Now Reading
Abaphikisa iTaliban bathi bakulungele ukukhumelana umlotha
Dark Light

Abaphikisa iTaliban bathi bakulungele ukukhumelana umlotha

Emuva kokududulana , ukufa kwabantu sekukhona ithmba lokuthi isimo sizobuyela kweejwayelekile . Lokhu kulandela ukuphawula komholi weqembu eliphikisayo eAfghanistan nebelidudulana nabezempi beTaliban esigodini iPanjshir enyakatho yeKabul uthe uyazamukela iziphakamiso zabafundi bezenkolo mayelana nesivumelwano okuzoxoxwa ngaso ukuze kuphele impi.

U-Ahmad Massoud oyinhloko yeNational Resistance Front of Afghanistan (NRFA), wenze isimemezelo ekhasini leqembu leFacebook. Phambilini abeTaliban athi ayelwe anqoba  enhlokodolobha yesifundazwe iPanjshir ngemuva kokunqoba izifunda ezakhele le ndawo. I-Islamist Taliban yathatha izintambo kulo lonke elase-Afghanistan emasontweni amathathu edlule, yathatha izintambo eKabul ngoNcwaba ziyi-15 ngemuva kokuwa kukahulumeni waseNtshonalanga kwathi uMengameli u-Ashraf Ghani wabaleka ezweni.

Phambilini abezindaba base-Afghanistan babike ukuthi izifundiswa zezenkolo zinxuse iqembu leTaliban ukuthi lamukele isivumelwano sokuxoxiswana ukuze kuqedwe impi ePanjshir. Akubanga nampendulo esheshayo evela kwiTaliban.

UMassoud, ohola ibutho elenziwe ngezinsalela zamasosha avamile e-Afghanistan namabutho akhethekile kanjalo namasosha endawo, ucele ukuthi kuxoxiswane neTaliban ngaphambi kokuba kuqale impi esontweni eledlule.

See Also

Kwenziwe imizamo eminingana ezingxoxweni kodwa zagcina zibhidlikile, uhlangothi ngalunye lusola olunye ngokwehluleka kwazo. Okhulumela abeTaliban, uBilal Karimi, uthe ngeSonto amasosha abo abengene enhlokodolobha yesifundazwe iBazarak futhi asethathe inqwaba yezikhali nezinhlamvu.

Ngaphansi kukayise kaMassoud ongasekho, u-Ahmad Shah Massoud, lesi sifunda sahlala isikhathi eside simelana nokulawulwa yibutho lamaSoviet elalihlasela kanye nohulumeni waseTaliban owawuphethe phambilini kusuka ngonyaka we-1996 kuya kowezi-2001.

Scroll To Top