan. Vele usinike eyethu imali,” kusho okhulumela uMnyango u-Ahmad Wali Haqmal (osesithombeni) etshela abeReuters. “Ukumisa le mali kuphambene nezimiso zamazwe ngamazwe.”
Esinye isikhulu sebhange elikhulu sicele amazwe ase-Europe okuhlanganisa neGermany ukuthi akhulule ingxenye yawo yezimali ezigciniwe ukuze kugwenywe ukuwa komnotho okungase kubangele ukufudukela kwabantu abaningi e-Europe.
“Isimo sibi kakhulu kanti nenani lemali liyehla,” kusho u-Shah Mehrabi, oyilungu lebhodi le-Afghan Central Bank, etshela abeReuters. “Kwanele njengamanje ukugcina i-Afghanistan iqhubeka kuze kuphele unyaka.
“I-Europe izothinteka kakhulu uma i-Afghanistan ingafinyeleli kule mali, lapho abantu bengeke bakwazi ngisho nokuthenga isinkwa. Abantu bazophelelwa yithemba. Bazoya e-Europe,” kusho uMehrabi.
Isicelo sosizo siza njengoba i-Afghanistan ibhekene nokuwa komnotho wayo ontekenteke. Ukuhamba kwamasosha aholwa yi-US kanye nabaxhasi abaningi bamazwe ngamazwe kwashiya izwe ngaphandle kwezibonelelo ezixhasa izingxenye ezintathu kwezine zezindleko zomphakathi.
UMnyango Wezezimali uthe unentela yansuku zonke elinganiselwa ezigidini ezingama-400 zama-Afghanis. Yize imibuso yaseNtshonalanga ifuna ukunqanda inhlekelele yabantu e-Afghanistan, yenqabile ukuvuma ngokusemthethweni uHulumeni wamaTaliban.
UHaqmal uthe i-Afghanistan izovumela abesifazane ukuthi bafunde, nakuba bengeke babe emakilasini afanayo nabesilisa. Amalungelo abantu uthe azohlonishwa kodwa ngaphansi kohlaka lomthetho wamaSulumane, ongafaki amalungelo abathanda ubulili obufanayo