Now Reading
Uyibona izoqeda kuTop8 uMnisi iRoyal AM
Dark Light

Uyibona izoqeda kuTop8 uMnisi iRoyal AM

Sithumele umyalezo oshubile ezitheni isikhulu esiphezulu kuRoyal AM, uSinky Mnisi oselibeke ngembaba elokuthi abazile ukuzosinisa amahleza kuDStv Premiership ngemuva kokwenza iKaizer Chiefs isilo ngengubo ngeviki eledlule.

IRoyal AM eyaziwa ngeThwihli Thwahla ibukise ngeChiefs emdlalweni weligi ngesonto eledlule.

Inenebule ezikaKaizer Motaung ngama-4/1 enkundleni kanokusho iFNB Stadium, eseSoweto, eGoli.

“Ngemuva kwemidlalo yethu emibili yokuqala iningi labathandi bebhola bese beqalile bekhuluma ngokuthi sizovika izembe. Ngihlale ngisho-ke ukuthi okumqoka akuyona indlela oqala ngayo kodwa into ebalulekile yindlela oqeda ngayo. Ngingakusho ngingananazi nje ukuthi sizoqeda kuTop Eight kule sizini,” kusho uMnisi.

EzikaMaMkhize ziqale isizini entsha ngebatha zishaywa emidlalweni yayo emibili yokuqala. Izinto zijikile emidlalweni emibili edlule Royal iguqisa iChippa United neChiefs imidlalo ilandelana.

“Ngihlalele ethembeni lokuthi uma sesiqede kuTop 8, angeke kube khona izinkulumo njengoba kwenzekile siqeda esicongweni kuGladAfrica Championship. Okwesibili nginethemba lokuthi abantu angeke basukwe umona bese beqhamuka netulo lokusiphazamisa ekutheni sifeze izinhloso zethu,” kusho uMnisi.

Namanje kusabatshazwa indlela iRoyal ebhozomele ngayo Amakhosi ekubeni ebophele izibabuli ezifana noKeagan Dolly,  uNjabulo Ngcobo, uNjabulo Blom noThabani Dube bonke asebeke bayibamba kuBafana.

“Umphumela womdlalo wethu neChiefs usidwebe sacaca isithombe sokuthi asidlali noma asiphuphi uma sithi sifuna ukuqeda kuTop 8. Angikhumbuli kukhona iqembu elake lavithiza iChiefs ngama-4/1 eFNB Stadium. Sishaye iqembu elikhulu futhi elibophele umqeqeshi oseke wayibamba eqenjini lesizwe. Into enhle wukuthi abadlali bethu bazimisele ukusebenza njengezigqila ukuze baphile njengamakhosi ekugcineni. Sibusisiwe ngokuba nomengameli onjengoShauwn Mkhize. Uma efuna into iyayilwela aphinde ayithole. Lokhu kukodwa kuyabagqugquzela abadlali,” kuqhuba uMnisi.

Ngaphambi kokuqala kwesizini kuke kwabasabalala izinsolo zokuthi abadlali beRoyal AM bahole imiholo ingaphelele kanti abanye balala beyisinyokotho emagumbini okulala awodwa.

See Also

“Amanga akeve endiza. Izinto eziningi ebezishiwo ngathi azizona iqiniso. Kunezinkontileka zemikokotelo esizitholile kodwa besingafuni ukumbula abathize izinqe. Abantu bahlale befuna amacashazi ukuze bezothola okubi ngathi. Konke obekwenzeka sikhethe ukuthatha isinqumo sokuthi sikudingide ngaphakathi. Sidlale umdlalo wokuqala sinezinsuku ezintathu sithenge iCeltic. Yize sidliwe kodwa asizange kabi. Kowesibili sidliwe yiCape Town City ethole isikhathi sonke sokulungiselela isizini entsha. Ngemuva kwemidlalo emibili sihlale phansi nabadlali sabhunga ngezinto eziningi. Sikwazile ukulungisa izingqinamba ebesibhekene nazo. Phela nazo awukwazi ukuzisombulula ngosuku olulodwa,” kucacisa uMnisi.

NgeSonto ngelesi-3 ntambama, iRoyal AM izodudulana neTS Galaxy FC emdlalweni weDStv Premiership.

“Izinkinga zethu sezidlulile manje. Nakanjani bekungeke kubelula ukuhlalisa abadlali esibathenge kuCeltic nalaba ebesikade sivele sinabo. Njengamanje sesibadonse ngendlebe abadlali ukuthi bagxile emsebenzini wabo bakhohlwe ngezinye izinto. IRome ayakhiwanga ngosuku olulodwa. Kuyamangaza ukuthi abantu bagxila ezintweni ezimbi ngaleli qembu ekubeni ngabe balishayela izandla ngoba liphethwe ngumuntu wesifazane owenza izinto zenzeke moma kukubi kanjani,” kusho uMnisi.

Isibabuli seRoyal AM kuvela izindaba zokuthi sizingelwa ngamaqembu amakhulu. “Ngiyezwa nje abantu bethi uLetsoalo ufanelwe yiqembu elikhulu elizomnika itshe lemali. Abantu abangasihambeli phambili, siyacela bakwethu. Sinawo amandla okunika uLetsoalo imali engcono. UHarry Kane usadlala kuTottenham Hotspur namanje. Abantu sebekhulume izinto eziningi ngaye. Kwesinye isikhathi asikho isidingo sokushiya lapho ujabule khona ngoba ujaha amadlelo aluhlaza. Ukujoyina iqembu elisha kusuke kungezi nesiqiniseko sokuthi uzofika wenze kahle. Ngihlale ngibatshela abadlali ukuthi ababenesineke. Sizimisele ukumnika noma yini ayifunayo uLetsoalo. Ngizohlala phansi naye sixoxe ngoba kuyinto enhle ukuthi nathi sinomdlali kuBafana.” kusho uMnisi.

Scroll To Top