Unesifiso sokuhamba ezinyathelweni zabadlali asebengabaqeqeshi
UReneilwe “Yeye” Letsholonyane usanda kumemezela ukuthi usewagaxaba emgibeni amakhokho ngemuva kokuzuza yonke into empilweni yakhe ebholeni eNingimizu Afrika.
Phakathi kwezinto ezinkulu ahlabane ngazo ebholeni kubalwa izicoco ezimbili zeligi, ezintathu zeNedbank Cup nezintathu zeMTN8.
Kwelesizwe udlale imidlalo engama-50 wabhakuzisa enethini amagoli amabili. Ubekhona iBafana iba yizwe lokuqala e-Afrika ukusingatha iNdebe yoMhlaba ngowezi-2010. Akazange asale ngaphandle esikwatini esadlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngowezi-2013 eNingizimu Afrika.
Ekupheleni kwesizini edlule, uYeye uthathe isinqumo sokuyeka ukudlala ibhola. Njengamanje usengumqeqeshi.
Isifiso sakhe wukuhamba ezinyathelweni zabaqeqeshi abafana noZinedine Zidane, Didier Dischamps noJohan Cruffy bonke abagila izimanga njengabaqeqeshi kanjalo njengabadlali.
NgoLwesithathu ekuseni, uthathe isikhathi waxoxa nelaboHlanga.
“Besekuyisikhathi sokuthi ngithi khumu ebholeni. Ngikwenze konke engangikufisa ngisakhula. Iphupho lami kwakuwukudlala ebholeni elikhokhelayo, ngikwenzile lokho. Okwesibili benginephupho lokudlalela iqembu engikhule ngileseka iKaizer Chiefs. Lelo phupho lami lifezekile. Okwesithathu bengifisa ukudlala eqenjini lesizwe. Ngize ngagcina sengimela ngisho izwe lami eNdebeni yoMhlaba. Ngibone kuyisikhathi esihle sokuqala ikhasi lami elisha ebholeni kwezokuqeqesha ngoba ngifuna ukuzuza izinto eziningi njengomqeqeshi. Nami ngisifisa ukufana nezinye izingwazi ezenza kahle njengabaqeqeshi,” kusho uLetsholonyane.
Ngesizini edlule uLetsholonyane ubegijima kwi-TS Galaxy FC. Uqale ukuduma kuJomo Cosmos ngowezi-2006. Ngemuva kwamasizini amabili wathengwa yiKaizer Chiefs.
“Ibhola yinto egijima ngaphakathi emithanjeni yami. Angiboni ukuthi kukhona into engangihlukanisa nebhola. Yize sengiyekile ukudlala kodwa ngisazoqhubeka nokuba yingxenye yebhola. Yingakho ngithathe isinqumo sokwenza izifundo kuzoqeqesha. Njengamanje ngenze i-Uefa B Licence eScotland. Ngiqale ngonyaka odlule. Osekusele manje wukuthi ngithole iqembu engizosebenza nalo ukuze ngithole iziqu zami. Bekungelula kona ikakhulukazi njengoba siphila ngaphansi kwezimo zokhuvethe. Ezinyangeni ezizayo ngizodinga ukuya eScotland ngithole iqembu engizosebenza nalo ukuze ngiphothule iziqu zami ngokuphelele,” kuqhuba uLetsholonyane.
KuMakhosi, udlale iminyaka eyisishiyalombili. Ubengomunye wezithandwa zabalandeli beZimpofana ngenxa yengcwenga yebhola abeyidlala esiswini.
“Lapha ekhaya ngisanda kuphothula iziqu zami zeCaf C Licence. Ngiziphothule ezinyangeni ezimbili ezedlule. Njengamanje sengilinde baqale iCaf B Licence. Okwamanje ngimatasa nePimville Youngsters edlala kuSAB League ngaphansi kukaSafa eGauteng. Into emqoka njengamanje wukuthi ngincela lapho ukuze ngizokhula njengomqeqeshi. Ngifisa ukubonga kakhulu unkosikazi wami (uMpho) obamba elikhulu iqhaza ezintweni engizenzayo. Yingakho nje kubelula ukuqala ukuhlelela impilo ngemuva kwebhola,” kuchaza uLetsholonyane.
Le ngwazi ishade nomethuli wezinhlelo zemidlalo kuthelevishini uMpho Letsholonyane.
Usakaza kuPower FM bese ephinda abengumethuli wezemidlalo kuSuperSport.
“Udumo aluzange lungidide ngoba bengazi ukuthi ngifunani empilweni. Ekugcineni ngiwumuntu njengabobonke abantu ngaphambi kokuthi ngibe ngumdlali webhola. Ukudlala ebholeni elikhokhelayo akuzange kungishintshe njengomuntu. Mhlawumbe ukuba umuntu womndeni kungisizile ngaphokophela phambili ngaphinde ngaqoqeka,” kusho uLetsholonyane.
Amanye amaqembu adlale kuwona kukhona iSuperSport United afike ayisiza yanqoba isicoco seMTN8 neNedbank Cup.
“Akukho engizisola ngakho empilweni yami yebhola. Yebo, bengingathanda ukudlala phesheya kodwa ngikholelwa ekutheni uma into ethizile kumele yenzeke iyenzeka, uma kungamele yenzeke isuke ingeke yenzeke. Ngidlalele iqembu elihlonishwa i-Afrika yonke. Akukho engingazange ngikuzuze neChiefs lapha ekhaya. Isikhathi neChiefs kube yisikhathi esimnandi kakhulu empilweni yami.” kuphetha uLetsholonyane